22.12.18

Zulu Gospel Music "Babusisiwe Labo Abemukela Umsebenzi KaNkulunkulu Omusha"


Zulu Gospel Song "Babusisiwe Labo Abemukela Umsebenzi KaNkulunkulu Omusha" Ihubo

I Babusisiwe bonke labo abakwazi ukulalela amazwi amanje kaMoya oNgcwele. Kungakhathaleki ukuthi babenjani, noma ukuthi iMoya oNgcwele wayesebenza kanjani phakathi kwabo, labo abazuze umsebenzi wakamuva ngababusiswe kakhulu. Namuhla, labo abangakwazi ukulandela umsebenzi wakamuva bayosuswa. UNkulunkulu ufuna labo abangemukela ukukhanya okusha, nalabo abemukela futhi abazi umsebenzi Wakhe wakamuva.
II Intombi emsulwa ingafuna, intombi emsulwa ingafuna umsebenzi kaMoya oNgcwele; ingemukela izinto ezintsha, futhi iyeke imibono emidala, bese ilalela umsebenzi kaNkulunkulu namuhla, ilalele umsebenzi kaNkulunkulu namuhla. Laba bantu, abemukela umsebenzi omusha kakhulu wanamuhla,
III bagcotshwa nguNkulunkulu ngaphambi komhlaba, futhi bangababusiswe kakhulu. Uzwa izwi likaNkulunkulu, futhi ubona ukubonakala Kwakhe. Ngakho, kuzo zonke izikhathi nezizukulwane, futhi kulo lonke izulu nomhlaba, akekho obusiseke kakhulu kunani, leli qembu labantu. kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha
Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile. Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana