8.11.18

Zulu Gospel Song “Umsebenzi KaNkulunkulu Uqhubekela Phambili”


Zulu Gospel Song “Umsebenzi KaNkulunkulu Uqhubekela Phambili” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
Umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekela phambili;
Nakuba inhloso isele ingaguqukile,
indlela yomsebenzi Wakhe ilokhu iguquka,
futhi kuba njalo nakulabo abamlandelayo.
Ukwanda komsebenzi owenziwa nguNkulunkulu,
kwandisa ukwazi kumuntu, amazi ngokuphelele,
kwande ukuguquka kwesimo somuntu
ngokuhambisana nomsebenzi Wakhe.
Umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekela phambili;
Umsebenzi Wakhe awugugi futhi uhlale umusha.
Akawuphindi neze umsebenzi wakudala,
azokwenza kuphela umsebenzi ongakaze wenziwe.
II
UNkulunkulu akaqhubi umsebenzi ofanayo;
uhlala uguquka futhi uhlala umusha.
Kuyefana nokuthi uNkulunkulu ukhuluma amazwi amasha
futhi wenza umsebenzi omusha nsuku zonke kuwe.
Yilona umsebenzi uNkulunkulu awenzayo;
Isihluthulela sakho “ukumangalisa”, “ukumangalisa” kanye “nobusha.”
“UNkulunkulu akaguquki futhi uyohlala enguNkulunkulu.”
Lesi yisisho esiyiqiniso impela.
Umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekela phambili;
Umsebenzi Wakhe awugugi futhi uhlale umusha.
Akawuphindi neze umsebenzi wakudala,
azokwenza kuphela umsebenzi ongakaze wenziwe.
III
Kodwa njengoba umsebenzi kaNkulunkulu uhlala uguquka,
kulabo abangawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele,
nabantu abayiziwula abangalazi iqiniso,
bagcina bengabaphikisi bakaNkulunkulu.
Ingqikithi kaNkulunkulu ayisoze yaguquka;
uNkulunkulu uhlala enguNkulunkulu futhi akasoze abe nguSathane.
Kodwa lokhu akusho ukuthi umsebenzi Wakhe awuguquki,
nokuthi awuguquki njengengqikithi Yakhe.
Wena uthi uNkulunkulu akaguquki nhlobo,
kodwa ukuchaza kanjani ukuthi “awusoze waguga, uhlala umusha?”
Umsebenzi kaNkulunkulu uhlala wanda futhi uguquka,
Ukhombisa intando Yakhe ayenze yaziwe kubantu futhi.
Umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekela phambili;
Umsebenzi Wakhe awugugi futhi uhlale umusha.
Akawuphindi neze umsebenzi wakudala,
azokwenza kuphela umsebenzi ongakaze wenziwe.
azokwenza kuphela umsebenzi ongakaze wenziwe.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangenisi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo konoma iyiphi inhlangano yesithathu futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo. 

Awekho amazwana:

Thumela amazwana