27.4.18

South African Gospel Song “Ukubaluleka Kokuphatha KukaNkulunkulu Isintu”




South African Gospel Song “Ukubaluleka Kokuphatha KukaNkulunkulu Isintu”
I
Ukuphatha kukaNkulunkulu ngokokuzuza isintu esimkhulekelayo nesilalelayo.
Nakuba bonakaliswe nguSathane, abasambizi ngobaba, abasambizi.
Ukuphatha kukaNkulunkulu ngokokuzuza isintu esimkhonzayo nesimlalelayo.
Nakuba bonakaliswe nguSathane, abasambizi ngobaba, abasambizi;
bayabazi ububi bukaSathane, ngakho bayamchitha, ngakho bayamchitha.
Beza phambi kukaNkulunkulu, bemukela ukusolwa nokwahlulelwa.
Bayakwazi okubi, nalokho okungcwele, okungcwele.
Futhi bayabazi ubukhulu bukaNkulunkulu, nobubi bukaSathane.
II
Isintu esifana nalesi ngeke sisasebenzela uSathane,
ngeke sisamkhonza, ngeke sisamkhonza,
ngeke sisamenzela imihlatshelo.
Ngoba laba ngabantu asebezuzwe nguNkulunkulu ngokweqiniso,
abantu uNkulunkulu asebatholile.
Yingakho uNkulunkulu ephatha umuntu.
Ngoba laba ngabantu asebezuzwe nguNkulunkulu ngokweqiniso,
abantu uNkulunkulu asebatholile.
Yingakho uNkulunkulu ephatha umuntu.
III
Ekuphatheni kukaNkulunkulu kwalesi sikhathi, umuntu uyinjongo yokonakaliswa nguSathane,
uyinto yokusindiswa uNkulunkulu nalokho uNkulunkulu noSathane abakulwelayo.
Endleleni yomsebenzi kaNkulunkulu,
Ukhipha abantu isinyathelo ngesinyathelo ekubanjweni nguSathane.
Umuntu ube esesondela kakhudlwana kuNkulunkulu…
Ngoba laba ngabantu asebezuzwe ngokweqiniso nguNkulunkulu,
abantu uNkulunkulu asebatholile.
Yingakho uNkulunkulu ephatha umuntu.
Ngoba laba ngabantu asebezuzwe ngokweqiniso nguNkulunkulu,
abantu uNkulunkulu asebatholile.
Yingakho uNkulunkulu ephatha umuntu.
Yingakho uNkulunkulu ephatha umuntu.
Yingakho uNkulunkulu ephatha umuntu.
Umthombo Izwi Livela Lisenyameni
Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana