4.4.18

Christian Movie "Umlando Wokuhlushwa Ngenxa Yenkolo eChina" (Zulu Documentary)




Selokhu lathatha izintambo Ezweni laseChina ngo-1949, iqembu iChinese Communist Party alikaze liyeke ukuhlupha abantu abakholwayo. Libophe futhi labulala amaKristu ngokuzimisela okukhulu, laxosha futhi lahlukumeza amamishinari asebenza eChina, lashaqa futhi lashisa inqwaba yamakhophi eBhayibheli, lavala futhi lacekela phansi amasonto, futhi ngaphandle kwempumelelo lazama ukuqeda onke amandla akhonzela ezindlini. Iminyaka edlule nayo ibhekane nokwandakwezinqubo mgomo ezethulwe uhulumeni we-CCP ngenhloso yokwenza ubuKristu bube “Isono”. Izinkulungwane zeziphambano zasemabandleni zacekelwa phansi, amasonto amaningi abhidliziwe, futhi kunesibalo esikhulu samaKristu emasontweni asezindlini ababoshiwe futhi bahlushwa. Amabandla amaKristu aseChina abhekana nokuhlushwa ngonya nokuchithwa kwegazi …
Le dokhumenthari ikhiqize kabusha ngokwethembeka nangaphandle kokuchema izimo zangempela zokuhlushwa amaKristu aseChina abhekane nakho ezandleni zikahulumeni we-CCP. AmaKristu ahlushwayo efilimini angabantu basemagatsheni nasemahlelweni ahlukene abafune iqiniso, nabazwile iphimbo likaNkulunkulu futhi ngalokho babuyela kuNkulunkulu uSomandla. Bahambe ngendlela yokuphila efanele, kepha ngokuzimisela okukhulu baboshwa uhulumeni we-CCP. Abanye babo baboshwa, abanye bahlushwa nganoma iyiphi indlela, abanye baphila impilo yokubaleka behlukene nabayeni noma abafazi babo nezingane zabo, futhi abanye balinyaziwe noma babulawa ngokuphathwa kabi. Le dokhumenthari eqoshwe ngobuchuke izama ukwakha kabusha okwenzeka ngempela ngaleso sikhathi, futhi iveze ngokunzulu ukwanda ngokusobala kwezinkolelo kanye namalungelo esintu samaKristu aseChina. Iyifasitela lokuqonda izimpilo zangempela zamaKristu aseChina kanye nemindeni yamaKristu, kanjalo nombukiso—ongavamile kuleminyaka yakamuva—walokho amaKristu aseChinaababhekane nakho nakuzwayo,ahlushwa ngenxa yokukholwa kwawo.

UnyaziLwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana