29.1.18

Isahluko 15

 Umehluko omkhulu phakathi kukaNkulunkulu nomuntu ukuthi amazwi kaNkulunkulu njalo ashaya emhloleni, futhi akukho okufihlakele. Ngakho le ngxenye yesimo sikaNkulunkulu ingabonakala emazwini okuqala anamuhla. Enye ingxenye ukuthi adalula isimo sangempela somuntu, kanti esinye ingxenye ukuthi aveza ngokusobala isimo sikaNkulunkulu. Lezi yizinto ezimbili amazwi kaNkulunkulu akwazi ukufeza ngazo imiphumela. Nokho, abantu abakuqondi lokhu, bahlala nje bezazi bona emazwini kaNkulunkulu kodwa abakaze “bamcubungule” uNkulunkulu. Kuba sengathi besaba ngokujulile ukumcasula, ukuthi uNkulunkulu uzobabulala “ngokucophelela” kwabo. Empeleni, lapho abantu abaningi bedla futhi bephuza izwi likaNkulunkulu, kuba ukusuka engxenyeni engenhle, hhayi engxenyeni enhle. Kungashiwo ukuthi abantu manje sebeqalile “ukunaka ukuthobeka nokulalela” ngaphansi kokuqondisa kwamazwi Akhe. Kungabonakala kulokhu ukuthi abantu sebeqalile ukweqisa baye kolunye uhlangothi, basuke ekungawanakini amazwi Akhe baye ekunakeni ngokweqile amazwi Akhe. Nakuba kunjalo akaze abe khona umuntu oke wangena esuka engxenyeni enhle, futhi akaze abe khona umuntu oke waqonda ngempela umgomo kaNkulunkulu wokuba umuntu anake amazwi Akhe. Kwaziwa ngokwalokho uNkulunkulu akushoyo ukuthi akadingi ukuzibonela ukuphila kwebandla ukuze akwazi ukuqonda izimo zangempela zabo bonke abantu ebandleni, ngokunembayo nangokungenaphutha. Ngenxa yokuthi kusanda kungenwa endleleni entsha, kusadingeka ukuthi bonke abantu balahle ngokuphelele izici zabo ezimbi; iphunga lezidumbu lisagcwele lonke ibandla. Kusengathi abantu basanda kuthatha umuthi futhi basadidekile, futhi abakaphaphami ngokugcwele. Kusengathi basasongelwa ukufa, okwenza ukuthi belokhu bephakathi kokwesaba kwabo futhi bangabi ngaphezu kwabo. “Umuntu yisidalwa esingazazi”: La mazwi asashiwo ngokusekelwe endleleni yokwakhiwa kwebandla. Ebandleni, nakuba wonke umuntu enaka amazwi kaNkulunkulu, imvelo yabo isagxile ngokujulile futhi abakwazi ukuzikhipha. Yingakho uNkulunkulu esebenzisa indlela yokukhuluma esesigabeni sokugcina ukwahlulela abantu ukuze bamukele ukushaya kwamazwi kaNkulunkulu ngenkathi benokuzazisa kakhulu. Nakuba abantu bebhekane nokucwengwa izinyanga ezinhlanu emgodini ongenamkhawulo, isimo sabo esingokoqobo sisengesokungamazi uNkulunkulu. Basalokhu benokuzitika—sebemane bandisa ngandlela-thile ukuxwaya kwabo uNkulunkulu. Kukulesi sinyathelo kuphela lapho abantu beqala khona ukungena endleleni yokwazi amazwi kaNkulunkulu, ngakho lapho bekuxhumana nengqikithi yamazwi kaNkulunkulu, akunzima ukubona ukuthi isinyathelo esedlule somsebenzi sivule indlela yesanamuhla, futhi kunamuhla kuphela lapho yonke into isimukeleka. Ubuthakathaka obubulalayo babantu ukuthanda ukwehlukanisa uMoya kaNkulunkulu nenyama Yakhe ukuze bathole inkululeko yabo siqu, bagweme ukuhlala belawulwa. Kungenxa yalokhu uNkulunkulu echaza umuntu njengezinyoni ezincane ezindizandiza ngokujabula. Lesi yisimo sangempela saso sonke isintu. Yilokhu okwenza kube lula kakhulu ukuwisa bonke abantu, okwenza kule lula kakhulu ngabo ukuba balahleke. Kungabonakala kulokhu ukuthi umsebenzi owenziwa uSathane esintwini awukho ngaphezu kwalokhu. Lapho uSathane enza lokhu ngokwengeziwe kubantu, ziqina kakhudlwana izindinganiso zikaNkulunkulu kubo. Udinga abantu ukuba banake amazwi Akhe kanti uSathane usebenza kanzima ukubhihliza lokho. Nokho, uNkulunkulu njalo ubekhumbuza abantu ukuba banake ngokwengeziwe amazwi Akhe; lona ngumvuthwandaba wempi yasezweni lomoya. Kungabekwa ngale ndlela: Lokho uNkulunkulu afuna ukukwenza kumuntu kuyilokho uSathane afuna ukukubhidliza, futhi lokho uSathane afuna ukukubhidliza kubonakaliswa ngomuntu kungafihlwa nakancane. Lokho uNkulunkulu akwenzayo kubantu kubonakaliswa ngokucacile—izimo zabo ziya ngokuba ngcono. Ukubhidliza kukaSathane isintu nakho kubonakala ngokucacile—siya ngokuba sibi ngokuqhubekayo futhi izimo zaso ziya ngokwehla njalo. Uma siba bucayi ngokwanele, bangathunjwa uSathane. Lesi yisimo esingokoqobo sebandla esivezwe emazwini kaNkulunkulu, futhi kuphinde kube yisimo esingokoqobo ezweni lomoya. Kuwukubonakaliswa kwamandla ezweni lomoya. Uma abantu bengenaso isibindi sokubambisana noNkulunkulu, basengozini yokuthunjwa uSathane. Lokhu kuyiqiniso. Uma umuntu ekwazi ngempela ukunikela ngokugcwele inhliziyo yakhe kuNkulunkulu ukuba ahlale kuyo, lokho kuba njengoba uNkulunkulu eshilo: “phambi Kwami kube sengathi uyalala esifubeni Sami, enambitha imfudumalo yokumgona Kwami.” Lokhu kubonisa ukuthi izimfuneko zikaNkulunkulu esintwini eziphakeme—umane ufuna ukuba basukume futhi babambisane Naye. Ingabe lokhu kuyinto elula nejabulisayo? Yile nto eyodwa nje kuphela edida onke amaqhawe? Kube sengathi ojenene enkundleni yempi benziwe ukuba bahlale e-xiu lou[a] benze izindwangu ezifekethisiwe—lawa “maqhawe” axhakathiswe ubunzima futhi akazi okufanele akwenze.

  Kunoma iyiphi ingxenye yezindinganiso zikaNkulunkulu esintwini ibaluleke kakhulu, okusho ukuthi ukuhlasela kukaSathane isintu kuzoba kukhulu kakhulu kuleyo ngxenye, futhi izimo zabo bonke abantu zivezwa kulokhu. “…kini enimi phambi Kwami, ubani ongaba mhlophe njengeqhwa, angabi nabala njenge-jade?” Bonke abantu basakhohlisa futhi bafihla okuthile kuNkulunkulu; selokhu baqhubeka nezinto zabo siqu ezehlukile ezingezinhle. Abakazinikeli ngokuphelele izinhliziyo zabo ezandleni zikaNkulunkulu ukuze bamenelise, kodwa bafuna ukuzuza imivuzo Yakhe ngentshiseko yabo siqu. Lapho abantu benesidlo esimnandi, uNkulunkulu bammisa ngakolunye uhlangothi, bamshiye esemseni wabo. Lapho abantu benezingubo ezinhle, bamane bame phambi kwesibuko bajabulele ukuzibuka ubuhle babo, futhi bangamanelisi uNkulunkulu ngokusuka ekujuleni kwezinhliziyo zabo. Lapho bephakanyisiwe, lapho benenjabulo yokunethezeka, bamane bahlale ezikhundleni zabo futhi baqale ukuzijabulela, kodwa abazithobi ngokuphakanyiswa uNkulunkulu. Kunalokho, bema endaweni yabo ephakeme basebenzise amagama okubukisa kwabo futhi bangakunaki ukuba khona kukaNkulunkulu, futhi abazikhathazi ngokwazi ukuba yigugu kukaNkulunkulu. Lapho abantu benezithixo ezinhliziyweni zabo noma lapho izinhliziyo zabo zibanjwe ngothile, basuke sebebuphikile kakade ubukhona bukaNkulunkulu, futhi kuba sengathi uNkulunkulu ungumgxambukeli ezinhliziyweni zabo. Besaba ngokujulile ukuthi uNkulunkulu uzokweba uthando lwabanye abantu ngabo futhi bazozizwa benesizungu. Ngokwenjongo kaNkulunkulu, ngeke kube nalutho emhlabeni olungenza abantu banganaki uNkulunkulu; ngisho nothando oluphakathi kwabantu ngeke lukwazi ukususa uNkulunkulu kulolo “thando.” Zonke izinto zasemhlabeni azilutho, ngisho nemizwa ephakathi kwabantu ngeke ibonakale noma ithintwe. Ngaphandle kobukhona bukaNkulunkulu, zonke izidalwa zingaphindela ekubeni yize. Emhlabeni, bonke abantu banezinto zabo abazithandayo, kodwa akekho umuntu owenze amazwi kaNkulunkulu aba yileyo nto abayithandayo. Lokhu kunquma izinga lokuqonda kwabantu amazwi kaNkulunkulu. Nakuba amazwi Akhe enendluzula, awabalimazi abantu ngoba abawalaleli ngobuqotho amazwi Akhe, kunalokho baqhubeka bewabheka njengembali. Abawathathi njengezithelo abangazinambitha, ngakho abayazi ingqikithi yamazwi kaNkulunkulu. “Uma abantu bebekwazi ngempela ukubona ubukhali benkemba Yami, bebeyobalekela emigodini yabo njengamagundane.” Bekhuluma ngokusekelwe esimweni somuntu ovamile, ngemva kokufunda amazwi kaNkulunkulu bazomangala, bagcwale amahloni, futhi bangakwazi ukubheka abanye. Kodwa manje abantu bangokuphambene nje—basebenzisa amazwi kaNkulunkulu njengento yokushaya abanye. Empeleni abanamahloni!
 Singeniswe kulesi simo kanye namazwi kaNkulunkulu: “Embusweni, akuphumi kuphela amazwi emlonyeni Wami, kodwa izinyawo Zami zinyathela ngeqholo yonke indawo emhlabeni.” Empini ephakathi kukaNkulunkulu noSathane, uNkulunkulu uyaphumelela kuzo zonke izinyathelo. Ukhulisa umsebenzi Wwakhe ngezinga elikhulu kuyo yonke indawo, futhi kungathiwa izinyathelo Zakhe zikuyo yonke indawo, kanti izimpawu zokunqoba Kwakhe zibonakala kuyo yonke indawo. Emaqhingeni kaSathane, afuna ukubhidliza ukuphatha kukaNkulunkulu ngokwehlukanisa amazwe, kodwa uNkulunkulu usebenzise lokhu ukuze ahlele kabusha indawo yonke, kodwa hhayi ukuyishabalalisa. UNkulunkulu wenza okuthile okusha nsuku zonke kodwa abantu bebangakuqapheli. Abantu abawanaki amandla ezwe lomoya, ngakho abakwazi ukubona umsebenzi omusha kaNkulunkulu. “Emkhathini, yonke into iba yintsha ekukhanyeni kwenkazimulo Yami, iveza ingxenye ethokomalisa inhliziyo ejabulisa kakhulu imizwa ivuselele nomoya, kube sengathi manje isihlala ezulwini ngaphezulu kwamazulu, njengoba kucatshangwa umcabango wabantu, kungahlushwa uSathane, kukhululekile ekuhlaselweni izitha ezingaphandle.” Lokhu kubikezela isimo esijabulisayo sombuso kaKristu emhlabeni, futhi kuphinde kwethule isimo sezulu lesithathu esintwini: Lapho kukhona kuphela izinto ezingcwele zikaNkulunkulu okungekho noma yikuphi ukuhlaselwa amabutho kaSathane. Kodwa okubaluleke kakhulu ukuvumela abantu ukuba babone izimo zomsebenzi kaNkulunkulu uqobo emhlabeni: Izulu liyizulu elisha, futhi ngemva kwalokho umhlaba nawo wenziwa ube musha. Ngenxa yokuthi kuwukuphila ngaphansi kokuqondiswa uNkulunkulu, abantu bonke banenjabulo engenakulinganiswa. Ngokwazi kwabantu, uSathane uyisiboshwa sesintu futhi abasenalo nhlobo itwetwe noma ukwesaba ukuba khona kwakhe. Ngenxa yomyalelo oqondile kanye nesiqondiso sobunkulunkulu, amaqhinga kaSathane onke asaphenduke aba yize, lokho okubonisa nokuthi akasekho, ukuthi useqothulwe umsebenzi kaNkulunkulu. Kungakho kuthiwa… “uphila ezulwini elingaphezu kwamazulu.” Lokho uNkulunkulu akusho: “Akukho ukuphazamiseka okube khona, futhi ubunye bomkhathi abukaze bunqamuke,” kwakumayelana nesimo sezwe lomoya. Kuwubufakazi lobo uNkulunkulu amemezela ngabo ukunqoba uSathane, futhi kuwuphawu lokunqoba kokugcina kukaNkulunkulu. Akekho umuntu ongaguqula umqondo kaNkulunkulu, futhi akekho ongawazi. Nakuba abantu sebewafundile amazwi kaNkulunkulu futhi bawahlola ngokucophelela okukhulu, kungakhathaleki ukuthi kwenzekani, abakwazi ukusho ukuthi iyini ingqikithi yawo. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wathi: “Ngikhipha amagxathu andizayo ngaphezu kwezinkanyezi, futhi uma ilanga likhipha imisebe yalo, ngivimba ukufudumala kwayo esibhakabhakeni, ngikhiphe iziwombe ezinkulu zokukhithika kweqhwa okukhulu njengezimpaphe zehansi eziphuma ezandleni Zami. Kodwa uma ngiguqula umqondo Wami, lonke iqhwa lincibilikela emfuleni. Ngokuphazima kweso intwasahlobo ibe isifikile kuyo yonke indawo ngaphansi kwesibhakabhaka, bese uhlaza olucwebile luguqula konke emhlabeni.” Nakuba abantu bekwazi ukucabanga ngala mazwi ezingqondweni zabo, injongo kaNkulunkulu ayilula kangako. Lapho wonke umuntu ongaphansi kwezulu edidekile, uNkulunkulu ukhipha izwi lensindiso, aphaphamise izinhliziyo zabantu. Kodwa ngenxa yazo zonke izinhlekelele ezenzekayo, bezwa ukuhlubula kwezwe ngakho bonke bafuna ukufa futhi basemihumeni ebanda kakhulu, eneqhwa. Baqhuqhiswa amakhaza eziphepho zeqhwa ezinkulu kangangokuthi ngeke bakwazi ukuphila ngoba akukho ukufudumala emhlabeni. Kungenxa yokukhohlakala kwabantu ukuthi abantu babulalane ngonya oluya ngokuya lukhula. Futhi ebandleni, iningi labantu lizogwinywa udrako omkhulu obomvu ngokugwinya okukodwa. Ngemva kokuba zonke izilingo sezedlulile, iziphazamiso zikaSathane zizosuswa. Umhlaba wonke, phakathi noguquko, uzosibekelwa yintwasahlobo nokufudumala kuyomboza umhlaba. Umhlaba uzogcwala umdlandla. Lezi yizo zonke izinyathelo zohlelo lonke lokuphatha. Ukubaluleka “kobusuku” uNkulunkulu akhulume ngabo bubhekise esikhathini lapho ukuhlanya kukaSathane kufika kumvuthwandaba wako, okuyoba ngesikhathi sobusuku. Ingabe leso akusona isimo samanje? Nakuba abantu bonke bephila ngaphansi kokuqondiswa ukukhanya kukaNkulunkulu, babhekene nosizi lobumnyama bobusuku. Bazophila phakade phakathi kobumnyama bobusuku uma bengagqashuli emaketaneni kaSathane. Ake nibheke amazwe omhlaba: Ngenxa yezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, amazwe emhlabeni “ehla enyuka,” futhi onke azifunela isiphetho sawo esikahle. Ngenxa yokuthi usuku lukaNkulunkulu alukafiki, emhlabeni yonke into iselokhu isesimweni sokuyaluza okungacacile. Lapho uNkulunkulu evela obala endaweni yonke, inkazimulo Yakhe izogcwala iNtaba yaseSiyoni bese zonke izinto zihleleke futhi zihlanzeke ngaphansi kokuhlelwa kwezandla Zakhe. Amazwi kaNkulunkulu awakhulumi nje kuphela ngenamuhla kodwa aphinde abikezele ikusasa. Inamuhla liyisisekelo sekusasa, ngakho abantu kulesi simo samanje abakwazi ukuqonda ngokuphelele amazwi kaNkulunkulu. Kuyoba kuphela ngemva kokuba amazwi Akhe esegcwaliseke ngokuphelele lapho beyokwazi khona ukuwaqonda ngokuphelele.
 UMoya kaNkulunkulu ugcwalisa wonke umkhathi osendaweni yonke kodwa futhi usebenza ngaphakathi kwabo bonke abantu. Ngale ndlela, ezinhliziyweni zabantu kusengathi isimo sikaNkulunkulu sikuyo yonke indawo, futhi yonke indawo inawo umsebenzi woMoya Wakhe. Empeleni, ukubonakala kukaNkulunkulu enyameni kuwukunqoba lezi zibonelo zikaSathane bese ezithola ekugcineni. Kodwa ngenkathi esebenza enyameni, uMoya nawo ubambisana nenyama ukuze uguqule laba bantu. Kungathiwa izenzo zikaNkulunkulu zenabela kuwo wonke umhlaba nokuthi uMoya Wakhe ugcwalisa yonke indawo, kodwa ngenxa yezinyathelo zomsebenzi Wakhe, labo abenza okubi abakakajeziswa, ngenkathi labo abenza okuhle bengakatholi umvuzo wabo. Ngakho, izenzo Zakhe azikaziswa abantu bonke emhlabeni. UNkulunkulu ungaphezulu nangaphakathi kwazo zonke izinto, futhi ngaphezu kwalokho, uphakathi kwabo bonke abantu. Lokhu kwanele ukubonisa ukuba khona kwangempela kukaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi akakaveli obala esintwini, abantu sebenokukhohliswa okunjengokuthi: “Ngokwabantu, kwesinye isikhathi ngifihlekile kanti kwesinye ngiyabonakala; ngibonakala sengathi ngikhona ngempela, kodwa kokunye angikho.” Kuze kube manje, kubo bonke labo abakholwa kuNkulunkulu, akekho noyedwa, oqiniseka ngokuphelele ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela. Bonke banokungabaza kwezingxenye ezintathu bese beba nokukholwa kwezingxenye ezimbili. Lesi yisimo sangempela sesintu. Abantu manje bonke basesimweni esilandelayo: Bakholwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, kodwa abakaze bambone. Noma, abakholwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, kodwa kunobunzima obuningi obungeke buxazululwe isintu. Kubonakala sengathi njalo kunokuthile okubathandelayo abangeke bakubalekela. Ngisho nakuba bekholelwa kuNkulunkulu, kubonakala sengathi njalo bazizwa benokungaqondi okuncane. Kodwa uma bengakholwa, bazokwesaba ukulahlekelwa uma kuyiqiniso ngempela. Yilokhu ukudideka kwabo.
 “Ngenxa yegama Lami, ngenxa yoMoya Wami, ngenxa yalo lonke uhlelo Lwami lokuphatha – ubani ozokwazi ukunikela amandla akhe onke asemzimbeni wakhe?” Waphinde futhi wathi: “Namuhla, lapho umbuso usemhlabeni wabantu, yisikhathi engize ngaso mathupha emhlabeni wabantu. Ngabe ukhona ongaba nesibindi angene empini egameni Lami?” Umgomo wamazwi kaNkulunkulu yilo: Ukube bekungeyena uNkulunkulu osenyameni enza ngokuqondile umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu, noma ukube bekungeyena uNkulunkulu esenyameni kodwa esebenza ngabefundisi, uNkulunkulu ubengeke akwazi ukunqoba udrako omkhulu obomvu, futhi ubengeke akwazi ukubusa njengeNkosi phakathi kwesintu. Isintu besingeke sikwazi ukwazi uNkulunkulu uqobo ngokwakhe ongokoqobo, ngakho bekusazolokhu kubusa uSathane. Ngakho, lesi sigaba somsebenzi kufanele senziwe uNkulunkulu mathupha esemzimbeni wenyama. Ukube inyama yaguqulwa ngaleso sikhathi lesi sigaba sohlelo besingeke sipheleliswe ngenxa yokuthi ukubaluleka kanye nengqikithi yenyama eyehlukile akufani. Abantu bangaqonda kuphela incazelo esobala yala mazwi ngenxa yokuthi uNkulunkulu uqonda umsuka. UNkulunkulu uthe: “Kodwa uma sekwenzekile konke, akekho oqondayo ukuthi ngabe lokhu kungumsebenzi kaMoya, noma ngumsebenzi wenyama. Lokhu kukodwa kwanele ukuthi umuntu abone imininingwane yomzuzu ekuhambeni kwempilo.” Abantu baqhubekile nokonakaliswa nguSathane iminyaka eminingi, futhi sekukade balahlekelwa umbono wezindaba zikakomoya. Ngalesi sizathu umusho owodwa nje wamazwi kaNkulunkulu ufana nedili emehlweni abantu. Ngenxa yebanga phakathi koMoya kanye nemimoya, bonke labo abakholelwa kuNkulunkulu banomuzwa wokumlangazelela, futhi bonke bafuna ukuba seduze futhi bathululele izinhliziyo zabo, kodwa abanakulokotha bezoxhumana Naye, futhi bavele bahlale benokwesaba. Lawa ngamandla okudonsa abantu oMoya. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wokuthi abantu bathande, futhi kuye kukhona izinto eziningi zokuba bathande, abantu bonke bamthanda futhi bonke bafuna ukuthululela Yena izifuba zabo. Eqinisweni, wonke umuntu unenhliziyo yokuthanda uNkulunkulu, ngukuphazamisa kukaSathane nje okwenze abantu abandikindiki, abayiziwula, abadabukisayo bangakwazi ukwazi uNkulunkulu. Yingakho uNkulunkulu akhuluma ngemizwa yangempela yesintu ngoNkulunkulu: “Umuntu akakaze angenyanye ekujuleni kwenhliziyo yakhe; kodwa ubambelela Kimi ekujuleni komoya wakhe… Uqobo Lwami lwenza umuntu aphelele amandla, ashaqeke futhi adideke, kodwa yize kunjalo uzimisele ukukwamukela konke.” Lesi yisimo esingokoqobo ekujuleni kwezinhliziyo zalabo abakholwa kuNkulunkulu. Lapho abantu bemazi ngempela uNkulunkulu ngokwemvelo bazoba nesimo sengqondo esehlukile ngaye, futhi bazokwazi ukusho izindumiso ezivela ekujuleni kwezinhliziyo zabo ngenxa yomsebenzi womoya. UNkulunkulu ujulile emimoyeni yabantu bonke, kodwa ngenxa yokonakaliswa uSathane baphambanise uNkulunkulu noSathane. UNkulunkulu namuhla usebenza kusukela kulesi ngxenye kanye, futhi lokhu bekuyinjongo yempi endaweni yomoya kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni.
  Imibhalo yaphansi:
 a. I-xiu lou kwakuyindawo eyayisetshenziswa ngokukhethekile abasifazane basendulo eShayina ukwenza izindwangu ezifekethisiwe.

Kucashunwe encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ukufunda Okuhambelanayo: Unyazi Iwasempumalanga

Awekho amazwana:

Thumela amazwana