13.1.18

Isahluko 35

umsebenzi kaNkulunkulu,intando kaNkulunkulu

Ngiqalile ukwenza umsebenzi Wami kubantu, ngokubavumela ukuthi bahlale emfuleni owodwa Nami. Ngizowuqeda ngisenabo umsebenzi Wami, ngoba bayilokho engikulawulayo ohlelweni lonke lokuphatha Kwami—futhi kuyisifiso Sami ukuthi babe ngongqo-shishilizi ezintweni zonke. Ngakho ngiyaqhubeka nokuhamba phakathi kwabo. Njengoba abantu bengena kanye Nami enkathini yamanje, ngizwa ngikhululeka, ngoba ijubane lomsebenzi Wami lithe ukuphakama. Bazokwenzanjani laba bantu ukuthi bahambisane Nami? Sengenze umsebenzi omningi kubantu abathi zonke izinto kazilungi kanye nalabo ababuthuntu ngokuhlakanipha, kanti abakazuzi lutho ngokuthi abangenameli futhi abangithandi. Sengihlalile phakathi kwabo bonke abantu futhi ngaqaphela ukunyakaza kwabo ngaphezulu kanye nangaphansi kwenhlabathi. Bonke labo abathatha uhlangothi “lwabantu” bamelana Nami, kungathi “ukumelana Nami” kusohlwini lwemisebenzi okumele bayenze. Kubukeka sengathi abazange bawenze lo msebenzi, emva kwalokho bazoba njengentandane engenakhaya, engathathwanga muntu ukuhlala nayo. Nokho, angibagwebi abantu ngokungemthetho ngokulandela izenzo zabo kanye nokuziphatha kwabo. Kunalokho, ngiyabesekela ngibahlinzeke ngokobunjalo babo. Ngokuthi abantu yibo ababalulekile ohlelweni lonke lokuphatha Kwami, nginikela isiqondiso esengeziwe kulabo abadlala indawo “yobuntu” ukuze bayidlale ngenhliziyo ephelele kanye nangekhono labo lonke, ukuze lo mdlalo engingumqondisi wawo ube yimpumelelo ngokuphelele. Yisona isicelo Sami lesi kubantu. Ngabe ngaphandle kwalo mkhuleko, abazukwazi ukubamba iqhaza labo ngendlela abazokwazi ngayo? Ngingakwazi yini ukufinyelela kulokho abantu abangicela khona, kodwa bona bangakwazi ukufinyelela kulokho engibacela khona? Ngeke kwashiwo ukuthi ngiyabacindezela abantu ngamandla Ami. Yisicelo Sami sokugcina lesi: Ngibacela ngokwethembeka konke Kwami nangobuqotho Bami. Ingabe ngempela abakwazi ukwenza engibacela khona? Eminyakeni eminingi bengiphana ebantwini, kepha angitholanga lutho ngalokho. Ngubani oke wangipha utho oluthile? Ngabe igazi Lami, umjuluko, nezinyembezi Zami kufana namafu ezintabeni? Ngibaphile abantu “imijovo” izikhathi eziningi, futhi ngibatshele izimfuneko Zami kubo abazifinyelelanga. Kungani, manje, ukuthi abantu njalo nje bayangigwema? Ngabe kungoba ngizobaphatha njengamaphuphu, babulawe nxa bebanjwa? Ngabe nginalolo lunya nokweswela ubuntu? Abantu njalo basebenzisa imibono yabo ukungikala. Ngabe imibono yabo Ngami iyahambisana neqiniso lobuMina[a] basezulwini? Angithathi imibono yabantu njengezinto Zami engizijabulelayo. Kunalokho, ngibona izinhliziyo zabo zinjengezinto zokwaziswa, Nokho, ngiyaphelelwa yisineke ngendlela abayiyo, ngoba ngokwabo, Mina uqobo Lwami anginayo. Ngalokho ngibe nemibono eminye ngaleso sihloko. Nokho, ngiyenqaba ukubagxeka ngokuqondile onembeza babo; kunalokho, ngiyaqhubeka nokubaqondisa ngesineke kanye nangokuhlelekile. Vele nje, abantu babuthakathaka, futhi abakwazi ukufeza noma yimuphi umsebenzi.

Namuhla, ngithathe isinyathelo ngokusemthethweni ngafinyelela ekusolweni okungenamkhawulo, ngikujabulela ndawonye nabantu. Ngibaqondisa ngesandla futhi, kanti baziphethe kahle ngaphansi kokuqondiswa Yimi; akekho onesibindi sokumelana Nami. Bonke bangaphansi kokuqondiswa Yimi, benza imisebenzi engibanike yona, ngoba lokhu “kusohlelweni lwemisebenzi” abazoyenza. Kuzo zonke izinto ezulwini kanye nangaphansi kwezulu—ngubani ongeke azinikele ngaphansi kwezinhlelo Zami? Ngubani engingenakufinyelela kuye? Ngubani ongayisho indumiso kanye nezincomo ngamazwi Ami kanye nomsebenzi Wami? Abantu bayazithanda izenzo Zami, ngakho bayazinikela emthwalweni ongumsebenzi Wami ngenxa yayo yonke iminyakazo Yami. Ngubani ongaphunyula? Ngubani ongasuka emsebenzini engiwuhlelile? Ngenxa yemiyalelo yokuphatha Kwami, abantu baphoqelekile ukuhlala; ngaphandle kwalokho, bebeyophuma bonke basuke “emgqeni ophambili” babe “ngabahlubuki.” Ngubani ongakwesabi ukufa? Ngabe abantu bazimisele ngempela ngokuzinikela bona uqobo? Angiphoqeleli muntu, ngoba ngazuza ukwazi okunzulu kwemvelo yomuntu kudala. Ngakho, bengenza imisebenzi abangakaze abantu bayenze ngaphambili. Ngoba akekho noyedwa ongenza umsebenzi Wami, ngibeke unyawo enkundleni yempi kumuntu ukuba azibandakanye nomzabalazo wempilo nokufa noSathane. Kulezi zinsuku, uSathane uphumile ukhuphule izinga ngokwedlulele. Kungani ngingathathi leli thuba ngikhombise ukubhekana nawo umsebenzi Wami ukuze kuvele amandla Ami? Njengoba ngishilo ngaphambili, ngisebenzisa iqhinga likaSathane njengendlela Yami yokuqhathanisa; akulona ithuba elihle kakhulu leli? Kumanje kuphela lapho ngiveza khona ukumamatheka okunenjabulo, ngoba ngifinyelele enjongweni Yami. Angisezukugijima ngiye le nale ngicela abantu ukuba “basize.” Ngiyekile ukuba matasatasa, futhi angisayiphili impilo yomhambuma. Kusukela manje kuya phambili, ngizophila ngokuthula. Abantu ngokunjalo bazophepha ngokuphelele, ngokuba usuku Lwami lufikile. Emhlabeni ngibe nempilo ematasa, impilo lapho kwenzeke khona ukungabi nabulungiswa obuningi. Emehlweni abantu, ngihlanganyele injabulo kanye nokukhathazeka kwabo, kanye nokuhlushwa kwabo. Njengabo abantu, Nami, ngokunjalo, ngiphile emhlabeni nangaphansi kwezulu. Bangibonile njalonjalo njengomuntu odaliwe. Ngokuthi abantu abakabuboni ubuMina ezulwini, abakaze bachithe imizamo yabo Kimi. Nokho, esimweni sanamuhla, abantu abanakho ukukhetha okunye ngaphandle kokwamukela ukuthi ngiyiNkosi yokudalelwa kwabo kanye nesikhulumi esimazwi aso avela emafini. Abantu ngalokho bathinte inhlabathi ngamakhanda bedumisa phambi Kwami. Ngabe akusona isibonakaliso lesi sokunqoba Kwami? Ngabe akukhona lokhu ukuvezwa kokunqoba Kwami amabutho anonya? Abantu bonke babe nomuzwa wokuthi umhlaba sewufike esiphelweni, nokuthi abantu bazodlula ekuhlanzweni okukhulu. Nokho, ngeke bakwazi eqinisweni ukwenza engibacela khona, ngakho abanakho okunye abangakukhetha ngaphandle kokuba ngaphansi kokusolwa Kwami. Yini engenziwa? Ngubani otshele laba bantu ukuthi bangalaleli? Ngubani obatshele ukuthi bangene enkathini yokugcina? Kungani bazalwa njengabantu kulo mhlaba owandulela impi enkulu? Konke kuhlelwa Yimi uqobo. Ngubani ongakhononda?

Kusukela kwesekelwa umhlaba, Ngizulazulile phakathi kwabantu, ngihlala nabo ebukhoneni babo emhlabeni. Ezizukulwaneni ezedlule, nokho, akukho noyedwa okhethwe Yimi; nowake wakhethwa Yimi; bonke benqatshiwe ngukuthula Kwami. Lokhu kungoba laba bantu esikhathini esedlule abazange bangisebenzele ngokuzinikela okuphelele; ngalokho angizange ngibathande ngokuphelele, nangakho lokho. Bathathe ‘izipho’ zikaSathane babuya bazethula Kimina; ngokwenza njalo, lokho akukhona yini na ukungihlazisa? Ngenkathi kwenziwa leyo minikelo, angikuvezanga ukwenyanya ebenginakho; kunalokho, ngizame ukuguqula icebo labo laba elokusetshenziswa Yimi ngokwengeza kulezi “zipho” ukuba zibe yizinto ezisetshenziswa ekuphatheni Kwami. Kamuva, lapho umshini sewukusebenzile, ngizobe sengishisa yonke imfucuza esele. Nakuba lesi sizukulwane samanje sabantu singangiphanga “izipho” eziningi, angisilahli ngecala ngalokho. Laba bantu bebehlala behlupheka futhi bengenalutho esandleni; ngakho, njengoba ngikuqaphele ukuba ngokoqobo kwesimo sabo, angizange ngibafune izinto ngokungafanele emva kokufika emhlabeni wabantu. Kunalokho, emva kokubanika “izinto,” ngilungise “umkhiqizo osuphothuliwe” engiwufunayo, ngokuba lena ngukuphela kwento ekwazi ukufezwa ngabantu. Sengichithe iminyaka eminingi kangaka ebunzimeni, ngifunda ukuthi kusho ukuthini ukuphila nabantu, ngaphambi kokuthola isicelo esifanelekile. Ukuba bengingazange ngibe sempilweni yabantu, bengizoziqonda kanjani izindaba abazithola zinzima ukuxoxa ngazo? Nakuba kunjalo, abantu abakuboni kanjalo lokhu; bamane bathi nginguSomandla, uNkulunkulu uqobo Lwakhe. Lokhu akukhona yini ukuqonda kwabantu bonke ababe nakho emlandweni wonke kuze kube namuhla? Ngithe emhlabeni, akekho okwazi ukungazi ngokuphelele. Lokhu engikuphawulayo kunemiphumela yakho; akukhona nje ukukhuluma okungenalutho. Ngihlangabezane nakho ngaphinda ngakuqaphela lokhu ngoKwami, ngakho nginakho ukukuqonda imininingwane. Ukuba kangehlanga ngeza emhlabeni wabantu, ngubani obezoba nethuba lokungazi? Ngubani obezolalela amazwi Ami ngokwakhe? Ngubani obengabona umfanekiso Wami kubo? Kusukela ezikhathini zakudala, bengilokhu ngifihlekile emafini. Ngibikezele ngasekuqaleni ukuthi ngizokwehla ngiye emhlabeni womuntu ezinsukwini zokugcina ukuyoba yisibonelo. Yikho kulezi zinsuku abantu benenhlanhla ngokwanele ukwandisa amathuba abo. Lokhu akuwona yini umusa engiwehlisele kubo? Kungenzeka yini ukuthi bangawuqondi nakancane umusa Wami? Kungani abantu kungathi diki kubo futhi benobuhlakani obubuthuntu? Emva kokuthatha ibanga elide kangaka, kungani bengavuki? Sengibe kulo mhlaba iminyaka eminingi, kodwa akekho ongaziyo? Akumangazi ukuthi ngiyabasola abantu. Kubukeka sengathi bayizinto engibeka igunya Lami kuzo ukuze lisebenze; kubukeka sengathi bayizinhlamvu esibhamini Sami okuyothi, uma ngike ngadubula ngazo, zonke ziyahamba. Lokhu yimicabango yabo. Ngibahloniphile abantu njalo-njalo; angikaze ngokungemthetho ngidlale ngabo noma ngibathengise njengezigqila. Lokhu kungoba angikwazi ukubashiya, abakwazi nabo ukungishiya. Ngakho, isibopho sokuphila nokufa sakhekile phakathi kwethu. Ngiyabazisa futhi ngiyabathanda njalo abantu. Nakuba lokho kungakaze kube phakathi kwababili, bahlala bebheke Mina, okuyisona sizathu esenza ngiqhubeke nokwenza imizamo kubo. Abantu ngibathanda njengegugu Lami, ngokuthi “bayimali” yokulawula Kwami emhlabeni; ngaleyo ndlela nakanjani angizukubashabalalisa. Intando Yami kubantu ayisoze yaguquka. Bangakwazi yini ukwethemba isifungo Sami? Banganganelisa kanjani? Lona umsebenzi waso sonke isintu; “ngumsebenzi wasekhaya” engibashiyele wona. Kuyithemba Lami ukuthi bazosebenza bonke kanzima ukuba bawuqede.

uNdasa 23, 1992

Imibhalo engezansi:

a. Umbhalo wokuqala awunawo amazwi athi “iqiniso la-.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana