11.1.18

Umculo Wokholo “Ukube Angisindiswanga uNkulunkulu” (Ividiyo Yomculo Esemthethweni)

Ukube Angisindiswanga uNkulunkulu
I
Ukube angisindiswanga uNkulunkulu, ngabe ngisaqhubeka nokukhukhuleka nale lizwe,
ngilwa kanzima nakabuhlungu esonweni; usuku nosuku ngifiphazeke futhi ngingenathemba.
Ukube angisindiswanga uNkulunkulu, ngabe ngisanyathelwe ngaphansi kwezinyawo zikadeveli,
ngibanjwe esonweni nasezinjabulweni zaso, nginganaki ukuthi ukuphila kwami kuyoba njani.
Ukube angisindiswanga uNkulunkulu, ngabe anginazibusiso ezilapha namuhla,
ingasaphathwa eyokwazi ukuthi kufanele siphile kanjani
noma injongo yokuphila kwethu.
Ukube angisindiswanga uNkulunkulu, ngabe ngisadidekile ngokholo,
ngabe angikazi lutho, ngingazi ukuthi ubani okufanele ngibe nokholo kuye.
Ekugcineni ngizazile
izandla zikaNkulunkulu ezinothando ezibambe ezami njengoba sihamba.
Angeke ngihambe futhi ngilahlekelwe indlela yami
ngoba ngizohlala kule ndlela ekhanyayo.
Ekugcineni ngiyazile injongo kaNkulunkulu, ngobuqotho bomuntu.
Ukubonakala kokukhohlisa kususwe ngokuphelele, ngizonikela umzimba nomphefumulo wami kuNkulunkulu.
II

Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha
Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo. 

Awekho amazwana:

Thumela amazwana