25.6.18

Best South African Gospel Dance "uNkulunkulu Ulethe Inkazimulo Yakhe Empumalanga" (Zulu)


Best South African Gospel Dance "uNkulunkulu Ulethe Inkazimulo Yakhe Empumalanga" (Zulu)

I
UNkulunkulu unike inkazimulo yakhe ku-Israyeli wase eyisusa,
eletha u-Israyeli nabantu bonke eMpumalanga.
UNkulunkulu usebaholele bonke ekukhanyeni
ukuze babumbane futhi bahlangane nokukhanya,
bengasadingi ukufuna ukukhanya.
Uzovumela bonke abafunayo babone ukukhanya futhi
nenkazimulo aba nayo kwa-Israyeli,
babone esehla ngefu elimhlophe phakathi kwabantu,
babone amafu amhlophe babone izixheke zezithelo,
babon’uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli,
babon’iNkosi yamaJuda, uMesiya olangazelelwayo,
nokuvela okuphelele Kwakhe //eshushiswa amakhosi eminyakeni.

24.6.18

South African Gospel Music "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" Documentary (Zulu Subtitles)


South African Gospel Music"Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" Documentary (Zulu Subtitles)

Ngaso sonke isikhathi endaweni yonke, zonke izinto ezisemkhathini zihamba ngokunembile phakathi kwemizila yazo. Ngaphansi kwamazulu, izintaba, imifula, namachibi konke kunemingcele yakho, futhi zonke izidalwa ziphila futhi zizalane kuzo zonke izinkathi zonyaka ezine ngokuvumelana nemithetho yokuphila…. Lokhu konke kuklanywe ngokumangalisayo—ingabe ukhona Onamandla obusa futhi ahlele konke lokhu?

23.6.18

2018 Full Christian Movie "The Lies of Communism: Account of the CCP's Brainwashing" English Dubbed


2018 Full Christian Movie "The Lies of Communism: Account of the CCP's Brainwashing" English Dubbed
The Lies of Communism, a Christian film, is an accurate reflection of the brainwashing the CCP government uses against Christians. After arresting Zhang Mingdao and seven other Christians, the CCP police employ brutal, inhuman torture against them. They rely on God and firmly stand witness.

22.6.18

South African Gospel "Uthando LukaNkulunkulu Lwenza Sisondelane" Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu


South African Gospel "Uthando LukaNkulunkulu Lwenza Sisondelane" Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu

Nakuba sihlukaniswe yizilwandle nezintaba ezingenakubalwa,
singabantu ababodwa, akunamingcele phakathi kwethu,
ngesikhumba esinemibala ehlukene futhi sikhuluma izilimi ezehlukene.
Ngoba amazwi kaNkulunkulu uSomandla ayasibiza,
siyaphakanyiswa phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.

21.6.18

New South African Gospel Music "Ubufakazi Bempilo" Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu


New South African Gospel Music  "Ubufakazi Bempilo" Iculo Lokuhlangenwe Nakho KomKristu
I
Ngelinye ilanga ngingase ngibanjwe futhi ngishushiswe yiCCP,
lokhu kuhlupheka kungenxa yokulunga, engikwaziyo enhliziyweni yami.
Uma ukuphila kwami kucisha njengenhlansi ngokuphazima kweso,
ngisayosho ngokuziqhenya ukuthi ngamukele uKristu wezinsuku zokugcina.
Uma ngingakwazi ukubona isigameko esikhulu sokwanda kwevangeli lombuso,
ngisayonikela izifiso ezinhle kakhulu.
Uma ngingakwazi ukubona usuku lokufezwa kombuso,
kodwa ngikwazi ukuhlaza uSathane namuhla, khona-ke inhliziyo yami iyogcwala injabulo nokuthula.

19.6.18

South African Gospel Music "Labo Abathanda UNkulunkulu Ngobuqotho Bangabantu Abethembekile Bonke"


South African Gospel Music "Labo Abathanda UNkulunkulu Ngobuqotho Bangabantu Abethembekile Bonke"

I
Behlanzekile futhi bethembeke njengengane, bemsulwa futhi benempilo, begcwele impilo yobusha,
banjengezingelosi eziza emhlabeni.
Kungenamanga, kungenankohliso noma ukukhohlisa, ngenhliziyo evulekile, ethembekile baphila ngokunesithunzi.
Banikeza izinhliziyo zabo kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyabethemba, futhi babangabantu abethembekile uNkulunkulu abathandayo.
Labo abathanda iqiniso bonke banezinhliziyo ezethembekile.
Abantu abathembekile bathokozela ukwenza iqiniso, futhi ngokulalela uNkulunkulu izinhliziyo zabo zinokuthula.

18.6.18

UMLANDO WOKUHLUSHWA NGENXA YENKOLO ECHINA: NGUBANI UMENZI WOKUBI? (Iziqeshana)


Selokhu lathatha izintambo Ezweni laseShayina ngo-1949, iqembu iChinese Communist Party alikaze liyeke ukuhlupha abantu abakholwayo. Libophe futhi labulala amaKristu ngokuzimisela okukhulu, laxosha futhi lahlukumeza amamishinari asebenza eShayina, lashaqa futhi lashisa inqwaba yamakhophi eBhayibheli, lavala futhi lacekela phansi amasonto, futhi ngaphandle kwempumelelo lazama ukuqeda onke amandla akhonzela ezindlini.