25.6.18

Best South African Gospel Dance "uNkulunkulu Ulethe Inkazimulo Yakhe Empumalanga" (Zulu)


Best South African Gospel Dance "uNkulunkulu Ulethe Inkazimulo Yakhe Empumalanga" (Zulu)

I
UNkulunkulu unike inkazimulo yakhe ku-Israyeli wase eyisusa,
eletha u-Israyeli nabantu bonke eMpumalanga.
UNkulunkulu usebaholele bonke ekukhanyeni
ukuze babumbane futhi bahlangane nokukhanya,
bengasadingi ukufuna ukukhanya.
Uzovumela bonke abafunayo babone ukukhanya futhi
nenkazimulo aba nayo kwa-Israyeli,
babone esehla ngefu elimhlophe phakathi kwabantu,
babone amafu amhlophe babone izixheke zezithelo,
babon’uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli,
babon’iNkosi yamaJuda, uMesiya olangazelelwayo,
nokuvela okuphelele Kwakhe //eshushiswa amakhosi eminyakeni.

II
UNkulunkulu uzokwenza umsebenzi womhlaba enz’imisebenzi emikhulu,
eveza yonke inkazimulo yakhe kumuntu //ezinsukwini zokugcina.
UNkulunkulu uzoveza ubuso Bakhe obuphelele benkazimulo
kulabo ababemlindele iminyaka eminingi,
kulabo ababelangazela ukuthi eze ngefu elimhlophe,
ku-Israyeli obekade elangazelele ukuthi avele futhi,
kuso sonke isintu esishushisa uNkulunkulu.
Ukuze bonke bazi ukuthi uNkulunkulu kade ayithatha inkazimulo Yakhe
wayiletha eMpumalanga.
Ayikho eJudiya, ngoba izinsuku zokugcina sezifikile!
Umthombo Izwi Livela Lisenyameni

Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana