4.6.18

South African Latest Gospel Song "Ingqikithi KaKristu Inqunywa Ngumsebenzi Namazwi Akhe"



South African Latest Gospel Song "Ingqikithi KaKristu Inqunywa Ngumsebenzi Namazwi Akhe"


I
Ingqikithi kaKristu inqunywa ngumsebenzi namazwi akhe
Ngenhliziyo eneqiniso, uqeda lokho akunikiwe,
ukhonza uNkulunkulu osezulwini futhi afune intando kaYise.
Konke lokhu kunqunywa yingqikithi Yakhe, kanjalo nezambulo Zakhe zemvelo.

South African Gospel Song "Igama LikaNkulunkulu Lizokhazinyuliswa Phakathi Kwabezizwe"



South African Gospel Song "Igama LikaNkulunkulu Lizokhazinyuliswa Phakathi Kwabezizwe" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
Inhloso yokwahlulela kukaNkulunkulu ukukhuthaza ukulalela komuntu;
inhloso yokusola kukaNkulunkulu ukuvumela ukuguquka komuntu.
Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu ungenxa yokuphatha Kwakhe,
akukho akwenzayo okungalungile kumuntu.
UNkulunkulu ufuna amazwe akude nakwa-Israyeli ukuba alalele njengoba ama-Israyeli enza,
ukubenza babe ngabantu bangempela,
ukuze emazweni akude nakwa-Israyeli kuzuzeke indawo yonyawo lukaNkulunkulu.

3.6.18

Isahluko 28

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Uma ngifika ngivela eSiyoni, ngangilindwe yizo zonke izinto, ngathi uma sengibuyela eSiyoni, ngabingelelwa yibo bonke abantu. Njengoba ngafika ngabuya ngahamba, izinyathelo Zami azange zivinjwe yizinto ezaziwubutha Kimi, yingakho ngaqhubeka ngaphandle kwezihibe. Namuhla, uma ngihlangana nazo zonke izidalwa, zonke izinto zingibingelela buthule, zinokwesaba okukhulu bokuthi ngingase ngihambe futhi ngisuse okubesekile.

South African Gospel Song - Ihubo Lombuso "(II) UNkulunkulu Ufikile,UNkulunkulu UyiNkosi"



South African Gospel Song - Ihubo Lombuso "(II) UNkulunkulu Ufikile, UNkulunkulu UyiNkosi"

I

Kulo mzuzu ongajwayelekile, kulesi sikhathi esijabulisayo,

ezulwini phezulu, naphansi, bonke bayahlabelela, becula izindumiso.

Kulokhu, ubani ongajabule? Kulokhu, ngubani ongenanhliziyo ethokozile?

Bebhekene nalokhu, ngubani ongaphunyelwa unyembezi?

Izulu, lingaselona izulu lakudala, yizulu lombuso.

Isahluko 16

IBandla LikaNkulunkulu USomandla


  Kuningi kakhulu engifisa ukukusho kubantu, ziningi kakhulu izinto okufanele ngimtshele zona. Kodwa amandla omuntu okwamukela asilela kakhulu. Umuntu akakwazi ukubamba ngokupheleleyo amazwi Ami ngalokho engikuhlinzekayo, kepha umuntu uqonda okukodwa kuphela bese engazi lutho ngalokhu okunye. Naphezu kwakho konke lokho, Mina angimbulali umuntu ngenxa yokungabi namandla kwakhe, futhi angithukutheliswa ukuba buthakathaka kwakhe. 

2.6.18

Okukhethwe Eziqeshini Ezine Zezwi LikaNkulunkulu Esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni”

  1. ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele.

1.6.18

Izingxenye Eziyishumi Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Umsebenzi Nokungena”

  1. Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokuphila, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze. Ngakolunye uhlangothi, lokhu kungenxa yokwehluka kwemibono yabo kanye nokuntula ulwazi; futhi kuphinde kube ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu awukabalethi abantu kulesi sigaba.