UNkulunkulu USomandla uthi:
"Onke amazwi kaNkulunkulu aphethe ingxenye yesimo sakhe; isimo Sakhe ngeke sichazwe ngokugcwele ngamazwi, ngakho lokhu kukhombisa izinga lokunotha okukuye. Lokho abantu abangakubona futhi bakuthinte, vele, akungakanani, njengoba kunjalo nasemandleni abantu. Noma amazwi kaNkulunkulu ecacile, abantu abakwazi ukuqonda ngokugcwele. Njengala mazwi: “Ngokuphazima kombani, isilwane ngasinye sivezwa ngobunjalo baso. Kanjalo, ngokukhanyiswa ukukhanya Kwami, nabantu baphinde babuyelwa yisimo sobungcwele abake baba naso.