14.1.18

South African Best Gospel Music "Indaba kaXiaozhen" God's Salvation | Musical


South African Best Gospel Music "Indaba kaXiaozhen" God's Salvation | Musical

UXiaozhen wayehlanzekile, ewumKrestu onenhliziyo enhle, ehlale ephatha kahle abangani bakhe. Nokho, uma sekuyisikhathi sabo sokuzuza, abangani bakhe abadala baphenduka izitha zakhe. Emva kokudlula kulesi sigemegeme, uXiaozhen waphoqeleka ukushiya inhliziyo yakhe yeqiniso nemigomo yakhe yasekuqaleni.

The Joy in the Land of Canaan

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Amahubo
 
I

Ngibuyele emndenini kaNkulunkulu,
ngijabulile futhi ngithokozile.
Izandla zami zibambe isithandwa sami,
inhliziyo yami engeyaKhe.
Nakuba ngidlule esiGodini seziNyembezi,
ngilubonile uthando lukaNkulunkulu.
Uthando lwami ngoNkulunkulu lukhula usuku nosuku,
uNkulunkulu ungumthombo wenjabulo yami.
Ngibanjwe ubuhle bukaNkulunkulu,
inhliziyo yami inamathele Kuye.

Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)

    Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, akezeli ukuzokwenza izakhiwo noma izinhlangano; uzela ukuzogcwalisa inkonzo Yakhe. Njalo lapho eba senyameni, kungenxa yokufeza isigaba somsebenzi nokuvula inkathi entsha. Manje yiNkathi Yombuso, futhi umuntu usengene empilweni yombuso.Lesi sigaba somsebenzi asiyiwo umsebenzi womuntu noma owokuphelelisa umuntu ezingeni elithile; ungowokuphelelisa ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu.

Imfihlakalo Yokuba Senyameni (2)

Ngesikhathi uJesu esebenzela eJudiya, wayesebenza obala, kodwa manje, ngisebenza futhi ngikhulume nani ekusithekeni. Abangewona amakholwa abakuboni nhlobo lokhu. Ukusebenza Kwami phakathi kwenu kuqhelile kokwabanye. La mazwi, lezi zinsolo nezahlulelo, kwaziwa yini kuphela, hhayi abanye. Wonke lo msebenzi wenziwa phakathi kwenu futhi uvuleleke kinina kuphela; akekho kulabo abangakholwa owazi ngawo, ngoba isikhathi asikafiki. Laba bantu sebesondele ekuphelelisweni ngemva kokwedlula ekusolweni, kodwa labo abangaphandle abazi lutho ngalokhu.

Isahluko 36

igunya likaNkulunkulu,ukwazi intando kaNkulunkulu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UNkulunkulu USomandla uthi:

"Konke kuhlelwa yisandla Sami. Ngubani onesibindi sokwenza njengokuthanda kwakhe? Ngubani ongakuguqula kalula? Abantu bazintantela emoyeni, behamba nothuli njengokuhamba kwalo, ubuso babo bungcolile, bubenza babe babi kusukela ekhanda kuya ozwaneni. Ngibuka ngisemafini ngenhliziyo esindayo: Kungani umuntu, obephuphuma umfutho, eguqukile ekubeni nje? Kungani-ke engakunakile lokhu, elukhuni futhi ngakho? Kungani “ezidedela ahambe” bese ezivumela ukuthi embozwe ukungcola?

13.1.18

Isahluko 35

umsebenzi kaNkulunkulu,intando kaNkulunkulu

Ngiqalile ukwenza umsebenzi Wami kubantu, ngokubavumela ukuthi bahlale emfuleni owodwa Nami. Ngizowuqeda ngisenabo umsebenzi Wami, ngoba bayilokho engikulawulayo ohlelweni lonke lokuphatha Kwami—futhi kuyisifiso Sami ukuthi babe ngongqo-shishilizi ezintweni zonke. Ngakho ngiyaqhubeka nokuhamba phakathi kwabo. Njengoba abantu bengena kanye Nami enkathini yamanje, ngizwa ngikhululeka, ngoba ijubane lomsebenzi Wami lithe ukuphakama.

"Ngizothanda UNkulunkulu Kuze Kube Phakade" Thanda uNkulunkulu Ngenhliziyo Yami Yonke


Ngizothanda UNkulunkulu Kuze Kube Phakade

I

O Nkulunkulu! Amazwi aKho angibuyisele Kuwe.

Ngiyakwamukela ukuqeqeshwa embusweni waKho imini nobusuku.

Ngokuvivinywa kaningi nangezinhlungu, ngezinsizi eziningi.

Izikhathi eziningi ngichiphiza izinyembezi futhi ngizizwa ngihlabekile enhliziyweni,

futhi izikhathi eziningi ngiye ngawela esicuphweni sikaSathane.