27.9.19

Gospel choir song | "Kingdom Anthem: The Kingdom Descends Upon the World" | Extended Preview


Gospel choir song | "Kingdom Anthem: The Kingdom Descends Upon the World" | Extended Preview


Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi  kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?

24.9.19

Sengiyakwazi Ukuhlukanisa Phakathi KukaKristu Wangempela NoKristu Bamanga

unkulunkulu uthando,umusa kaNkulunkulu

UChuanyang. eMelika

Ngo-2010, ubusika eMelika bangenza ngagodola kakhulu. Ngaphezu kokubanda okuhlabayo kudalwa inhlanganisela yomoya nokukhithika, okwakukubi nakakhulu ukuthi inhliziyo yami yayingenelwe futhi yahlaselwa “yigagasi elibandayo” Kulabo kithina abasebhizinisini lokuhlobisa ezindlini, ubusika yisikhathi esinzima kakhulu sonyaka, ngoba uma ubusika buqala uba mncane kakhulu umsebenzi. Sibhekana nokulahlekelwa nayimisebenzi yethu.

19.9.19

22. Kuyini ukulandela umuntu?

ukwambula iqiniso,iphimbo likaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo bathathwa njengabathanda ubukhulu. Bafuna ngokukhethekile lawo mahlelo emhlabeni anamagalelo nabefundisi nothisha abavela emakolishi okufundela ubufundisi. Ngaphandle kokwamukela indlela yeqiniso, banokungabaza futhi abakwazi ukuzinikela ngokugcwele.

14.9.19

21. Kuyini ukulandela uNkulunkulu?

ukwazi intando kaNkulunkulu,landela
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Okubaluleke kakhulu ekulandeleni uNkulunkulu ukuthi konke kumele kuye ngokwamazwi kaNkulunkulu: Noma ngabe uphokophelela ukungena ekuphileni noma ukugcwalisa intando kaNkulunkulu, yonke into kumele igxile emazwini kaNkulunkulu.

9.9.19

17. Yini uKristu wamanga? Ubonakala kanjani uKristu wamanga?

umsebenzi kaNkulunkulu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Uma umuntu ezibiza ngoNkulunkulu ebe engakwazi ukubonakalisa ubuNkulunkulu bakhe, enza umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo, akunakungatshazwa ukuthi akasiye uNkulunkulu, ngoba akanawo umongo kaNkulunkulu, futhi lokho uNkulunkulu angakwazi ukukufeza akukho ngaphakathi kuye.

4.9.19

12. Kusho ukuthini "ukushiya konke bese ulandela uNkulunkulu"?

ukwazi intando kaNkulunkulu,ukulalela uNkulunkulu
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Unganikela ngayo yonke inhliziyo nomzimba wakho nalo lonke uthando lwakho kuNkulunkulu, ukubeke phambi kukaNkulunkulu, umlalele ngokuphelele Yena, futhi ucabangele ngokuphelele intando Yakhe. Hhayi ngenyama, hhayi ngomndeni futhi hhayi ngezifiso zakho siqu, kodwa ngenxa yezithakazelo zendlu kaNkulunkulu. Kuzo zonke izinto ungathatha izwi likaNkulunkulu njengesimiso, njengesisekelo. Ngaleyo ndlela, izinhloso zakho, imibono yakho konke kuzoba sendaweni efanele, futhi uzoba umuntu onconywa uNkulunkulu phambi Kwakhe.