6.6.18

Izingxenye Ezintathu Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu”

  1. UJohane waqala ukusakaza ivangeli lombuso wasezulwini iminyaka eyi-7 ngaphambi kokubhabhathizwa kukaJesu. Kubantu, umsebenzi awenza ubonakala ungaphezu kwalowo owenziwa nguJesu, nokho, kwakungenjalo ngempela, wayemane nje engumprofethi kuphela. Akazange asebenze futhi akhulume ethempelini, kunalokho wayekwenza ngaphandle kwemizi nemizana ngaphandle kwalo. Impela yilokho akwenza, phakathi kwesizwe samaJuda, ikakhulu labo ababempofu. Kwakungavamile ngoJohane ukuba axhumane nabantu abasezikhundleni eziphezulu emphakathini, wayesakaza ivangeli kubantu abavamile baseJudiya ukuze alungisele iNkosi uJesu abantu abalungile futhi ayilungisele izindawo ezifanele eyayizosebenza kuzo. Ngenxa yomprofethi ofana noJohane owaphendla indlela, iNkosi uJesu lapho nje ifika yakwazi ukuqala indlela Yayo yesiphambano. Lapho uNkulunkulu eba yinyama ukuze enze umsebenzi Wakhe, akudingekanga ukuba enze umsebenzi wokukhetha abantu futhi akudingekanga ukuba azifunele yena abantu noma indawo ayezosebenzela kuyo. Akenzanga umsebenzi onjalo lapho efika; umuntu olungile wayesemlungisele ngaphambi kokuba afike. … UJohane wasebenza iminyaka eyi-7, okusho ukuthi wasakaza ivangeli iminyaka eyi-7. Phakathi nomsebenzi wakhe, uJohane akazange enze simangaliso eziningi, ngoba umsebenzi wakhe kwakuwukuphendla indlela, kwakuwumsebenzi wokulungisa. Yonke eminye imisebenzi uJesu ayezoyenza yayingahlangene noJohane; uJohane wayemane athi abantu abavume izono, baphenduke bese ebabhabhathiza ukuze basindindiswe. Nakuba ayenza umsebenzi owawumusha futhi avula indlela umuntu ayengakaze ahambe kuyo esikhathini esiphambilini, kodwa yena wayephendlela uJesu kuphela indlela. Wayengumprofethi nje owayenza umsebenzi wokulungisa kodwa engakwazi ukwenza umsebenzi kaJesu. Nakuba uJesu kwakungeyena owokuqala owakhuluma ngevangeli lombuso wezulu, futhi nakuba aqhubeka nendlela eyayiphendlwe uJohane, wayengekho omunye owayengenza umsebenzi Wakhe futhi wawungaphezu komsebenzi kaJohane. UJesu wayengeke akwazi ukuzilungisela indlela Yakhe; umsebenzi Wakhe wayewenzela uNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi mingaki iminyaka uJohane ayisebenza, wayesengumprofethi futhi wayeseyilowo owalungisa indlela. Umsebenzi kaJesu owathatha iminyaka emithathu wawumkhulu kunokaJohane owawuyiminyaka eyi-7, ngoba umsebenzi Wakhe wawuhlukile.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  2. Ngaleso sikhathi, ingxenye yomsebenzi kaJesu yayivumelana neTestamente Elidala, kuhlanganise nomthetho kaMose kanye namazwi kaJehova ngeNkathi Yomthetho. Zonke lezi zinto uJesu ayezenza zaziyingxenye yomsebenzi Wakhe. Washumayela kubantu ebafundisa nasemasinagogeni futhi wasebenzisa lokho abaprofethi ababekuprofethile eTestamenteni Elidala ukuze alahle abaFarisi ababemzonda, futhi wasebenzisa nemiBhalo ukuze adalule ukungalaleli kwabo futhi wabalahla. Ngoba babengakuthandi lokho uJesu ayekwenzile; empeleni babenyaya ukuthi omningi umsebenzi owawenziwa uJesu wawungavumelani nemithetho yemiBhalo futhi ngaphezu kwalokho, ayekufundisa kwakungaphezu kakhulu kwamazwi abo, futhi kungaphezu ngisho nakakhulu kunalokho okwakuprofethwe ngabaprofethi emiBhalweni. Umsebenzi kaJesu wawumayelana nokuhlengwa komuntu kanye nokubethelwa Kwakhe. Ngakho, sasingekho isidingo sokuba asho amazwi amaningi ukuze anqobe umuntu. Okuningi kwalokho akufundisa umuntu kwakuthathelwe emiBhalweni futhi ngisho nomsebenzi Wakhe awuzange udlulele ngale kwemiBhalo, kunalokho Wakwazi ukufeza umsebenzi wokubethelwa. Umsebenzi Wakhe wawungekho mayelana nezwe, noma ukunqoba isintu, kodwa wawumayelana nokuhlenga isintu. Waba njengomnikelo wesono wesintu futhi akazange abe njengomthombo wezwi esintwini. Akazange enze umsebenzi wabeZizwe, okwakuwumsebenzi wokunqoba isintu, kunalokho wenza umsebenzi wokubethelwa, umsebenzi owawenziwa yilabo ababekholelwa ukuthi kunoNkulunkulu. Nakuba umsebenzi Wakhe wenziwa ngaphezu kwesisekelo semiBhalo, wasebenzisa lokho okwakubikezelwe ngabaprofethi abadala ukuze alahle abaFarisi, lokhu kwakwanele ekuqedeleni umsebenzi wokubethelwa. Uma umsebenzi wanamuhla ubuwenziwa ususelwa kulokho okwabikezelwa ngabaprofethi bakudala emiBhalweni, bekuyoba yinto engenakwenzeka ukukunqoba, ngoba iTestamente Elidala alisho lutho ngokungalaleli kwenu nezono zenu maShayina, awukho umlando wezono zenu. Ukube lo msebenzi usekhona eBhayibhelini, beningeke nehlele ngezansi. Kuncane iBhayibheli elisitshela khona ngama-Israyeli, lowo ongakwazi ukuhlukanisa phakathi kowenza okubi noma okuhle noma ohlulekayo ukunahlulela. Ake ucabange ukube bekufanele ngikwahlulele ngokomlando wama-Israyeli—ubuyoqhubeka ungilandele njengoba wenza namuhla? Ingabe niyazi ukuthi nilukhuni kangakanani? Uma engekho amazwi akhulunywa phakathi nalesi sigaba, kusho ukuthi umsebenzi wokunqoba ubungeke uphele. Ngenxa yokuthi angizelanga ukuzobethelwe esiphambanweni, kumele ngikhulume amazwi angahlangene neBhayibheli ukuze unqotshwe.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  3. Konke lokhu okwenziwe namuhla kusukela kulokho okukhona, nokho kusasesisekelweni somsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho futhi akweqeli ngale kwalokhu. Ukuqapha ulimi lwakho nokungaphingi, ngokwesibonelo—ingabe lena akuyona imithetho yeTestamente Elidala? Okulindeleke kuwe namuhla akupheleli nje eMiyalweni Eyishumi kodwa kunemiyalo nemithetho ephakeme kakhulu kunaleyo yaphambilini, nokho lokho akusho ukuthi okwafika phambilini noma kudala akusasebenzi, ngoba isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu senziwa esisekelweni sesigaba esiphambilini. … Uma namuhla ubuvunyelwe ukuba ulandele kuphela imiyalo futhi uphile ngemithetho yeTestamente Elidala ngendlela efana neyama-Israyeli futhi uma ngisho bekumele uze ubambe ngekhanda imithetho eyabekwa nguJehova, ngabe ayikho indlela obungashintsha ngayo. Uma bekufanele uphile ngaleyo mithetho embalwa enemingcele noma ubambe ngekhanda imithetho eminingi kakhulu, ubuntu bakho obudala bebuzohlala bumbelwe ngokujulile futhi ibingeke ibe khona indlela yokubusiphula. Ngakho ubuzogcina sewonakele futhi akekho phakathi kwenu obeyolalela. Okusho ukuthi imiyalo elula embalwa noma imithetho engabaleki ngeke ikwazi ukukusiza ukuba wazi izenzo zikaJehova. Wena awufani nama-Israyeli: Ngokulandela imithetho nokubamba ngekhanda imiyalo bakwazi ukubona izenzo zikaJehova, nokuzinikela Kuye okungaguquguquki, kodwa uyehluleka ukufinyelela kulokhu, futhi imiyalo embalwa yeTestamente Elidala ayigcini nje ngokukwenza ungakwazi ukunikela ngenhliziyo yakho, noma ngokukuvikela kodwa kunalokho izokwenza unganaki futhi ikwehlisele eHayidesi. Ngenxa yokuthi umsebenzi wami ungumsebenzi wokunqoba futhi uhloselwe ukungalaleli kwakho kanye nobuntu obudala, amazwi anomusa kaJehova noJesu akuwona neze amazwi anzima okwahlulela namuhla. Ngaphandle kwamazwi amakhulu kanjalo, bekungeke kwenzeke ukuba kunqotshweni nina “bongqeqe”, abaye bangalalela iminyaka eyinkulungwane. Imithetho yeTestamente Elidala kudala yaphelelwa ngamandla kinina futhi ukwahlulelwa kwanamuhla kuyidlula kude imithetho yakudala. Into enifanele kakhulu isahlulelo hhayi imingcele engatheni yemithetho, ngoba nina anibona abantu bangezikhathi zokuqala, kodwa niyisintu esesonakele iminyaka eyinkulungwane. Okuyinto okumele nifinyelele kuyo manje isimo sangempela somuntu wanamuhla, ngokuhambisana nobuhlakani nesimo sangempela somuntu wanamuhla futhi kungadingeki ukuba nilandele imfundiso. Lokhu kwenzelwa izinguquko okungenzeka uye wazizuza ebuntwini bakho obudala ukuze ukwazi ukuyibeka eceleni imibono yakho.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  4. Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukukhululwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholelwa Kuye zathethelelwa; uma nje ukholelwa Kuye, angakukhulula; uma ubukholelwa Kuye, awusesona neze isoni, ukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okushiwo ukusindiswa nokulungisiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu usezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kusho ukuthi lowo muntu ubengasekho esonweni, okuwukuthi ubesethethelelwe izono zakhe: Kuncike ekutheni ubukholwa, ubungeke ube sesonweni. … UJesu akazelanga ukuzophelelisa nokuzuza abantu kodwa wayezele ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi: wokuzoveza ivangeli lombuso wasezulwini nokuba aqedele umsebenzi wokubethelwa—futhi lapho uJesu esebethelwe, umsebenzi Wakhe wawusufike ekugcineni. Kodwa kulesi sigaba—umsebenzi wokunqoba—maningi amazwi okumele akhulunywe, mningi umsebenzi okumele wenziwe futhi kumele kube nezinqubo eziningi. Kulindeleke okufanayo nangemisebenzi emangalisayo kaJesu noJehova kumele ivezwe ukuze bonke abantu baqonde futhi bakhanyelwe ngezinkolelo zabo, ngoba lona umsebenzi wezinsuku zokugcina futhi izinsuku zokugcina ziwukuphela komsebenzi kaNkulunkulu, isikhathi sokuphela kwalo msebenzi. Lesi sigaba somsebenzi sizokukhanyisela umthetho kaJehova kanye nokukhulula kukaJesu futhi ubalulekile ukuze uqonde wonke umsebenzi kaNkulunkulu wohlelo lokuqondisa weminyaka eyizi-6 000, nokuthi wazise konke ukubaluleka kanye nokusetshenziswa kwale minyaka eyizi-6 000 yohlelo lokuqondisa ukuze futhi kuqondwe inhloso yawo wonke umsebenzi owenziwa nguJesu kanye namazwi awakhuluma, ngisho nokwenza kwakhe ukuba sivuleke amehlo okuba silithande iBhayibheli. Konke lokhu kuzokwenza ukuba ubone. Uzowuqonda kahle umsebenzi owenziwe uJesu kanye nomsebenzi kaNkulunkulu namuhla; uzoliqonda futhi ulazi lonke iqiniso, ukuphila nendlela. Esigabeni somsebenzi owenziwa uJesu, kungani uJesu ahamba ngaphandle kokuqeda umsebenzi kaNkulunkulu? Kungenxa yokuthi isigaba somsebenzi kaJesu sasingewona umsebenzi wesiphetho. Lapho uJesu ebethelwa esiphambanweni, amazwi ayewakhulumile afika ekugcineni; ngemva kokubethelwe Kwakhe, umsebenzi Wakhe wawusuqediwe. Isigaba esikuso manje sihlukile: Kuphela kungemva kokuba amazwi esekhulunywe kwaze kwaba sekugcineni nomsebenzi wonke kaNkulunkulu usuphothuliwe, lapho umsebenzi Wakhe uyoqedwa khona. Phakathi nesigaba sikaJesu somsebenzi, maningi amazwi agcina engashiwongo noma angacaciswanga ngokugcwele. Kodwa uJesu akakhathazekanga ngalokho akwenza noma angakushongo, ngoba inkonzo Yakhe kwakungeyona eyamazwi ngakho ngemva kokubethelwa esiphambanweni wahamba. Leso sigaba somsebenzi ngokuyinhloko sasingenxa yokubethelwa Kwakhe futhi asifani nhlobo nesigaba sanamuhla. Ngokuyinhloko, lesi sigaba somsebenzi sasimayelana nokufezwa, nokucaciswa kanye nokufinyelelisa wonke umsebenzi esiphethweni. Uma amazwi engakhulunywanga kwaze kwaba sekupheleni kwabo, ngeke ibe bikho indlela yokuphetha lo msebenzi ngoba kulesi sigaba somsebenzi wonke umsebenzi uyaqedwa ukwenziwa futhi ufezwe ngamazwi. Ngelso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi umuntu ayengeke awuqonde. Wahamba ngokuthula futhi namuhla baningi abangawaqondi amazwi Akhe, labo abanokuqonda okuyiphutha kodwa abasakholelwa ekutheni baneqiniso, abangazi ukuthi baphambukile. Ekugcineni, lesi sigaba sanamuhla sizowuqeda ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu futhi siwugoqe. Bonke bayoluqonda futhi balwazi kahle uhlelo lukaNkulunkulu lokuqondisa. Imibono ekumuntu, izinhloso zakhe, ukuqonda kwakhe okuyiphutha, imibono yakhe ngomsebenzi kaJehova noJesu, imibono yakhe ngokuqondene nabeZizwe, nakho konke ukudideka kwakhe kuyolungiswa. Abantu bayoziqonda zonke izindlela ezifanele zokuphila nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu nalo lonke iqiniso. Lapho lokhu kwenzeka, lesi sigaba somsebenzi sizophela.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  5. Umsebenzi kaJehova kwakuwukudala umhlaba, wawuyisiqalo; lesi sigaba somsebenzi siyisiphetho salo msebenzi futhi yiso esiwuphothulayo. Ekuqaleni, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa abakhethiweyo u-Israyeli futhi wawuyisiqalo senkathi entsha sendawo engcwele kunazo zonke. Isigaba sokugcina salesi sigaba senziwa abangcolile abakuwo wonke amazwe, ukuze kuqedwe inkathi. Esigabeni sokuqala, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa ekukhanyeni kwazo zonke izindawo futhi isigaba sokugcina senziwa endaweni emnyama kunazo zonke, lobu bumnyama buzoqedwa, kulethwe ukukhanya bese kunqotshwa bonke abantu. Lapho abantu abakulezi zindawo ezingcolile futhi ezimnyama kunazo zonke sebenqotshiwe, futhi bonke abantu sebebona ukuthi ukhona uNkulunkulu weqiniso, futhi wonke umuntu eseqiniseka ngempela, lokhu kuyosho ukuthi leli qiniso liyosetshenziselwe ukwenza umsebenzi wokunqoba indawo yonke. Lesi sigaba somsebenzi sisho okuthile: lapho kuqedwa lo msebenzi okulesi sigaba, umsebenzi weminyaka eyizi-6 000 wokuqondisa uzofika ekugcineni okuphelele. Lapho labo abasebumnyameni obukhulu sebenqotshiwe, kusho ukuthi nakanjani kuyobe kukuyo yonke indawo. Njengoba nje nomsebenzi wokunqoba eShayina ufanekisa inhloso ethile. IShayina inawo wonke amandla obumnyama futhi abantu bakhona bamele bonke labo abasenyameni kaSathane, abasenyameni nasegazini. Ngabantu baseShayina abaye bonakaliswa kakhulu ngudrako omkhulu obomvu, oye waba ngumphikisi omkhulu kaNkulunkulu, obuntu bakhe bungcole kakhulu futhi ngakho bawumfuziselo omkhulu wawo wonke umphakathi owonakele. … Kungani bengilokhu ngithi uwusizo ohlelweni Lwami lokuqondisa? Iye yabonakala ngokugcwele, ngezindlela ezahlukahlukene inkohlakalo, ukungcola, ukungalungi, ukuphikisa nokuhlubuka kubantu baseShayina. Ngakolunye uhlangothi, bantula ukuhlakanipha futhi ngakolunye indlela abaphila ngayo, abacabanga ngayo ayiyi phambili, izindlela zabo zokuphila, izimo zenhlalo, ukuzalana kwemindeni—konke akuyi phambili futhi kubonisa ukuba phansi kwabo. Isimo sabo, naso siphansi. Umsebenzi kule ndawo ufanekisa okuthile futhi ngemva kwalokhu kuhlola, umsebenzi uye wenziwa ngokuphelele, umsebenzi Wakhe uzohamba kahle kakhulu. Uma lesi sigaba somsebenzi siphela, nomsebenzi okhona uzophela nakanjani. Uma lesi sigaba somsebenzi sesifeziwe futhi sekuphunyulelwe kakhulu nawo, umsebenzi wokunqoba kuyo yonke indawo uyobe usufezwe ngokuphelele. Eqinisweni, uma nje umsebenzi okini usuphumelele, lokhu kuyolingana nokuphumelela kwendawo yonke. Yilokho okungenza ngifise ukwenza ngani isibonelo. Konke lokhu, ukuvukela, ukuphikisa, ukungcola, ukungalungi…, okutholakala kulaba bantu futhi konke ukuhlubuka komuntu kuyavela kubo—bayinto ethile ngempela. Ngakho, bayisibonelo esihle sokunqotshwa futhi uma sebenqotshiwe, ngokwemvelo bayokuba isibonelo kwabanye.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  6. Ayikho into eyake yaba uphawu eyedlula isigaba sokuqala esenziwa ku-Israyeli: Ama-Israyeli ayengcwele kakhulu, engakhohlakele njengabanye abantu, ngakho ukuqala kwenkathi entsha kuleli zwe kwakubaluleke kakhulu. Kungashiwo ukuthi okhokho baso sonke isintu bavela ku-Israyeli nokuthi u-Israyeli waba yindawo okwaqalwa kuyo umsebenzi kaNkulunkulu. Ekuqaleni, laba bantu babengcwele ngezinga eliphezulu futhi bonke babekhonza uJehova nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu kubo wawukwazi ukuthela izithelo ezinhle. … Babengabokugcina ukuba bakhohlakale kuso sonke isintu, futhi ekuqaleni babefuna ukubheka kuNkulunkulu futhi bamhloniphe. Bawalalela amazwi kaJehova futhi bemkhonza njalo ethempelini, bagqoke izembatho zabapristi noma imiqhele. Kwakungabantu bokuqala ababekhonza uNkulunkulu futhi bengabokuqala ukwenza umsebenzi Wakhe. Laba bantu babeyizibonelo zaso sonke isintu. Babeyizibonelo zobungcwele nokulunga. Abantu abanjengoJobe, u-Abrahama, uLoti noma uPetru noThimothewu—bonke babengama-Israyeli futhi baba yisibonelo sokuba ngcwele kunabo bonke abantu. Izwe lakwa-Israyeli kwakungelinye lamazwe okuqala akhonza uNkulunkulu esintwini, futhi abantu abaningi abalungile bavela khona kunabavela kwezinye izindawo. UNkulunkulu wasebenza kubo ukuze akwazi ukulawula kahle isintu kuwo wonke umhlaba esikhathini esizayo. Ukuphumelela kwabo nokulunga endleleni ababekhonza ngayo uJehova kwabhalwa, ukuze babe njengezibonelo kubantu abange-Israyeli phakathi neNkathi Yomusa; futhi izenzo zabo zagcinwa iminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa yomsebenzi, kuze kube namuhla.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  7. Igama likaJesu labonisa ukuqala kweNkathi Yomusa. Lapho uJesu eqala ukwenza inkonzo Yakhe, uMoya Oyingcwele waqala ukufakazela igama likaJesu, igama likaJehova kwakungasakhulunywa ngalo, kunalokho uMoya Oyingcwele waqala umsebenzi omusha, ngokuyinhloko ngaphansi kwegama likaJesu. Ukufakaza kwalabo ababekholelwa Kuye kwakungokukaJesu Kristu, nomsebenzi ababewenza babewenzela uJesu Kristu. Isiphetho seNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala sasho ukuthi umsebenzi ngokuyinhloko owawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova usufinyelele esiphethweni. Ngemva kwalokhu, igama likaNkulunkulu kwakungaseyena uJehova; kunalokho wayesebizwa ngoJesu futhi kusukela lapho kuqhubeke uMoya Oyingcwele waqala umsebenzi ngokuyinhloko ongaphansi kwegama likaJesu.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  8. Lapho uJesu ebuya futhi, inkathi iyobe isishintshile kakade, ngakho ingabe uyobe esabizwa ngoJesu? Ingabe uNkulunkulu waziwa kuphela ngegama likaJesu? Kungenzeka yini abizwe ngegama elisha enkathini entsha? Ingabe umfanekiso womuntu oyedwa negama elilodwa kungamelela yini uNkulunkulu uqobo Lwakhe? Inkathi nenkathi, uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha futhi ubizwa ngegama elisha; angawenza kanjani umsebenzi ofanayo ngezikhathi ezingafani? Anganamathela kanjani kokudala? Igama likaJesu lathathelwa umsebenzi wokuhlenga, ngakho ingabe uzobizwa ngegama elifanayo lapho ebuya ezinsukwini zokugcina? Ingabe uyobe esawenza umsebenzi wokukhulula? Kungani kuthiwa uJehova noJesu bengumuntu oyedwa, kodwa babizwa ngamagama angafani ngezinkathi ezingafani? Ingabe akukhona ukuthi imisebenzi yabo kulezi zinkathi uhlukile? Ingabe uNkulunkulu uqobo Lwakhe angabizwa ngegama elilodwa? UNkulunkulu kumele abizwe ngamagama ahlukahlukene, kuye ngenkathi, asebenzise igama ukuze ashintshe inkathi futhi ayimelele, ngoba alikho elinye igama elingamelela uNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Igama ngalinye lingamelela isimo sikaNkulunkulu enkathini ethile futhi lidinga ukumelela umsebenzi Wakhe kuphela. Ngakho, uNkulunkulu angazikhethela noma yiliphi igama elimelela isimo Sakhe ukuze amelele yonke inkathi. Kungakhathaliseki ukuthi kusenkathini kaJehova noma kaJesu, inkathi nenkathi imelelwa yigama. Ngemva kweNkathi Yomusa, inkathi yokugcina yayisifikile futhi uJesu wayesefikile. Kungani nangaleso sikhathi esabizwa ngoJesu? Kungani engaqhubeka nesimo sikaJesu ebantwini? Ingabe usukhohliwe yini ukuthi uJesu wayengumfanekiso woumNazaretha? Usukhohliwe ukuthi uJesu uyena kuphela uMkhululi wesintu? Kungenzeka kanjani ukuba enze umsebenzi wokunqoba nokuphelelisa abantu ngezinsuku zokugcina?

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  9. Njalo lapho uNkulunkulu efika emhlabeni, uyoshintsha igama Lakhe, ubulili, ukubukeka kanye nomsebenzi Wakhe; akawuphindaphindi umsebenzi Wakhe, uyohlale emusha futhi akakaze aguge. Kuqala lapho efika, wabizwa ngokuthi uJesu; ingabe uyobizwa ngoJesu lapho esefika futhi kulokhu? Ngesikhathi efika ekuqaleni, wayengowesilisa; ingabe uzoba ngowesilisa futhi nakulokhu? Umsebenzi Wakhe lapho efika ngeNkathi Yomusa kwakungukubethelwa esiphambanweni; lapho efika futhi ingabe uyosindisa isintu esonweni? Ingabe uyobethelwa esiphambanweni futhi? Ingabe lokho ngeke kube yimpinda yomsebenzi Wakhe? Ubungazi yini ukuthi uNkulunkulu uyohlale emusha futhi akakaze aguge?

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


  10. Kunalabo abathi uNkulunkulu akashintsheki. Kuyiqiniso lokho, kodwa lokho kubhekiselwa ekutheni uNkulunkulu akaguquguquki esimweni Sakhe naseziqwini Sakhe. Ushintsho egameni Lakhe nasemsebenzini Wakhe alusho ukuthi isiqu Sakhe sesishintshile; ngamanye amazwi, uNkulunkulu uyohlezi enguNkulunkulu futhi lokhu akusoze kwashintsha. Uma uthi umsebenzi kaNkulunkulu uhlezi ufana, ingabe uyokwazi ukuqeda uhlelo Lwakhe lokuqondisa oluyiminyaka eyizi-6000? Wazi kuphela ukuthi uNkulunkulu akasoze ashintsha, kodwa ingabe uyakwazi ukuthi uNkulunkulu uhlezi emusha akakaze aguge? Uma umsebenzi kaNkulunkulu ungazange ushintshe, ingabe angalethwa esintwini namuhla? Uma uNkulunkulu engashintsheki, kungani pho ayengawenzanga umsebenzi wezinkathi ezimbili. Umsebenzi Wakhe uhlezi uqhubekela phambili, nesimo Sakhe siya siqondakala kancane kancane kumuntu futhi osekuye kwabonakaliswa yisimo Sakhe sengqondo esikuye. Ekuqaleni, isimo sikaNkulunkulu sasifihliwe kumuntu, akazange asiveze ngokukhululekile isimo Sakhe kumuntu, futhi umuntu wayengenalo ulwazi Ngaye, ngakho wasebenzisa umsebenzi Wakhe ukuze aveze kancane kancane isimo Sakhe kumuntu, kodwa lokhu akusho ukuthi isimo Sakhe siyaguquka enkathini ngayinye. Akukhona ukuthi isimo sikaNkulunkulu sihlale sishintsha ngenxa yokuthi intando Yakhe ihlezi ishintsha. Kunalokho, ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa ngezinkathi ezingafani, isimo Sakhe esiphelele silokhu sivezwa kancane kancane kumuntu, ukuze umuntu azokwazi ukumazi uNkulunkulu. Kodwa lokhu akubona ubufakazi bokuthi ekuqaleni uNkulunkulu wayengenaso isimo esithile futhi isimo Sakhe besilokhu sishintsha kancane kancane njengoba izinkathi zishintsha—inkolelo enjalo iwumbhedo. UNkulunkulu uyaziveza kumuntu, isimo Sakhe, lokho ayikho ngempela, ngokudlula kwezinkathi. Umsebenzi wenkathi eyodwa awukwazi ukusiveza sonke isimo sikaNkulunkulu. Ngakho, amazwi athi, “UNkulunkulu uhlezi emusha akasoze aguga” awenzi lutho emsebenzini Wakhe futhi amazwi athi “UNkulunkulu akashintsheki” amayelana nalokho uNkulunkulu anakho nalokho Ayikho. Kungakhathaliseki ukuthi kunjani, ngeke ukwazi ukuchaza umsebenzi weminyaka eyizi-6000 ngegama elilodwa, noma uwuveze ngamagama athile. Ukwenza kanjalo kuwubuwula bomuntu. UNkulunkulu akalula njengoba umuntu ecabanga, futhi umsebenzi Wakhe ngeke ume enkathini eyodwa. Igama elithi Jehova ngokwesibonelo, angeke lihlezi limelela igama likaNkulunkulu; uNkulunkulu naye uyawenza umsebenzi Wakhe ngaphansi kwegama likaJesu, okuwuphawu olubonisa ukuthi indlela uNkulunkulu asebenza ngayo ihlezi iphumelela futhi iya phambili.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  11. UNkulunkulu uyohlezi enguNkulunkulu, akasoze aba nguSathane; noSathane uyohlezi enguSathane, akasoze aba nguNkulunkulu. Ukuhlakanipha, ukumangalisa, ukulunga nobukhosi bukaNkulunkulu akusoze kwashintsha. Isiqu Sakhe, nalokho anakho nayikho, akusoze kwashintsha. Nokho, umsebenzi Wakhe uhlezi uqhubekela phambili futhi uqhubeka ujula, ngoba uNkulunkulu uhlezi emusha futhi akasoze aguga. Kuyo yonke inkathi uNkulunkulu uzinika igama elisha, enze umsebenzi omusha futhi avumele ukuba izidalwa zibone intando Yakhe entsha nesimo Sakhe. Uma abantu bengakuboni lokho uNkulunkulu akuvezayo ngesimo Sakhe esisha enkathini entsha, ingabe abasoze yini bambethela esiphambanweni unomphela? Ngokwenza kanjalo, bayobe bengachazi yini uNkulunkulu?

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  12. UNkulunkulu akawuphinde umsebenzi Wakhe enkathini ngayinye entsha. Selokhu izinsuku zokugcina zafika, uzokwenza umsebenzi wezinsuku zokugcina futhi embule sonke isimo Sakhe ngezinsuku zokugcina. Izinsuku zokugcina ziyinkathi ehlukile, leyo uJesu athi kumele nibhekane nenhlekelele, ukuzamazama komhlaba, indlala, okuyizinto ezizobonisa ukuthi yinkathi entsha lena, akuseyona endala, okuyiNkathi Yomusa. Njengoba abantu besho, uma uNkulunkulu engasoze ashintsha, isimo Sakhe sihlezi sibonisa isihawu nothando futhi uthembisa wonke umuntu insindiso, akasaze wazonda abantu, ngakho ingabe angakwazi ukuwuqeda umsebenzi Wakhe? Ngesikhathi uJesu efika lapha, wabethelwa esiphambanweni, Wazingcwelisa ngenxa yazo zonke izoni ngokuba azinikele e-altare. Wayesewuqede kudala umsebenzi wokukhulula futhi esephethe iNkathi Yomusa, ngakho sikuphi isidingo sokuphinda umsebenzi wangaleyo nkathi ezinsukwini zokugcina? Ingabe ukuphinda into enjalo akwenzi kube sengathi uJesu akenzanga lutho? Uma uNkulunkulu engenzi umsebenzi wokubethelwa lapho eza kulesi sigaba kodwa eqhubeke abonise uthando nozwela, ngakho uyokwazi ngempela ukuletha lo msebenzi ekupheleni? Ingabe uNkulunkulu onothando nonobubele angayiphetha le nkathi? Emsebenzini Wakhe wokugcina wokuphetha inkathi, isimo sikaNkulunkulu singesinye sesijeziso kanye nesahlulelo, okubonisa konke ukungalungi nokwahlulelwa kwabo bonke abantu obala futhi kuphelelise labo abamthanda ngempela uNkulunkulu. Isimo esinjalo kuphela esingaphothula le nkathi.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  13. Sezifikile izinsuku zokugcina. Zonke izinto ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo nangokwemikhakha yazo kuye ngendlela ezakheke ngayo. Lesi yisikhathi lapho uNkulunkulu embula khona ukuphela nalapho umuntu ezogcina khona. Uma umuntu engabhekani nesijeziso nesahlulelo, khona-ke ngeke kube khona indlela yokuveza ukungalaleli kanye nokungalungi kwakhe. Kungaleyo ndlela kuphela lapho isijeziso nesahlulelo siyokwambula ukuqedwa kwazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho lapho ethola isijeziso nesahlulelo. Ububi kufanele bubuyele ebubini, okuhle kubuyele ebuhleni futhi umuntu kufanele ahlukaniswe ngalokho ayikho. Kungesijeziso nangesahlulelo lapho kuyokwambulwa khona ukuphela kwazo zonke izinto, ukuze ababi bathole isijeziso nabenzi bokuhle bathole umklomelo nokuba bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke umsebenzi udinga ukuba isijeziso nesahlulelo sokulunga sizuzwe. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike ekugcineni kanye nokungalaleli kwakhe kuye kwaba kubi nakakhulu, ngubungcwele bukaNkulunkulu kuphela obungajezisa, bahlulele, futhi buyembulwa phakathi nezinsuku zokugcina, bungamshintsha ngokuphelele umuntu. Lokhu kuma Kwakhe yikho kuphela okungaveza obala ububi futhi kwahlulele kabuhlungu abangalungile. Ngakho, isimo esinjalo sibonisa ukubaluleka kwenkathi kanye nokwembulwa kobuntu Bakhe kwenzelwe umsebenzi wesikhathi ngasinye esisha esiba khona. UNkulunkulu akamane nje aveze isimo Sakhe ngaphandle kwesizathu esithile. Uma, lapho kwambulwa ukuphela kwabantu phakathi nezinsuku zokugcina, uNkulunkulu esababonisa uzwela nothando olungapheli, uma uthando Lwakhe esalubonisa abantu futhi uma engabahluleli ngokulunga kodwa ebabekezelela futhi ebaxolela, uma esabanika ithuba abantu kungakhathaliseki ukuthi zinkulu kangakanani izono abazenzayo ngaphandle kwanoma yikuphi ukwahlulelwa kokulunga, ingabe lapho yilapho kuyobe kunokuphela kwawo wonke umsebenzi olawulwa nguNkulunkulu? Kunini lapho isimo esinjalo siyokwazi khona ukuholela isintu esiphethweni esifanele? Thatha ngokwesibonelo, ijaji elihlezi linothando, linomusa nesineke. Liyabathanda abantu kungakhathaliseki ukuthi benza izono ezingakanani futhi unothando, uyababekezelela nabantu kungakhathaliseki ukuthi bangobani. Ngakho kunini lapho leli jaji liyokwazi khona ukwenza isinqumo esinobulungisa? Phakathi nezinsuku zokugcina, ukwahlulela ngokulunga okuyohlukanisa abantu ngokwezenzo zabo futhi okungaletha umuntu embusweni omusha. Ngaleyo ndlela, ngesijeziso nesahlulelo sikaNkulunkulu yilapho isikhathi siyobuyiselwa khona ekugcineni.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  14. Umsebenzi kaNkulunkulu kukho konke ukulawula Kwakhe ucace bha: iNkathi Yomusa iyiNkathi Yomusa futhi izinsuku zokugcina ziyizinsuku zokugcina. Kunomehluko omkhulu phakathi kwalezi zinkathi, ngoba enkathini ngayinye, uNkulunkulu wenza umsebenzi omelela leyo nkathi. Ngoba ukuze umsebenzi wezinsuku zokugcina ufezwe, kumele kube nokusha, isijeziso, ulaka nembubhiso ezoletha le nkathi ekugcineni. Izinsuku zokugcina zisho inkathi yokugcina. Phakathi nenkathi yokugcina, ingabe uNkulunkulu angeke aqede ngale nkathi? Yisijeziso nesahlulelo kuphela lapho okuyoqeda le nkathi. Inhloso kaJesu, yayiwukuba abantu baqhubeke bekhona, baphile futhi baphile ngendlela engcono kakhulu. Wasindisa umuntu esonweni ukuze umuntu ezoyeka ukonakala futhi angasaphili eHayidesi nasesihogweni, futhi ngokusindisa umuntu eHayidesi nasesihogweni wayenzela ukuba umuntu aqhubeke ephila. Manje, sezifikile izinsuku zokugcina. UNkulunkulu uyobhuqa umuntu, ambhubhise ngokuphelele, okusho ukuthi uyokwenza ukuba umuntu abuyelwe ngokwemisebenzi yokungalaleli kwakhe. Ngenxa yalokho, isihawu nothando lukaNkulunkulu kwangesikhathi esidlule ngeke kuyiqede inkathi futhi ngeke kuyiqede iminyaka eyizi-6000 yohlelo lokuqondisa kukaNkulunkulu. Inkathi nenkathi iveza okuthile ngoNkulunkulu futhi isuke inomsebenzi okufanele wenziwe nguNkulunkulu. Ngakho, umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu uqobo enkathini ethile unokubonakalisa Kwakhe isimo Sakhe negama Lakhe futhi umsebenzi awenzile uyashintsha kuye ngesikhathi; konke kusha.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  15. Ngenkathi Yomthetho, umsebenzi wokuqondisa isintu wawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova futhi isigaba sokuqala somsebenzi senziwa emhlabeni. Lo msebenzi kwakungowokwakha ithempeli ne-altare kanye nokusebenzisa umthetho ukuze kuqondiswe isizwe sakwa-Israyeli nokuba wenziwe nabo. UNkulunkulu wasungula umsebenzi Wakhe la emhlabeni ngokuqondisa abantu bakwa-Israyeli. Ngokwenza kanjalo, wawusabalalisa umsebenzi Wakhe, wawuyisa ngaphandle, okusho ukuthi, ukusuka kwa-Israyeli, wawuyisa ngaphandle ukuze kamuva izizukulwane ngezizukulwane kancane kancane zazi ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu nokuthi uJehova udale amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, wenze zonke izilwane. Usabalalise umsebenzi Wakhe kubantu bakwa-Israyeli. Izwe lakwa-Israyeli laliyindawo engcwele yokuqala yomsebenzi kaJehova lapha emhlabeni futhi omunye wemisebenzi yokuqala kaNkulunkulu wawusezweni lakwa-Israyeli. Lowo kwakuwumsebenzi weNkathi Yomthetho. Emsebenzini weNkathi Yomusa, uJesu wayenguNkulunkulu owasindisa umuntu. Lokho ayenakho kwakuwumusa, uthando, ububele, unembeza, ukubekezela, ukuthobeka, ukunakekela kanye nokubekezelelana nokunye okuningi komsebenzi awenza okuwukukhululwa komuntu noma kwesintu. Ngokuqondene nesimo Sakhe, ububele nothando kwakuyingxenye Yakhe futhi ngenya yokuthi wayenobubele nothando, kwadingeka abethelwe esiphambanweni ngenxa yomuntu, ukuze uNkulunkulu abonise uthando Lwakhe uqobo kumuntu kangangokuthi waze wazinikela Yena uqobo. … NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu, okusho ukuthi uNkulunkulu wayenguNkulunkulu owasindisa umuntu, nokuthi ngalokho wayenguNkulunkulu onobubele futhi onothando. UNkulunkulu wayenomuntu. Uthando, ububele nensindiso Yakhe konke bekuhambisana nawo wonke umuntu. Umuntu angathola ukuthula nenjabulo kuphela, amukele isibusiso Sakhe kanye nomusa Wakhe omkhulu, umuntu amukele nensindiso Yakhe uma emamukela. Ngokubethelwa kukaJesu, bonke labo abamlandela bathola insindiso futhi baxolelwa izono zabo. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu. Ngamanye amazwi umsebenzi wangeNkathi Yomusa, umsebenzi wawenziwe egameni likaJesu ngokuyinhloko. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu. Wenza umsebenzi omusha ngemva kweTestamente Elidala futhi umsebenzi Wakhe waphetha ngokubethelwa, lokho kwakuwumsebenzi wakhe uqobo. Ngakho, ngeNkathi Yomthetho, uJehova kwakuyigama likaNkulunkulu futhi ngeNkathi Yomusa uJesu wayemelela uNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, igama Lakhe uNkulunkulu uMninimandla Onke—Onamandla futhi usebenzisa amandla Akhe ukuze aqondise umuntu, amnqobe futhi amzuze, ekugcineni aqede ngenkathi. Isimo sikaNkulunkulu siwubufakazi bomsebenzi awenza kuzona zonke izigaba zomsebenzi Wakhe.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  16. Uma umsebenzi kaNkulunkulu uhlezi ufana inkathi ngayinye futhi ebizwa ngegama elifanayo, umuntu angamazi kanjani uNkulunkulu? Kumele ukuba uNkulunkulu ubizwa ngoJehova, futhi uma kukhona uNkulunkulu ongabizwa ngoJehova, lowo akayena uNkulunkulu. Noma uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu, futhi uNkulunkulu akufanele abizwe ngelinye igama ngaphandle kwelikaJesu; ngaphandle kukaJesu, uJehova akayena uNkulunkulu noMninimandla Onke akayena uNkulunkulu. Umuntu ukholelwa ukuthi kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu unamandla, kodwa uNkulunkulu unguNkulunkulu nomuntu; kumele abizwe ngoJesu ngoba ungumuntu. Ukuze umuntu akwazi ukwenza kanjalo, kufanele alandele imfundiso ethile futhi azithobe kuNkulunkulu. Ngakho umsebenzi uNkulunkulu awenzayo isikhathi nesikhathi, igama asuke ebizwa ngalo, lokho asuke eyikho kanye nazo zonke izigaba zomsebenzi Wakhe kuze kube yilolu suku, akulandeli imigudu ethile futhi akukho ngaphansi kwemibandela ethile. UnguJehova futhi usanguye uJesu kanye noMesiya, uNkulunkulu uMninimandla Onke. Umsebenzi Wakhe ungashintsha kancane kancane futhi egameni Lakhe kuba noshintsho oluhambisana nokushintsha kwesikhathi. Alikho nelilodwa igama elimelela Yena ngokugcwele kodwa wonke amagama angamumelela ngokugcwele nomsebenzi awenzayo umelela isimo Sakhe.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  17. Ake sithi, lapho kufika usuku lokugcina, uNkulunkulu oyobe unaye kuyobe kusanguJesu futhi egibele ifu elimhlophe futhi esabukeka njengoJesu futhi namazwi awakhulumayo ngakaJesu athi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, kufanele uzile bese uyathandaza, uthande izitha zakho futhi unakekele ukuphila kwakho, ucabangele abanye futhi ube nesineke uthobeke. Ngaleyo ndlela niyoba ngabafundi bami.” Uma nikwenza konke lokhu, niyongena embusweni Wami. Ingabe lona akuwona umsebenzi weNkathi Yomusa? Ingabe lena akuyona indlela okukhulunywe ngayo phakathi kweNkathi Yomusa? Uzizwa kanjani ngokuzwa la mazwi? Ingabe awukuzwa ukuthi lona kusawumsebenzi kaJesu? Ingabe akukhona ukuphindaphinda komsebenzi wakhe? Kungamanelisa yini umuntu? Ungase ube nomuzwa wokuthi umsebenzi kaNkulunkulu ngeke usaqhubekela phambili. Unalawo mandla amakhulu kuphela, awukho umsebenzi omusha ongenziwa futhi useye wafinyelela lapho ephelela khona. Eminyakeni eyizi-2 000 eyedlule kwakuyiNkathi Yomusa futhi eminyakeni eyizi-2 000 eyalandela usashumayela ngendlela yeNkathi Yomusa futhi usenza abantu ukuba baphenduke. Abantu bazothi, “Nkulunkulu, unamandla amakhulu kangaka. Bengikholelwa ekutheni uhlakaniphe kakhulu, nokho Wazi kuphela unembeza nokubekezela, Wazi kuphela ukuthanda isitha Sakho akukho okungaphezu kwalokho.” Engqondweni yomuntu, uNkulunkulu uyohlezi efana naseNkathini Yomusa futhi umuntu uyohlezi ekholelwa ukuthi uNkulunkulu unothando futhi unomusa. Ucabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyohlezi ufana nowakudala? Uma kunjalo, kulesi sigaba somsebenzi Wakhe angeke abethelwe futhi konke okubonayo nokuthintayo kufanele kungafani nalokho obukucabanga nobukuzwa.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  18. Ingabe igama likaJesu, “UNkulunkulu unathi,” limveza ngokuphelele uNkulunkulu? Kungenzeka yini ukuba limcacisa ngokuphelele uNkulunkulu? Uma umuntu ethi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu futhi akufanele abe nelinye igama ngoba uNkulunkulu unesimo esingashintshi, ngakho amazwi anjalo awukuhlambalaza! Uyakholelwa ukuthi igama likaNkulunkulu elithi Jesu, uNkulunkulu unathi, lingammelela ngokuphelele uNkulunkulu? UNkulunkulu angabizwa ngamagama amaningi, alikho igama elilodwa elingakucacisa kahle konke lokho uNkulunkulu anakho futhi alikho elingammelela ngokuphelele. Ngakho uNkulunkulu unamagama amaningi, kodwa wonke la magama amaningi awakwazi ukukucacisa kahle lokho uNkulunkulu ayikho, ngoba kujule kakhulu lokho uNkulunkulu ayikho, kudlulela ngale kokuqonda komuntu. … Igama elithile elilodwa alinawo amandla okumelela uNkulunkulu uqobo. Ngakho ingabe uNkulunkulu angathatha igama elilodwa nje? UNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ungcwele, ngakho kungani ungamvumeli ashintshe igama Lakhe njalo ngenkathi entsha? Kanjalo, uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe uqobo inkathi ngayinye, usebenzisa igama elizuzisa inkathi enza kuyo umsebenzi Wakhe. Usebenzisa lelo gama elibonisa ukubaluleka kwaleyo nkathi ukuze liveze Yena ngaleyo nkathi. UNkulunkulu usebenzisa ulimi olusetshenziswa ngabantu ukuze aveze ubuyena. … Luyofika usuku lapho uNkulunkulu engeke esabizwa ngegama elithi Jehova, Jesu noma uMesiya—Uyobe esebizwa nje ngokuthi uMdali. Ngaleso sikhathi, wonke amagama ake wawasebenzisa emhlabeni ayophelelwa yisikhathi, ngoba umsebenzi Wakhe emhlabeni uyobe usuphelelwe isikhathi ngemva kwalokho ngeke esaba nalo igama. Lapho zonke izinto sezingaphansi kokubusa koMdali, kungani umbiza ngokuthi ungofaneleke kahle kakhulu lokho kube kuyigama elingaphelele? Ingabe usalifuna igama likaNkulunkulu? Ingabe usenendaba nokuthi uNkulunkulu ubizwa kuphela ngokuthi uJehova? Ingabe usenendaba nokuthi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi nguJesu? Ungakwazi yini ukuthwala isono sokuhlambalaza uNkulunkulu? Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu ubengenalo igama esikhathini esiphambilini. Uye wasebenzisa igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi bekufanele asebenzele ukudala nokulawula isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo, ingabe akulona yini azikhethele lona? Ingabe uyakudinga, wena sidalwa ukuba uthathe isinqumo ngalo? Igama uNkulunkulu abizwa ngalo yilelo umuntu angakwazi ukuliqonda nangolimi lomuntu, kodwa leli gama asikwazi ukuliqonda ngokuphelele. Ungasho kuphela ukuthi kunoNkulunkulu osezulwini, obizwa ngokuthi uNkulunkulu, ngokuthi Yena unamandla amakhulu, uhlakaniphe kakhulu, uphakeme kakhulu, umangalisa kakhulu, akaqondakali kakhulu, umninimandla onke kakhulu futhi akukho okungaphezu kwalokho ongakusho; yilokho kuphela okwaziyo. Ngaleyo ndlela, ingabe igama likaJesu lingamelela uNkulunkulu uqobo? Lapho izinsuku zokugcina zifika, nakuba kusenguye uNkulunkulu owenza umsebenzi Wakhe, igama Lakhe kufanele lishintshe ngoba sekuyinkathi entsha.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  19. Ngesikhathi uJesu efika ezokwenza umsebenzi Wakhe, wawungaphansi kokuqondisa kukaMoya Oyingcwele; wenza kona kanye lokho uMoya Oyingcwele owawukufuna futhi kwakungekhona ngokweTestamente Elidala leNkathi Yomthetho noma ngokwendlela yomsebenzi kaJehova. Nakuba umsebenzi uJesu ayewuzele kwakungekhona ukuzogcina imithetho kanye nemiyalo kaJehova, umthombo wakho wawufana. Umsebenzi uJesu awenza wawumelela igama likaJesu neNkathi Yomusa; umsebenzi owawenziwa uJehova wona wawumelela uJehova kanye neNkathi Yomthetho. Umsebenzi wabo kwakuwumsebenzi kaMoya owodwa osezinkathini ezimbili ezingefani. Umsebenzi uJesu awenza wawungamelela iNkathi Yomusa kuphela nomsebenzi uJehova awenza nawo wawungamelela iTestamente Elidala, iNkathi Yomthetho. UJehova wayeqondisa kuphela abantu bakwa-Israyeli nabaseGibhithe kanye nazo zonke izizwe ezingale kuka-Israyeli. Umsebenzi kaJesu okuyiTestamente Elisha leNkathi Yomusa kwakuwumsebenzi kaNkulunkulu egameni likaJesu njengoba ayeqondisa kuleyo nkathi. Uma uthi umsebenzi kaJesu wawuncike kokaJehova futhi akazange enze umsebenzi omusha futhi konke akwenza kwakuvumelana namazwi kanye nomsebenzi kaJehova kuhlanganise neziprofetho zika-Isaya, ngakho uJesu wayengeyena uNkulunkulu obe yinyama. Uma enza umsebenzi Wakhe ngale ndlela, kusho ukuthi wayengumphostoli noma isisebenzi seNkathi Yomthetho.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  20. Uma kunjengoba usho, kusho ukuthi uJesu akazange ayiqale inkathi futhi awukho omunye umsebenzi ayengawenza. Ngendlela efanayo, uMoya Oyingcwele kumele ngokuyinhloko wenze umsebenzi Wakhe ngoJehova futhi ngaphandle kukaJehova uMoya Oyingcwele awunakwazi ukwenza umsebenzi omusha. Umuntu unephutha ngokubheka umsebenzi kaJesu ngaleyo ndlela. Uma umuntu ekholelwa ukuthi umsebenzi owenziwe uJesu wawuvumelana namazwi kaJehova kanye neziprofetho zika-Isaya, ingabe kusho ukuthi uJesu wayenguNkulunkulu osenyameni noma wayengumprofethi? Uma kunjalo, ayikaze ibe khona iNkathi Yomusa futhi uJesu wayengeyena uNkulunkulu osenyameni, ngoba umsebenzi awenza wawungakwazi ukumelela iNkathi Yomusa futhi wawungamelela kuphela iTestamente Elidala, iNkathi Yomthetho. Kwakungaba nenkathi entsha lapho uJesu efika ezokwenza umsebenzi omusha futhi waphumelela, aqale umkhankaso wenkathi entsha futhi wenza umsebenzi owawukade wenziwe u-Israyeli kodwa wangawenza owakhe ngokwendlela yomsebenzi owenziwa nguJehova ku-Israyeli futhi akazange alandele imithetho nezimiso Zakhe zakudala futhi wenza umsebenzi omusha okwakufanele awenze.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  21. UNkulunkulu Uqobo uyeza uzoqala inkathi futhi Yena uyeza uzoqeda inkathi. Umuntu akakwazi ukuqala umsebenzi wokuqala kwenkathi nokuphetha inkathi. Uma uJesu engazange alethe umsebenzi kaJehova ekupheleni, ngakho lokho kubonisa ukuthi wayemane engumuntu futhi engameleli uNkulunkulu. Ngokuqinisekile uJesu weza wafeza umsebenzi kaJehova ngemva kwalokho waqala umsebenzi Wakhe, umsebenzi omusha, lokhu kubonisa ukuthi kwakuyinkathi entsha nokuthi uJesu wayenguNkulunkulu uqobo. Bobabili benza umsebenzi ohlukene ngokuphelele ngokwezigaba. Omunye wawenziwa ethempelini kanti omunye wawenziwa ngaphandle kwalo. Omunye wale misebenzi wawungukuhola abantu ngendlela yomthetho kanti omunye wawungukunikela ngomhlatshelo wesono. Zombili lezi zigaba zomsebenzi kwakungelona iphutha ukuba zingafani; lokhu wukwehlukaniswa kwenkathi entsha nendala, futhi alikho iphutha ekutheni ziyizinkathi ezimbili! Umsebenzi Wabo wawenzelwa ezindaweni ezihlukene futhi umongo womsebenzi wabo uhlukile kanti nezinhloso zawo zihlukile. Ngakho ungahlukaniswa ube yizinkathi ezimbili: ITestamente Elisha neTestamente Elidala, okuwukuthi, inkathi entsha nendala. … Nakuba zazibizwa ngamagama amabili angafani, zombili lezi zigaba zomsebenzi zazenziwa ngoMoya owodwa. Njengoba amagama kanye nomongo womsebenzi kwakwehlukile, inkathi yayihlukile. Ngenkathi uJehova efika, leyo kwakuyinkathi kaJehova nalapho uJesu efika, leyo kwakuyinkathi kaJesu. Ngakho, isikhathi ngasinye lapho uNkulunkulu efika, ubizwa ngegama elilodwa, umelela inkathi eyodwa futhi uvula indlela entsha, aziqambe igama elisha, okubonisa ukuthi uNkulunkulu uhlezi emusha futhi akagugi, okuwukuthi umsebenzi Wakhe uhlezi uphumelela. Umlando uhlezi uqhubekela phambili nomsebenzi kaNkulunkulu uhlezi uqhubekela phambili. Ukuze uhlelo lweminyaka eziyi-6000 lufinyelele esiphethweni, kumele luqhubeke luye phambili. Usuku nosuku, unyaka nonyaka kumele enze umsebenzi omusha; kumele aqale izindlela ezintsha, aqale izinkathi ezintsha, aqale umsebenzi omusha nomkhulu futhi aqambe umsebenzi omusha nomdala.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  22. Uma umuntu ecabanga, uJesu uzofika, esabiza uJesu phakathi nezinsuku zokugcina futhi agqolozele ifu elimhlophe, abheke umuntu owehlayo ofanekisela uJesu, ingabe lokho wukuphindaphindwa komsebenzi Wakhe? Ingabe uMoya Oyingcwele wawuyonamathela kokudala? Konke umuntu akukholelwayo kuyimibono futhi konke umuntu akwamukelayo kuba semicabangweni yakhe; kuhlukile lokhu kulokho okulindeleke emsebenzini woMoya Oyingcwele futhi akuhambisani nezinhloso zikaNkulunkulu. UNkulunkulu ubengeke enze kanjalo; uNkulunkulu akasona neze isiphukuphuku, umsebenzi Wakhe awulula ngaleyo ndlela ongase uwucabange ngayo. Ngokwakho konke okwenziwe futhi kwacatshangwa umuntu, uJesu uyofika ngefu ehlele phakathi kwethu. Kumele nibambelele Kuye futhi nigibele ifu, uyothi kini unguJesu. Kufanele nibambe namanxeba Akhe ezandleni Zakhe futhi nimazi ukuthi unguJesu. Futhi uyonisindisa, abe uNkulunkulu wenu onamandla. Uyonisindisa, aniqambe igama elisha futhi anike wonke umuntu itshe elimhlophe, okuyothi ngemva kwalokho nivunyelwe ukuba ningene embusweni wezulu futhi namukelwe epharadesi. Ingabe izinkolelo ezinjalo aziyona imicabango yomuntu? Ingabe uNkulunkulu usebenza ngokwalokho okucatshangwa ngabantu noma usebenza ngokuphambene nalokho okucatshangwa umuntu? Ingabe konke okucatshangwa ngumuntu akuveli kuSathane? Ingabe akubona bonke abantu abonakaliswa uSathane? Uma uNkulunkulu enze umsebenzi Wakhe ngendlela yomuntu yokucabanga, ingabe uNkulunkulu angeke abe nguSathane? Ingabe ngeke afane nezidalwa? Njengoba nezidalwa sezonakaliswe uSathane kangangokuthi umuntu usephenduke uSathane, uma uNkulunkulu esebenze ngokwezindlela zikaSathane ingabe ubengeke yini abe yisivumelwano sikaSathane? Umuntu angabhekana kanjani nomsebenzi kaNkulunkulu? Ngakho, uNkulunkulu akasebenzi ngokwalokho umuntu akucabangayo. Kunalabo abathi uNkulunkulu Uqobo wathi uyofika ngefu. Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu Uqobo washo njalo, kodwa ingabe uyazi ukuthi izimfihlakalo Zakhe azinakulinganiswa muntu? Uyazi ukuthi amazwi kaNkulunkulu awanakuchazwa ngumuntu? Uyaqiniseka ngokuthi ukhanyiselwe ngoMoya Oyingcwele? Ingabe uMoya Oyingcwele ukubonise ngendlela eqondile? Ingabe le imikhombandlela yoMoya Oyingcwele noma imibono yakho? Wathi, “Lokhu kwashiwo uNkulunkulu Uqobo.” Kodwa asikwazi ukusebenzisa imibono yethu nezingqondo zethu ukuze sikale amazwi kaNkulunkulu. Ngokwamazwi ka-Isaya, ungawachaza amazwi akhe ngokukhulu ukuqiniseka? Ingabe uyazama ukuwachaza amazwi akhe? Njengoba ungazami nokuwachaza amazwi ka-Isaya, pho kungani ulokhu uzama ukuchaza amazwi kaJesu? Ubani ophakeme kakhulu, uJesu noma u-Isaya? Njengoba impendulo inguJesu, kungani uzama ukuchaza amazwi akhulunywe uJesu? Ingabe uNkulunkulu angawazisa umsebenzi Wakhe kusenesikhathi? Asikho isidalwa esingazi, ngisho nezithunywa ezulwini ngisho nendodana yomuntu. Umuntu untula kakhulu. Okubalulekile kuwe manje ukwazi izigaba ezintathu zomsebenzi.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  23. Kusukela emsebenzini kaJehova kuya kokaJesu, futhi kusukela emsebenzini kaJesu kuya kulowo wamanje, lezi zigaba ezintathu zihlanganisa bonke ububanzi bokuqondisa kukaNkulunkulu futhi yonke iyimisebenzi eyenziwa ngoMoya owodwa. Kusukela lapho adala khona umhlaba, uNkulunkulu ubelokhu ephatha isintu. UyiSiqalo neSiphetho, Lowo oqala inkathi futhi Ayiqede. Izigaba ezintathu zomsebenzi ezinkathini nasezindaweni ezingefani kwenziwa ngoMoya owodwa. Bonke labo abahlukanisa lezi zigaba, baphikisa uNkulunkulu. Manje, kumele uqonde ukuthi kusukela emsebenzini wesigaba sokuqala kuze kube namuhla kuwumsebenzi kaNkulunkulu oyedwa noMoya owodwa okungekho ukungabaza ngakho.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla




Awekho amazwana:

Thumela amazwana