27.11.19

Isimilo Senu Sibi Kakhulu!

umusa kaNkulunkulu

Nonke nihlezi ezihlalweni zikanokusho, nifundisa labo bezizukulwane ezisencane ukuthi obani abawuhlobo lwenu, nibahlalise nani. Kwenzeka kanjani ukuba ningazi ukuthi lezo "zingane" zenu zase zivele zingasaphefumuli, nokuthi zazingenawo umsebenzi Wami kusukela kudala? Udumo Lwami lukhazimula lusuka ezweni laseMpumalanga luya ezweni laseNtshonalanga, kodwa uma udumo Lwami lusabalala luya emaphethelweni omhlaba nalapho luqala luphakama lukhazimula, ngizosusa udumo Lwami lwaseMpumalanga ngilulethe eNtshonalanga ukuze laba bantu bobumnyama eMpumalanga asebengihlamukile bangabi nakho ukukhazimula kokukhanya kusukela manje kuya phambili.

24.11.19

Abantu Abakhethiwe eShayina Abakwazi Ukumela Noma Yisiphi Isizwe sakwa-Israyeli

umsebenzi kaNkulunkulu,ukulunga kukaNkulunkulu

Indlu kaDavide yathola isethembiso sikaJehova, futhi yayingumndeni owathola ifa likaJehova. Kwasekuqaleni yayingesinye sezizwe zakwa-Israyeli futhi kwakungesabantu ababekhethiwe. Ngaleso sikhathi, uJehova washaya umthetho kubantu bakwa-Israyeli othi bonke abantu abangamaJuda bendlu kaDavide, bonke labo ababezalwe kuleyo ndlu bayothola ifa Lakhe.

22.11.19

Isiqu Kanye Nobuntu Bomuntu

izwi likaNkulunkulu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Eqinisweni, abaphoxekile, sebewubonile umsebenzi owenziwa iminyaka eyizi-6 000 kuze kube manje, ngoba angikaze ngibashiye. Kunalokho, ngenxa yokuthi okhokho babo badla isithelo emthini wolwazi lokuhle nokubi esasilethwe omubi, bangishiya ngenxa yesono. Okuhle kungokwami, kuyilapho okubi kungokomubi ongikhohlisayo ngenxa yesono.

19.11.19

Inhloso Yokwengamela Umuntu

igunya likaNkulunkulu,umsebenzi kaNkulunkulu

Uma abantu bengaqonda ngokugcwele indlela elungile yempilo yomuntu kanjalo nenhloso kaNkulunkulu yokulawula umuntu, ngeke baphathe ikusasa labo ngabanye ngabanye kanye nemigomo abayiphokophelele njengomcebo ezinhliziyweni zabo. Ngeke besafisa ukukhonza abazali babo abangcole ngaphezu kwezingulube nezinja.

18.11.19

Ukwenza Iqiniso Kuphela Okuwukuba Ngokoqobo

intando kaNkulunkulu,izwi likaNkulunkulu

Ukwenza Iqiniso Kuphela Okuwukuba Ngokoqobo


Ukukwazi ukuwachaza kahle amazwi kaNkulunkulu akusho ukuthi usesimweni esingokoqobo—izinto azilula njengoba ubungase ucabange. Ukuthi usesimweni esingokoqobo noma cha akuncikile kulokho okushoyo, kunalokho, kuncike kulokho okuphilayo. Lapho amazwi kaNkulunkulu eba ukuphila kwakho nokuba kwakho ngokwemvelo, yilokho kuphela okubhekwa njengokuba ngokoqobo, futhi yilokho okubhekwa njengokuba nokuqonda nesiqu sangempela. Kumele ukwazi ukumelana nokuhlolwa isikhathi eside, futhi kumele ukwazi ukuphila ngendlela uNkulunkulu ayifuna kuwe; akumele kumane kube ukubukeka nje, kodwa kumele kube ngokwemvelo kuwe.

16.11.19

Lokho Umalusi Ofanelekayo Okufanele Ahlome Ngakho

ukukholwa kuNkulunkulu,ukulalela uNkulunkulu

Kumele uqonde izimo eziningi abantu abayoba kuzo lapho uMoya Ongcwele wenza umsebenzi kubo. Ikakhulukazi labo ababambisanayo ukuze bakhonze uNkulunkulu kumele baze bazibambe kangcono izimo ezilethwe umsebenzi uMoya Ongcwele owenza kubantu. Uma ukhuluma kuphela ngezimo ezihlukahlukene nezindlela eziningi zokungena, kubonisa ukuthi isimo sakho sisohlangothini olulodwa kakhulu.

10.11.19

South African Christian Music "Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni" Worship Song (Zulu Subs)



South African Christian Music "Ihubo Lombuso: Umbuso Wehlela Emhlabeni" Worship Song (Zulu Subs)


Ihubo lombuso elinyakazisayo selizwakele, limemezela ukufika kukaNkulunkulu phakathi  kwabantu emhlabeni wonke! Umbuso kaNkulunkulu usufikile! Zonke izinkanyezi ziyadansa, zonke izinto ziyathokoza, bonke abantu bayahalalisa! Yonke into kuwo wonke amazulu ichichima injabulo. Yiziphi lezi zimo zenjabulo ezithathekisayo?