9.3.19

1. IBhayibheli liyirekhodi kuphela lezigaba ezimbili zikaNkulunkulu Inkathi Yomthetho neNkathi Yomusa; alilona irekhodi lomsebenzi kaNkulunkulu wonke

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Ngisenezinto eziningi engingazisho kini, kodwa ningekwazi ukuzithwala manje. Noma kunjalo, uma esefikile yena, uMoya weqiniso, uzoniholela kulo lonke iqiniso: ngoba akazukuzikhulumela, kodwa lokho azokuzwa, uzokusho: futhi uzonikhombisa okuzayo” (Johane 16:12-13).

Onendlebe makezwe lokho okushiwo uMoya emabandleni” (IsAmbulo 2:17).

7.3.19

4. Umuntu okholwa kuNkulunkulu kufanele akwazi ukuhlaluka abelusi bamanga nomphikukristu ukuze alahle inkolo abuyele kuNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Isho kanje iNkosi UNKULUNKULU kubelusi; Wo kubelusi bakwa-Israyeli abazondla bona! abelusi akufanele bondle izimvu na? Nidla amanoni, futhi nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo: kodwa anizondli izimvu. Ezibuthakathaka aniziqinisanga, negulayo aniyelaphanga, nephukileyo aniyibophanga, nexoshiweyo aniyibuyisanga, nelahlekileyo aniyifunanga; kodwa nizibuse ngamandla nangonya” (UHezekeli 34:2-4).

5.3.19

Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nomphumela Womsebenzi Wakhe

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Okokuqala, ake sihube ingoma: Iculo Lombuso (I) Umbuso Wehlele Emhlabeni

Kukhala izinsimbi: Abantu bahalalisela uNkulunkulu, abantu bayadumisa uNkulunkulu, yonke imilomo ibiza uNkulunkulu oyedwa weqiniso, umbuso wehlela emhlabeni.

1. Abantu bahalalisela uNkulunkulu, abantu badumisa uNkulunkulu; yonke imilomo, ibiza uNkulunkulu oyedwa weqiniso, bonke abantu baphakamisa amehlo abo ukubheka izenzo zikaNkulunkulu.

3.3.19

3. Yikumaphi amaphuzu lapho Amandla nokuhlakanipha kukaNkulunkulu kwambulwa khona?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,uNkulunkulu wokuhlakanipha

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Amazwi kaNkulunkulu ayigunya, amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, futhi ngaphambi kokuthi aphume emlonyeni Wakhe, okungukuthi, uma ethatha isinqumo sokwenza okuthile, leyo nto seyifezekile.

1.3.19

5. Ingabe uNkulunkulu ubusa futhi aphathe kanjani umhlaba wonke?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,umsebenzi kaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Zingaki izidalwa eziphilayo futhi ezizalanayo ebukhulwini obubanzi bomhlaba nezulu, zilandela umthetho wokuphila ngokuphindaphinda, zibambelele emthethweni owodwa ongaguquki. Labo abafayo bahamba nezindaba zalabo abaphilayo, futhi labo abaphilayo bayaphinda umlando ofanayo onosizi walabo asebefile. Ngakho isintu asikwazi ukungazibuzi: Siphilelani? Futhi kungani kufanele sife? Ubani ophethe lo mhlaba? Futhi ubani owadala lesi sintu? Isintu sadalwa uMama Oyimvelo? Ingabe isintu sizilawulela sona ngempela ikusasa laso? … Isintu asazi ukuthi ngubani oyiNkosi yezinto zonke emhlabeni nasezulwini, kungasaphathwa ukungazi kwaso isiqalo nekusasa lesintu.

27.2.19

Ingabe uNkulunkulu weluse futhi wahlinzeka kanjani isintu kuze kube sezinsukwini zamanje?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu waqala ekudalweni komhlaba, futhi umuntu uyingqikithi yalo msebenzi. Ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto, kungashiwo ukuthi kungenxa yomuntu. Ngoba umsebenzi wokuphatha Kwakhe uqhubeke izinkulungwane zeminyaka, futhi awenziwa ngesikhathi esingangemizuzu noma imizuzwana, noma ngokuphazima kweso, noma ngonyaka owodwa noma emibili, kwadingeka ukuthi adale ezinye izinto ezidingekayo ukuze aphile umuntu, njengelanga, inyanga, ngezinhlobo ngezinhlobo zezidalwa eziphilayo, nokudla, kanye nendawo yokuphila yesintu. Lokhu kwabe kuwukuqala kokuphatha kukaNkulunkulu.

25.2.19

2. Ingabe umuntu angazi kanjani isimo sikaNkulunkulu nomongo?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ubungcwele bukaNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Abantu bavame ukuthi akuyona into elula ukwazi uNkulunkulu. Kepha, ngithi ukwazi uNkulunkulu akuyona into enzima neze, ngoba uNkulunkulu, njalo uyavumela umuntu ukuthi azibone izenzo Zakhe. UNkulunkulu akakaze ayeke ingxoxo Yakhe nesintu; akakaze azifihle kumuntu, futhi akakaze acashe. Imicabango Yakhe, imibono Yakhe, amazwi Akhe kanye nezenzo Zakhe ziveziwe zonke esintwini. Ngakho, inqobo nje uma umuntu efisa ukwazi uNkulunkulu, angakwazi ukumqonda nokumazi ngezindlela eziningi futhi ezinhlobonhlobo.