19.2.19

Ukudingida Impilo Yasebandleni Nempilo Yangokoqobo

Abantu bacabanga ukuthi bakwazi kuphela ukushintsha uma bengaphakathi ebandleni labo, nokuthi uma bengaphili besebandleni, ukuguquka akwenzeki, bathi abakwazi ukufeza inguquko yeqiniso empilweni yabo abayiphilayo. Niyazi ukuthi yini ngempela inkinga kulokhu? Ngike ngakhuluma ngokuletha uNkulunkulu empilweni yomuntu yeqiniso, futhi le yindlela yalabo abakholelwa kuNkulunkulu ukuba bazi ngokweqiniso amazwi kaNKulunkulu. Empeleni, impilo yebandla yindlela nje ekhawulekile yokuba abantu babe ngabamsulwa nabangenasihla. Indawo eyisisekelo yokuba ngabantu abamsulwa nabaphelele kuseyiyo impilo uqobo lwayo.

17.2.19

Lapho kuya kuNkulunkulu, kuthini ukuqonda kwakho?

Abantu sebekholwe kuNkulunkulu isikhathi eside, nokho abaningi kubo abaliqondi igama elithi “Nkulunkulu.” Bayalandela nje ngokudideka. Abaqondi ukuthi kungani umuntu kumele akholwe kuNkulunkulu noma ukuthi ngempela uyini uNkulunkulu. Uma abantu bazi ukukholwa nokulandela uNkulunkulu kuphela, kodwa bengazi ukuthi uyini uNkulunkulu, futhi bengamqondi uNkulunkulu, ngabe lokhu akusilo yini ihlaya elikhulu emhlabeni? Nakuba abantu manje sebebone izimfihlakalo eziningi zasezulwini futhi sebezwile ngolwazi olujulile umuntu abengakaze abe nalo ngaphambili, basebumnyameni ngamaqiniso amaningi alula, futhi angakacatshangwa okwamanje.

15.2.19

2. Yini umehluko phakathi komsebenzi walabo abasetshenziswa nguNkulunkulu kanye nomsebenzi wabaholi benkolo?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,izethembiso zikaNkulunkulu

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Futhi wathi, Yizwani manje amazwi ami: … Inceku yami uMose akanjalo, othembekile endlini yami yonke” (UNumeri 12:6-7).

Maye kubelusi bakwa-Israyeli abazondla bona! abelusi akufanele bondle izimvu na? Nidla amanoni, futhi nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo: kodwa anizondli izimvu.

13.2.19

1. Yini ngempela ukwazi uNkulunkulu? Ingabe ukuqonda ulwazi lweBhayibheli nesayensi yezindaba zenkolo kungathathwa njengokwazi uNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,yazi uNkulunkulu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ulwazi ngoNkulunkulu wokoqobo lubandakanya ukwazi kanye nokuzwa amazwi Akhe, nokubamba imigomo kanye nezimiso zomsebenzi kaMoya ONgcwele, nokuthi usebenza kanjani uMoya kaNkulunkulu enyameni. Ngakho, futhi, kubandakanya nokwazi ukuthi konke ukwenza kukaNkulunkulu enyameni kubuswa nguMoya, kanye nokuthi amazwi awakhulumayo angukukhuluma ngqo kukaMoya.

11.2.19

3. Yini imvelo yenkinga yokuba umuntu angalazisi iqiniso elichazwe nguKristu? Yini umphumela wokuba umuntu engathathi uKristu njengoNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Wonke umoya ovumayo ukuthi uJesu Kristu uze ngenyama ungokaNkulunkulu: Kanti wonke umoya ongavumi ukuthi uJesu Kristu uze ngenyama awuwona okaNkulunkulu: kanti lowo moya owomphikukristu” (1 Johane 4:2-3).

“Ngoba abakhohlisi abaningi bangenile ezweni, abangavumi ukuthi uJesu Kristu weza ngenyama. Lo ngumkhohlisi nomphikikristu” (2 Johane 1:7).

9.2.19

2. Ingabe uKristu ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu noma Yena Uqobo unguNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“UFiliphu wathi kuye, Nkosi, sibonise uYihlo, futhi kusanele. UJesu wathi kuye, Isikhathi esingaka ngikanye nani, kodwa awukangazi, Filiphu? ongibonile mina ubonile uBaba; futhi usho kanjani ukuthi, Sibonise uYihlo? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, nokuthi uBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami: kodwa uBaba ohlezi kimi, wenza imisebenzi. Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, nokuthi uBaba ukimi: uma kungenjalo kholwani yimi ngenxa yemisebenzi” (UJohane 14:8-11).

7.2.19

1. Umuntu angawazi kanjani umongo wobunkulunkulu bukaKristu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

uJesu wathi kuye, Mina ngiyindlela, iqiniso nokuphila” “amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi. Kholwani Yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi: uma kungenjalo, kholwani kimi ngenxa yemisebenzi” (Johane 14:6, 10-11).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile: