6.11.18
Zulu Gospel Song “Uyakwazi Ukuthunywa Kwakho” Ihubo Lamazwi KaNkulunkulu
Zulu Gospel Song
“Uyakwazi Ukuthunywa Kwakho” Ihubo Lamazwi KaNkulunkulu
I
Uyawazi yini umthwalo, umsebenzi nokuthunywa okusehlombe lakho?
Sikuphi isenzakalo esingokomlando wakho wokuthunywa?
Uyoba kanjani ngumphathi omuhle enkathini ezayo?
Ngabe umuzwa wakho wokuphatha uqinile?
Funda kabanzi »
4.11.18
2. Yini umehluko phakathi kwezigaba zonke zomsebenzi kaNkulunkulu kanye negama Lakhe?
(1) Ukubaluleka kokuba uNkulunkulu ethatha igama likaJehova Ngenkathi Yomthetho
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“UNkulunkulu wathi futhi kuMose,
Uzakusho njalo kubantwana bakwa-Israyeli uthi, iNKOSI, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini: yileli igama lami kuze kube phakade, futhi lesi yisikhumbuzo sami ezizukulwaneni zonke
” (Eksodusi 3:15).
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Funda kabanzi »
2.11.18
1. Kungani uNkulunkulu ebizwa ngamagama ahlukene nangezinkathi ezihlukene? Yini ukubaluleka kwamagama kaNkulunkulu?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Kufanele wazi ukuthi
uNkulunkulu
wayengenalo igama ekuqaleni. Wathatha nje igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi kunomsebenzi okwakufanele awenze futhi kwakufanele aphathe isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo—ingabe akazikhethelanga lona? Ingabe ubengadinga wena—omunye wezidalwa Zakhe—ukuba ulinqume?
Funda kabanzi »
31.10.18
Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (1)
Umsebenzi Wami usuzophela. Iminyaka eminingi esiyichithe sindawonye isibe inkumbulo engabekezeleleki yenkathi edlule. Ngiye ngaphindaphinda amazwi Ami futhi angiyekanga ukuthuthuka emsebenzini Wami omusha. Empeleni, iseluleko Sami siyisakhi esidingekayo engxenyeni ngayinye yomsebenzi engiwenzayo.
Ngaphandle kweseluleko Sami, nonke benizonhlanhlatha futhi nilahlekelwe kakhulu.
Funda kabanzi »
29.10.18
64. Lokhu Ukwenza Iqiniso
UFan Xing Edolobheni LaseZhumadian, Esifundazweni SaseHenan
Esikhathini esedlule, ngahlanganiswa nodade othile ukuze ngiyosebenza emisebenzini ethile. Ngenxa yokuba nokuzithwala nokuzazisa futhi angizange ngifune
iqiniso
, ngaba nemibono ethile enganginayo ngalo dade engayigcina njalo enhliziyweni yami futhi engingazange ngikhulume ngayo naye ngokukhululeka.
Funda kabanzi »
26.10.18
68. Kubaluleke Kakhulu Ukulalela Umsebenzi KaMoya ONgcwele!
UXiaowei Edolobheni laseShanghai
Esikhathi esithile esadlula, yize noma njalo ngangithola intshisekelo kanye nomhlomulo lapho udade engangisebenza naye abelana nami ukukhanyiseleka akutholile ngenkathi edla futhi ephuza izwi likaNkulunkulu, ngangiphinde futhi njalo ngibe nomuzwa wokuthi uyabukisa. Ngangiye ngizicabangele ngithi, “Uma ngimphendula manje ave ngizobe ngivumelana naye kukho konke? Ngaleyo ndlela, ngeke na ngibukeke njengomncinyane kunaye?”Ngenxa yalokho, nganqaba ukuveza eyami imibono noma ukuphawula uma sixoxa nganoma yimiphi imicabango ayabelana nami ngayo.
Funda kabanzi »
22.10.18
UNkulunkulu Wenza Umsebenzi Omusha Kuzo Zonke Izinkathi
I
Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu akuguquki, ukumangalisa kukaNkulunkulu akuguquki,
Ukulunga kukaNkulunkulu akuguquki, ubukhosi bukaNkulunkulu abuguquki.
Ingqikithi kaNkulunkulu ayiguquki,
futhi lokho anakho nalokho ayikho akusoze kwaguquka.
Funda kabanzi »
Amaposi amasha kakhudlwana
Amaposi amadala
Ekhaya
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)