17.6.18

South African Gospel Song "Isintu Esikhohlakele Sidinga Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu"


South African Gospel Song "Isintu Esikhohlakele Sidinga Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu
I
UNkulunkulu waba yinyama ngoba okuqondwe ngumsebenzi Wakhe
akuwona umoya kaSathane, noma yini engeyona, engeyona inyama, kodwa ngumuntu.
Inyama yomuntu yakhohlakaliswa nguSathane ngakho yase iba yilokho okuqondwe ngumsebenzi kaNkulunkulu.
Indawo yensindiso kaNkulunkulu ngumuntu, ngumuntu.

16.6.18

South African "Isizwe Nesizwe Sikhonza Unkulunkulu Usomandla" | Welcome the Return of the Savior



Ngobusuku obabugcwele izinkanyezi esibhakabhakeni, obungenamsindo nobunokuthula, iqembu lamaKristu lilinde ngobuqotho ukubuya koMsindisi licula futhi lidansela umculo omnandi. Lapho bezwa izindaba ezijabulisayo “UNkulunkulu usebuyile” nezithi “UNkulunkulu usekhulume amazwi amasha” bayamangala futhi bayajabula. Bayacabanga: “UNkulunkulu usebuyile? Usevelile?” Ngokulangazelela nangokungaqiniseki, omunye emva komunye, baqala uhambo lokufuna amazwi amasha kaNkulunkulu.

Phila Othandweni likaNkulunkulu “Ingoma Yothando Olumnandi” Zulu Best Gospel Dance


Ingoma Yothando Olumnandi

I
Ekujuleni kwenhliziyo yami, kukhona uthando lwaKho. Lumnandi kakhulu, ngisondela Kuwe.
Ukunakekela Wena kwenza kube mnandi enhliziyweni yami; ukukhonza Wena ngayo yonke ingqondo yami.
Uthando lwaKho luqondisa inhliziyo yami; ngilandela izinyathelo zaKho zothando.
Ngiya ngapha nangapha ngokwamehlo aKho; ukubonakaliswa kothando kwenza inhliziyo yami ijabule.
Ukubonakaliswa kothando kwenza inhliziyo yami ijabule.

Christian Music Video "Umthandazo Wabantu BakaNkulunkulu" - Live in the Light


UNkulunkulu Akubusise
Abantu bajwayele ukuthi, "Izingozi ziyenzeka, impilo ngeke uyazi."
Namhlanje, ezomnotho nezobuchwepheshe kuthuthuka ngesivinini esikhulu,
amazinga okuphila athuthuke kancane kancane,
kodwa sesithole ukuthi izibhicongo emhlabeni@jikelele zinyuka usuku nosuku.

15.6.18

Zulu Song "Ukuphila KwaseBandleni Lethu Kuyathandeka Kakhulu"


Ukuphila KwaseBandleni Lethu Kuyathandeka Kakhulu

I
UNkulunkulu uMninimandla onke useyinyama, Wena sikuculela kakhulu izindumiso.
Usiletha ekuphileni kombuso.
Thina bantu bombuso sisedilini laKho,
sijabulela amazwi aKho, sihlanzwe ekonakaleni kwethu.
Izwi laKho liyasihola futhi sikulandela eduze.
Kungenxa yomusa kaNkulunkulu ukuthi isimo sethu sobusathane siye sagezwa.
Sijabulela izwi likaNkulunkulu futhi siphila ukuphila okusha phambi kwaKhe.
Nakekela inhliziyo kaNkulunkulu, mthande ngempela, mbonge futhi umdumise.
La la la la la ... la la la la la ...

South African Gospel Song "Qaphelani isiphetho sesintu" | Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu


South African Gospel Song "Qaphelani isiphetho sesintu" | Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I

UNkulunkulu ukhuthaza izinhlanga zonke, amazwe kanye nezimboni:
Zilale’iphimbo Lakhe zibon’umsebenzi Wakhe;
zinak’isiphetho sesintu;
zimenz’uNkulunkulu abe ongcwele,
ophakeme kakhulu ohlonishwayo;
zivumele isintu siphile esibusisweni sikaNkulunkulu,
njengalokh’isizukulwane
sika-Abraham saphil’esibusisweni sikaJehova,
njengendalo kaNkulunkulu u-Adamu noEva baphil’engadini yase-Edeni.

14.6.18

South African Best gospel Dance "Ukube Angisindiswanga uNkulunkulu"


South African Best gospel Dance "Ukube Angisindiswanga uNkulunkulu"

I
Ukube angisindiswanga uNkulunkulu, ngabe ngisaqhubeka nokukhukhuleka nale lizwe,
ngilwa kanzima nakabuhlungu esonweni; usuku nosuku ngifiphazeke futhi ngingenathemba.
Ukube angisindiswanga uNkulunkulu, ngabe ngisanyathelwe ngaphansi kwezinyawo zikadeveli,
ngibanjwe esonweni nasezinjabulweni zaso, nginganaki ukuthi ukuphila kwami kuyoba njani.
Ukube angisindiswanga uNkulunkulu, ngabe anginazibusiso ezilapha namuhla,
ingasaphathwa eyokwazi ukuthi kufanele siphile kanjani
noma injongo yokuphila kwethu.