21.5.18

Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu ungehlukaniswe nomuntu uqobo, ngoba umuntu uyinjongo yomsebenzi Wakhe, futhi nguye kuphela isidalwa esenziwe uNkulunkulu esingafakaza kuNkulunkulu. Impilo yomuntu kanye nayo yonke imisebenzi yomuntu akunakwehlukaniswa noNkulunkulu, futhi konke kulawulwa izandla zikaNkulunkulu, futhi kungaze kuthiwe akekho umuntu ophila engancikanga kuNkulunkulu.

20.5.18

Isahluko 22

IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Umuntu uphila phakathi kokukhanya, kodwa akabuboni ubugugu bokukhanya. Akasinaki isimo sokukhanya, nesomthombo wokukhanya, futhi ngaphezu kwalokho, kulowo okungokwakhe. Lapho ngethula ukukhanya phakathi kwabantu, ngokushesha ngihlola izimo phakathi kwabo: Ngenxa yokukhanya, bonke abantu bayaguquka, bayakhula futhi babushiyile ubumnyama. Ngiye ngabheka wonke amagumbi omhlaba, futhi ngabona ukuthi izintaba zihaqwe yinkungu, ukuthi amanzi ayiqhwa ngenxa yamakhaza, nokuthi ngenxa yokufika kokukhanya, abantu babheka eMpumalanga ukuze bathole okuthile okuyigugu kakhulu—kodwa umuntu uhlala engakwazi ukwehlukanisa indlela ecacile phakathi kwenkungu.

South African Best Gospel Music Video "Yiza Phambi KukaNkulunkulu Njalo"



South African Best Gospel Music Video "Yiza Phambi KukaNkulunkulu Njalo"


Thatha ithuba lapho unesikhathi, hlala uthule phambi kukaNkulunkulu.
Funda izwi Lakhe, yazi amaqiniso Akhe, lungisa iziphambeko ezikuwe.
Izilingo ziyafika, bhekana nazo; yazi intando kaNkulunkulu futhi uzoba namandla.
Mtshele ukuthi yiziphi izinto ozintulayo, khuluma iqiniso Lakhe njalo.
Uyajabula umphefumulo wakho lapho ukhonza Yena.
Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo, ungabe usamnqaba.
Ukunaka kwakho inyama, kuyamlimaza kakhulu.
Funda izwi Lakhe, uqonde iqiniso Lakhe.

South African Latest Gospel Music "Lapho Uvulela UNkulunkulu Inhliziyo Yakho"




South African Latest Gospel Music "Lapho Uvulela UNkulunkulu Inhliziyo Yakho" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
Lapho ungamqondi uNkulunkulu futhi ungayazi imvelo Yakhe,
izinhliziyo zenu azisoze zavuleka ngokweqiniso, zivulekela uNkulunkulu.
Lapho usumqonda uNkulunkulu wakho,
uzokuqonda okusenhliziyweni Yakhe,
bese ujabulela okukuye ngakho konke ukukholwa nokunaka kwakho.
Lapho ujabulela okusenhliziyweni kaNkulunkulu, kancane kancane, usuku nosuku,
lapho ujabulela okusenhliziyweni kaNkulunkulu,
inhliziyo yakho izovulekela Yena.

19.5.18

South African Gospel Song "UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila"


South African Gospel Song "UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila" 

Akuyena wonke umuntu onendlela yokuphila;
Akuyona into noma ubani angayithola kalula.
Ngokuba ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela,
UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila,
UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila.
Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila,
nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo.

UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu uhlanganisa izingxenye ezimbili. Okokuqala nje, lapho eba inyama, abantu abazange bamkholwe noma bamazi, futhi bambethela esiphambanweni uJesu. Okwesibili futhi, abantu abazange bamkholwe, abazange bamazi futhi baphinda bambethela uKristu esiphambanweni.

18.5.18

Kumele Wazi Ukuthi UNkulunkulu Wokoqobo NguNkulunkulu Uqobo

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Yini okumele uyazi ngoNkulunkulu wokoqobo? UMoya, uMuntu, kanye neZwi kwenza uNkulunkulu wokoqobo uqobo, futhi lokhu kuyincazelo yeqiniso kaNkulunkulu uqobo. Uma wazi uMuntu kuphela—uma wazi imikhuba Yakhe kanye nobuyena—kodwa ungawazi umsebenzi kaMoya, noma lokho uMoya akwenzayo enyameni, kodwa uma unaka uMoya kuphela, kanye neZwi, futhi uthandaze phambi kukaMoya kuphela, ungazi ngomsebenzi kaMoya kaNkulunkulu kuNkulunkulu wokoqobo, lokhu-ke kusafakazela ukuthi awukamazi uNkulunkulu wokoqobo.