16.5.18

Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Lokhu kuhlanganyela okwahlukahlukene kube nomthelela kuwo wonke umuntu ngamunye. Njengamanje, abantu sebengakwazi ngempela ekugcineni ukuzwa ubukhona bukaNkulunkulu ngokweqiniso nokuthi empeleni uNkulunkulu usondelene kakhulu nabo. Nakuba abantu bekholwe kuNkulunkulu iminyaka eminingi, abakaze bayiqonde ngokwempela imicabango kanye nemiqondo Yakhe njengoba benza manje, noma bazizwe ngokweqiniso izenzo Zakhe ezibonakalayo njengoba kwenzeka manje.

15.5.18

Izifundiswa ZaseNtshonalanga Nabamele iCCP eNhlanganweni Yezizwe NgeBandla LikaNkulunkulu uSomandla



Ngomhla kaMarch 1, 2018, ngesikhathi sokuhlangana kwamashumi amathathu nesikhombisa kweHuman Rights Council eNhlanganweni Yezizwe eGeneva, iCoordination of the Associations and Individuals for Freedom of Conscience (CAP LC) yahlela Umhlangano Oseceleni mayelana nokwenqatshelwa kwenkululeko yenkolo eChina kanye nodaba lweBandla likaNkulunkulu uSomandla (CAG).

Ukuthanda uNkulunkulu kuphela Okuwukukholwa kuNkulunkulu Ngeqiniso

ukwethemba uNkulunkulu,uthando kuNkulunkulu

  Namhlanje, njengoba ufuna ukuthanda nokwazi uNkulunkulu, kolunye uhlangothi, kufanele ubekezelele ubunzima kanye nokucwengwa, futhi kolunye, kumele ukhokhe inani. Asikho isifundo esibaluleke ukwedlula isifundo sokuthanda uNkulunkulu, futhi kungathiwa isifundo abantu abasifundayo esikhathini sabo sonke sokuphila bekholwa ukuthi ungamthanda kanjani uNkulunkulu.

14.5.18

South African Best Gospel Music Video "Uthando Lwangempela LukaNkulunkulu"




South African Best Gospel Music Video "Uthando Lwangempela LukaNkulunkulu"

I
Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, ngibona ubuso Bakhe obuthandekayo.
Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, sengishiye imuva lami lokuzula ngemuva.
Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, ukuthokozela izwi Lakhe kungigcwalisa ngenjabulo.
Namuhla ngiphinda ngiza phambi kukaNkulunkulu, inhliziyo yami inokuningi engakusho.
Ngamazwi Akhe athambile anginiselayo futhi angondlayo ukuze ngikhule.

13.5.18

Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Emhlanganweni wethu owedlule saxoxa ngesihloko esibaluleke kakhulu. Nisakhumbula ukuthi sasithini? Ake ngisiphinde. Isihloko esasixoxa ngaso ngokwedlule sasithi: Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ingabe lesi isihloko sibalulekile kini? Iyiphi ingxenye yaso ebaluleke kakhulu kini? Umsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noma uNkulunkulu Uqobo Lwakhe? Yikuphi okukukhanga kakhulu?

12.5.18

Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Iminyaka eminingi uMoya kaNkulunkulu ubefuna ngokungaphezi njengoba esebenza emhlabeni. Ezinkathini eziningi uNkulunkulu usesebenzise abantu abaningi kakhulu ukwenza umsebenzi Wakhe. Kepha uMoya kaNkulunkulu awukabi nayo indawo efanele ongaphumulela kuyo. Ngakho uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe, eya kubantu abehlukene ngokungaphezi, futhi kukho konke usebenzisa abantu ukuze enze lokhu.

11.5.18

Isahluko 32

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Uma abantu behlangana naMi, inhliziyo yaMi igcwala injabulo. Masinyane, Ngehlisela izibusiso ezisesandleni saMi kubantu, ukuze abantu baqale ukuba naMi, bangabi yizitha ezingangilaleli kodwa bakwazi ukusebenzisana naMi. Ngakho-ke, Nginenhliziyo enozwelo kumuntu. Emsebenzini waMi, umuntu ubonakala njengelungu lenhlangano esezingeni eliphakeme, ngakho Nginaka kakhulu yena, ngokuthi uwutho emsebenzini waMi. Ngiyenzile indawo yaMi ezinhliziyweni zabantu, ukuze izinhliziyo zabo zikwazi ukubheka kiMi—kodwa bahlala bengazi ukuthi Ngikwenzelani lokhu, bese bengenzi lutho ngaphandle kokulinda.