28.3.18

Isahluko 21

"Umuntu uwela ekukhanyeni Kwami, abambelele ngenxa yensindiso Yami. Ngenkathi ngiletha insindiso emhlabeni jikelele, umuntu ubezama ukuthola izindlela zokungena phakathi kokubuyisana Nami, nokho baningi abamukile bangatholakala ngalezi zikhukhula zokubuyisana; baningi abaminzile bacwila emanzini ezikhukhula; kanti baningi futhi abema baqina phakathi kwazo izikhukhula; abangazange balahlekelwe yindlela yabo ababambelela belandela umsinga kuze kube yinamuhla. Nginyathela ngiya phambili nomuntu kodwa akakangazi; wazi kuphela izingubo engizigqoke ngaphandle futhi akayazi ingcebo efihlwe ngaphakathi Kwami.

Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe

Njengamakhulu ezigidi zabanye abalandeli beNkosi uJesu Kristu, siyayemukela imithetho nemiyalo yeBhayibheli, sijabulela inala yomusa weNkosi uJesu Kristu, bese sihlangana ndawonye, sithandaze, sidumise, futhi sikhonze egameni leNkosi uJesu Kristu—konke lokhu sikwenza ngaphansi kokunakekela nesivikelo seNkosi. Kaningi siba buthaka, futhi kaningi siba namandla.Sikholelwa ukuthi zonke izenzo zethu zivumelana nezimfundiso zeNkosi. Ngakho akuthandabuzwa ukuthi sikholelwa nawukuthi singahamba endleleni yokulalela intando kaBaba osezulwini.

Ukukhonza Kwenkolo Kumele Kususwe

  Kusukela ekuqaleni komsebenzi wakhe endaweni yonke, uNkulunkulu wanqumela kusengaphambili abantu abaningi ukuba bamkhonze, kuhlanganisa abantu abavela kuzo zonke izizinda zokuphila. Injongo Yakhe ukufeza intando Yakhe nokuqiniseka ngokuthi umsebenzi Wakhe emhlabeni uthela kahle izithelo.

27.3.18

God Is the Strength of My Life | “EBUSIKA OBUBANDA KAKHULU” | Zulu Full english movie



Igama lakhe uXiao Li. Sekuphele ishumi leminyaka ekholelwa kuNkulunkulu. Ebusika bango-2012, waboshwa amaphoyisa eKhomishana YamaShayina esebandleni. Phakathi nophenyo, amaphoyisa ayemyenga, emsabisa, emlimaza futhi emhlukumeza ngoba ezama ukumenza adumaze uNkulunkulu ngokuthi adalule ukuthi bakuphi abaholi bebandla kanye nemali yebandla.

26.3.18

Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade

  Ingqikithi yokukholelwa kwabantu abaningi kuNkulunkulu iwukuqiniseka ngenkolo: Abanawo amandla okuthanda uNkulunkulu, bakwazi kuphela ukumlandela njengerobhothi, abakwazi ukulangazelela uNkulunkulu ngeqiniso noma ukumdumisa.Bamane bamlandela ngokuzenzakalelayo.

24.3.18

Ingabe Usuyaphila?

“Lapho usuzuze ukuphila ubuntu obujwayelekile, futhi uye wapheleliswa, nakuba ungenakukwazi ukukhuluma isiprofetho, noma ezinye izimfihlakalo, uzophila futhi uzokwambula isithombe somuntu. UNkulunkulu wadala umuntu, ngemva kwalokho umuntu wonakaliswa uSathane, futhi lokhu konakala kwenze abantu baba “yizidumbu”—futhi lapho usushintshile, uyohluka kule mizimba efile.

22.3.18

God's Will Is Carried Out on Earth "Umbuso KaKristu Usufeziwe Phakathi Kwabantu" Christian Dance



Umbuso KaKristu Usufeziwe Phakathi Kwabantu
I
UNkulunkulu uSomandla osesimweni somuntu
uvela ezinsukwini zokugcina eMpumalanga,
njengelanga nje elinokulunga liphuma;
isintu sesikubonile ukukhanya kweqiniso kuvela.
UNkulunkulu onokulunga futhi onobukhosi, onothando nomusa
ngokuzithoba uzifihle phakathi kwabantu,
ekhipha iqiniso, ekhuluma futhi esebenza.
UNkulunkulu uSomandla ubhekene nathi ubuso nobuso.
UNkulunkulu enimomele, uNkulunkulu engimlindele,
namuhla uvela kithi ngokoqobo.
Silifunile iqiniso, silangazelele ukulunga;
iqiniso nokulunga sekufikile phakathi kwabantu.