19.1.18

Isahluko 44

izethembiso zikaNkulunkulu,umsebenzi kaNkulunkulu

UNkulunkulu USomandla uthi:

"Abantu baphatha umsebenzi Wami njengento esizayo nje, abadlulwa ukudla noma ukulala ngenxa yawo, ngalokho futhi anginakho okunye engingakukhetha ngaphandle kokwenza izimfuno ezimfanele umuntu ngesimo sengqondo sakhe Ngami. Ngikhumbula ukuthi ngake kanye ngamnika umuntu umusa omkhulu nezibusiso eziningi, kodwa emva kokuzihlwitha lezi zinto wasuka masinyane wahamba. Kwaba sengathi ngimnika zona ngingaqaphile. Ngakho, umuntu ukwazile ukungithanda egajwe nayimibono yakhe.

18.1.18

Isahluko 43

iphimbo likaNkulunkulu,izwi likaNkulunkulu,intando kaNkulunkulu

UNkulunkulu USomandla uthi:

"Mhlawumbe kungenxa yemithetho yokuphatha Kwami ukuthi abantu “bawathandile” amazwi Ami. Ukuba abengabuswa yizinqumo Zami zokuphatha, wonke abezoba ngukukliwula okufana nokwezingwe eziqeda kuphazanyiswa. Nsuku zonke ngizulazula phezu kwamafu, ngibuka isintu esemboze umhlaba siphithizela, sibekelwe imikhawulo Yimi ngezinqumo Zami zokuphatha.

Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu

ukwazi intando kaNkulunkulu,ukwethemba uNkulunkulu,Iqiniso

 Inkinga ejwayelekile ekhona kubo bonke abantu ukuthi bayaliqonda iqiniso kodwa abakwazi ukulenza. Imbangela eyodwa edala lokhu ukuthi abantu abafuni ukwenza konke okusemandleni ukuzimisela, futhi enye imbangela yalokhu ukuthi ukuhlakanipha komuntu akwenele; akakwazi ukubuka izinkinga angahlangabezana nazo ezikhona empilweni ngeso elidlulayo futhi akakwazi ukuthatha izinyathelo ezifanele.

Isenzo (1)

intando kaNkulunkulu,unkulunkulu uthando

UNkulunkulu USomandla uthi:

Esikhathini esedlule, bekunokuchezuka okuningi ngendlela abantu ababebona ngayo izinto, futhi bekungaba okungenangqondo. Ngenxa yokuthi babengawaqondi amazinga okudingakalayo zikaNkulunkulu, bekunezindawo eziningi lapho izinto abantu abazenzayo zahamba ngokungafanele. UNkulunkulu ufuna abantu baphile ngobuntu obujwayelekile.Ngokwesibonelo, izindlela zabantu besimanje mayelana nokudla nezingubo abazigqokayo. Bangase bagqoke isudi nothayi futhi bangase bafunde okuthile ngobuciko besimanje, futhi ngesikhathi abangenzi lutho ngaso bangase babe nalokho esingakubiza ngempilo yokufunda neyokuzijabulisa.

Isahluko 42

umsebenzi kaNkulunkulu,ubungcwele bukaNkulunkulu

  Masinya lapho kuqala umsebenzi omusha, bonke abantu bangena kabusha, baqhubeka kanye Nami sibambene ngezandla, sihamba emgwaqweni obanzi wasembusweni sindawonye, kukhona futhi ukusondelana phakathi komuntu Nami. Ukukhombisa imizwa Yami, ukuveza isimo Sami sengqondo kumuntu, ngikhulumile njalo-njalo nomuntu.

17.1.18

Isenzo (2)

  Ezikhathini ezedlule, abantu babeziqeqeshela “ukuba noNkulunkulu baphile phakathi komoya ngaso sonke isikhathi” okuwukuthi, uma kuqhathaniswa nalokhu okwenziwa namuhla, kube ukuqeqesha okulula kukamoya. Ukwenza okunje kuza ngaphambi kokuba abantu bangene endleleni efanele yempilo, kanti yindlela engajulile nelula kakhulu kuzo zonke izindlela ezisetshenziswayo.

Isenzo (4)

   Ukuthula nenjabulo engikhuluma ngakho namuhla akufani nalokhu okholelwa kukho nokuqondayo. Ubucabanga ukuthi ukuthula nenjabulo kusho ukujabula usuku lonke, ukungabikho kwezifo noma amabhadi emndenini wakho, ukuhlala uthabile enhliziyweni yakho, ngaphandle kokuba nosizi, nenjabulo engachazeki ngaphakathi kuwe kungakhathaliseki ukuthi injani impilo yakho. Lokhu bekungaphezulu kokunyuka komholo womyeni wakho nokuthi indodana yakho isanda kuthola isikhala enyuvesi.