5.10.18

Umsebenzi KaNkulunkulu Omningi Ufezwa Ngezwi LikaNkulunkulu

 I

Emva kokubona isikhashana, uma wazi umsebenzi kaNkulunkulu nesinyathelo Sakhe ngasinye,

futhi ukwazi lokho okufezwa yizwi Lakhe nokuthi kungani okuningi kangaka kungagcwalisiwe;

uma unombono ocacile, ulwazi oluphelele lwakho konke lokhu,

ungayithatha ngesibindi indlela ephambi kwakho, ngaphandle kokukhathazeka noma ukungakhululeki.

Ufezwa kanjani umsebenzi omningi kaNkulunkulu? Kungezwi alikhulumayo.

Ngezwi ucwenga sonke isintu futhi aguqule yonke imicabango yaso.

 II

Konke ukuhlupheka nokucwengwa, konke ukukhanyiselwa okudlulwe kukho,

konke ukusetshenzwa okwenzeka ngaphakathi kufezwa ngamazwi awakhulumayo.

Umuntu umlandela ngenxa yani uNkulunkulu? Ngenxa yamawi awakhulumayo.

Amazwi Akhe agcwele izimfihlakalo, athinta izintambo zenhliziyo yomuntu.

Amazwi kaNkulunkulu embula izimfihlo zomuntu ezingaphakathi,

avumela ukuba babone isikhathi esizayo nesedlule.

Ufezwa kanjani umsebenzi omningi kaNkulunkulu? Kungezwi alikhulumayo.

Ngezwi ucwenga sonke isintu futhi aguqule yonke imicabango yaso.

futhi aguqule yonke imicabango yaso.

 III

Ngenxa yezwi likaNkulunkulu, umuntu ubekezelela ubuhlungu nokuhlupheka.

Ngezwi Lakhe, umuntu wenziwa aphelele futhi uqala ukulandela kwakhe.

Okufanele umuntu akwenze ukwamukela amazwi kaNkulunkulu.

Noma uphelelisiwe noma ucwengiwe, amazwi kaNkulunkulu asesemqoka.

Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu futhi ngumbono umuntu okufanele awazi.

Ufezwa kanjani umsebenzi omningi kaNkulunkulu? Kungezwi alikhulumayo.

Ngezwi ucwenga sonke isintu futhi uguqula yonke imicabango yaso.

futhi uguqula yonke imicabango yaso, oh, futhi uguqula yonke imicabango yaso.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana