14.10.18

Iqiniso Ngomsebenzi KaNkulunkulu ENkathini Yombuso

 I

Uma abantu besala eNkathini Yomusa,

ngeke basazi isimo sikaNkulunkulu uqobo,

noma bakhululeke esimweni esikhohlakele.

Futhi uma bephila ebuningini bomusa,

kodwa bengayazi indlela yokwazi nokuthokozisa uNkulunkulu,

bese bekholwa ngokudabukisayo Kuye kodwa ngeke nhlobo bamzuze.

Emva kokufunda izwi likaNkulunkulu,

futhi usuyibone yonke imisebenzi Yakhe eNkathini Yombuso,

amaphupho obuwaphethe iminyaka eminingi ayofezeka wonke.

Uyozwa ukuthi ekugcineni usumbonile uNkulunkulu, ubuso nobuso.

 II

Bese ngenkathi ubheka, umuzwa ekhuluma,

wazise umsebenzi nokuhlakanipha Kwakhe, futhi uzwe ukuthi ungokoqobo, unamandla onke kangakanani,

uyokwazi ukuthi usubone futhi wazuza okuningi kunalabo abakwanduleleyo.

Uyokwazi ngokweqiniso ukuthi kusho ukuthini ukukholwa nokulandela inhliziyo Yakhe unomphelo.

Uma ubambelela kokwedlule futhi uchitha noma uphika ukuba sesimweni somuntu kwesibili kukaNkulunkulu,

uyosala ungaphethe lutho, ungenalutho, futhi uyoba necala lokumphikisa.

 III

Lalela iqiniso, thobela umsebenzi Wakhe,

futhi uze phansi kokuba senyameni okwesibili kukaNkulunkulu, uSomandla,

unikwe ukuqondiswa nguye mathupha.

Uyoba nokuningi, ubone iqiniso eliphakeme,

futhi uthole ukuphila komuntu kwangempela, ubone imibono engakaze ibonwe ngaphambili.

Lapho uNkulunkulu eba yinyama, ukhombisa isimo Sakhe

ngokusola nokwahlulela.

Ngalesi sisekelo, uletha iqiniso eliningana, akhombise izindlela eziningana zokwenza.

Futhi lokhu kunqoba umuntu, kumsindise esimweni Sakhe esikhohlakele.

Yilokhu okungemuva komsebenzi kaNkulunkulu eNkathini Yombuso.

Uyozwa ukuthi ekugcineni usumbonile uNkulunkulu, ubuso nobuso.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana