30.9.18

Latest South African Gospel Music "Uthando LukaNkulunkulu Luzungeza Inhliziyo Yami"




Latest South African Gospel Music "Uthando LukaNkulunkulu Luzungeza Inhliziyo Yami"

I

Ilanga lokulunga liphuma eMpumalanga.

O Nkulunkulu! Inkazimulo Yakho igcwalisa izulu nomhlaba.

Sithandwa sami esihle, uthando Lwakho luzungeza inhliziyo yami.

Labo abafuna iqiniso—bathanda uNkulunkulu, bonke.

Ekuseni ngovivi, nakuba ngivuka ngedwa, injabulo isenhliziyweni yami lapho ngizindla ngamazwi kaNkulunkulu.

29.9.18

69. Ngiyalibona Iqiniso Lenkohlakalo Yabantu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

ULi Heng    Edolobheni LaseSuqian, Esifundazweni saseJiangsu

  Phakathi kwamazwi uNkulunkulu ambula ngawo umuntu ngathola le ndima, “Kushiwo ekuqaleni ukuthi laba bantu bayinzalo kadrako omkhulu obomvu. Eqinisweni, uma kucaciswa kahle, bawumfanekiso kadrako omkhulu obomvu” (“Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amathathu Nesithupha” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngangicabanga ukuthi lokhu kwakungahlangene nami.

28.9.18

UNkulunkulu Uzobuyisela Isimo Sokuqala Sendalo

 I

Amazwi Akhe engena ekujuleni, uNkulunkulu ubheka umhlaba.

Indalo yonke yenziwe kabusha ezwini likaNkulunkulu.

Izulu liyaguquka, umhlaba ngokunjalo, umuntu uyaziveza ubunjalo bakhe.

26.9.18

67. Isipho Esihle Kakhulu UNkulunkulu Angiphe Sona

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UYixin    Edolobheni LaseShijiazhuang,  Esifundazweni SaseHebei
  Ngaphambili, ngangivame ukuzwa abafowethu nodadewethu bethi, “Konke uNkulunkulu akwenzayo okuhle kakhulu; yikho konke abantu abakudingayo.” Ngakwamukela lokhu futhi ngavumelana nakho, kodwa ngangingenakho noma yikuphi ukuqonda ngokuhlangenwe nakho kwami. Kamuva ngazuza ukuqonda ngakho ngesimo uNkulunkulu angenzela sona.

25.9.18

65. Ngeke Ngiphinde Ngivalwe Amehlo Yizinhloso Ezinhle

UMeng Yu    Edolobheni LasePingdingshan, Esifundazweni SaseHenan
  Ngesinye isikhathi lapho ngenza umsebenzi wami, ngaphawula ukuthi umfowethu othile wayezama ukujabulisa odadewabo, okwakubonakalisa isici esibi sesimo sakhe emehlweni ami. Nganquma ukufuna ithuba lokumkhumbuza ngalezi zinto.

24.9.18

South African Gospel Music “Izenzo ZikaNkulunkulu Zigcwalisa Umkhathi Omkhulukazi Wezulu Nomhlaba”


South African Gospel Music “Izenzo ZikaNkulunkulu Zigcwalisa Umkhathi Omkhulukazi Wezulu Nomhlaba”

I
UNkulunkulu ubheka phansi abuke zonke izinto ephezulu, futhi ubusa phezu kwakho konke ephezulu.
Ngendlela efanayo, uthumele insindiso Yakhe emhlabeni.

23.9.18

Inhloso Yomsebenzi KaNkulunkulu Wokuphatha

 I

UNkulunkulu unohlelo lweminyaka eyizi-6000,

oluhlukene izigaba ezintathu, leso naleso sibizwa ngenkathi.

INkathi Yomthetho kuqala, kube yiNkathi Yomusa, bese iNkathi Yombuso iba yisigaba sokugcina.

22.9.18

Qaphelani isiphetho sesintu

 I

UNkulunkulu ukhuthaza izinhlanga zonke, amazwe kanye nezimboni:

Zilale’iphimbo Lakhe zibon’umsebenzi Wakhe;

zinak’isiphetho sesintu;

zimenz’uNkulunkulu abe ongcwele,

ophakeme kakhulu ohlonishwayo;

zivumele isintu siphile esibusisweni sikaNkulunkulu,

njengalokh’isizukulwane

sika-Abraham saphil’esibusisweni sikaJehova,

njengendalo kaNkulunkulu u-Adamu noEva baphil’engadini yase-Edeni.

Ubukhona Baso Sonke Isintu Buncike KuNkulunkulu

Umsebenzi wokugcina kaNkulunkulu akuwona owokujezisa umuntu nje,

kodwa ukuhlela isiphetho somuntu,

nokuthi wonke umuntu abone konke lokho uNkulunkulu asekwenzile.

21.9.18

UNkulunkulu Wethu Ubusa NjengeNkosi

Kwaze kwakuhle! Izinyawo Zakhe ziseNtabeni Yeminqumo.

Lalelani, thina balindi sihlabelela kakhulu ndawonye, ngoba uNkulunkulu usebuyele eSiyoni.

Sesikubonile ukuba yincithakalo kweJerusalema!

20.9.18

Impela UNkulunkulu Usefikile Phakathi kwaBantu

UNkulunkulu uletha isiphetho sesintu emhlabeni wabantu.

Emva kwalokho, Ubeka obala phambi kwesintu isimo Sakhe sonke,

ukuze kuthi bonke abantu abamaziyo uNkulunkulu nalabo abangamazi

“bezobhekisa amehlo abo” babone ukuthi impela uNkulunkulu usefikile phakathi kwabantu,

emhlabeni lapho zonke izinto zikhula khona.

19.9.18

Izwi Lamashumi Amane Nesishiyagalombili

  Ngikhathazekile, kodwa bangaki phakathi kwenu abakwazi ukuba nomqondo owodwa nomcabango owodwa Nami? Aninandaba nje namazwi Ami, niwaziba ngokuphelele futhi nehluleka ukugxila kuwona, kunalokho nigxila kuphela ezintweni zenu ezikha phezulu.

18.9.18

South African Gospel Music 2018 “Ngabantu Abaqotho Kuphela Abanomfanekiso Wobuntu”


South African Gospel Music 2018 “Ngabantu Abaqotho Kuphela Abanomfanekiso Wobuntu”

I
Ngenxa yenzuzo ngalahla zonke izindinganiso zokuziphatha,
futhi ngesibindi ngasebenzisa inkohliso ukuziphilisa.
Angibanga nandaba nonembeza noma isimilo, lutho ngobuqotho noma isithunzi.
Ngaphilela kuphela ukwanelisa inkanuko nobugovu bami obukhula njalo.

17.9.18

UNkulunkulu UnguMbusi Wohlelo Lokuphatha Lweminyaka Eyizinkulungwane Eziyisithupha

I

Umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa nguNkulunkulu uqobo Lwakhe.

Nguye oqala umsebenzi Wakhe, futhi Nguye owuphethayo.

Nguye ohlela umsebenzi.

Nguye owuphathayo, ngaphezu kwalokho afikise umsebenzi ekuphumeleleni.

15.9.18

Ihubo Lombuso (III) Bonke Abantu, Bamemeza Ngenjabulo!

Bonke abantu babona ukukhanya futhi ekukhanyeni kukaNkulunkulu.

Bonke abantu bathokozela izinto ezinhle ezwini likaNkulunkulu.

UNkulunkulu uvela eMpumalanga, futhi usuka khona.

UNkulunkulu ukhanyisa ukukhanya Kwakhe okukhazimulayo futhi zonke izizwe ziyakhanyiswa.

14.9.18

Ihubo Lombuso (II) UNkulunkulu Ufikile, UNkulunkulu UyiNkosi

I

Kulo mzuzu ongajwayelekile, kulesi sikhathi esijabulisayo,

ezulwini phezulu, naphansi, bonke bayahlabelela, becula izindumiso.

Kulokhu, ubani ongajabule? Kulokhu, ngubani ongenanhliziyo ethokozile?

Bebhekene nalokhu, ngubani ongaphunyelwa unyembezi?

13.9.18

63. Ukulahla Ijoka LikaSathane Kuyakhulula

UMomo edolobheni laseHefei, Esifundazweni sase-Anhui

  Ngaphambi kokuba ngikholwe kuNkulunkulu, noma ngabe ngangenzani, ngangingafuni neze ukusala emuva. Ngangizimisele ukwamukela noma yibuphi ubunzima inqobo nje uma lokho kwakuchaza ukuthi ngiyokwazi ukwedlula wonke umuntu.

12.9.18

Ihubo Lombuso (1) Umbuso Sewehlele Emhlabeni

Umbuso,amaculo okudumisa

Umbuso kaNkulunkulu usufikile emhlabeni; ubuntu bukaNkulunkulu bugcwele futhi bucebile.

Ubani ongama nje angajabuli? Ubani ongama nje angadansi?

O Siyoni, phakamisa ibhanela lakho lokunqoba uthokozele uNkulunkulu.

11.9.18

South African Latest Gospel Song "Ukuzuza Ukuphila Okuphakade, Kufanele Wazi Umthombo Wakho"


South African Latest Gospel Song "Ukuzuza Ukuphila Okuphakade, Kufanele Wazi Umthombo Wakho"

I
UNkulunkulu uwumthombo wokuphila komuntu;
izulu nomhlaba kuphila ngamandla Akhe.
Akukho okuphilayo okungazikhulula ekubuseni nasegunyeni likaNkulunkulu.
Akunandaba ukuthi ungubani,
wonke umuntu kufanele alalele uNkulunkulu,
athobele ukubusa Kwakhe, ukuqondisa nemiyalelo Yakhe!
Mhlawumbe ulangazelela ukuthola ukuphila neqiniso,
ukuthola uNkulunkulu ongamethemba ukuze uthole ukuphila okuphakade.
Uma ufuna ukuthola ukuphila okuphakade,
thola umthombo wakho nalapho uNkulunkulu ekhona.

9.9.18

61. Akulula Ukuba Umuntu Othembekile

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UZixin wasedolobheni laseWuhan, esiFundazweni saseHubei

  Ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu nokulalela intshumayelo, ngafinyelela ekukuqondeni ukubaluleka kokuba umuntu othembekile ngase ngiqala ukuphila ngokuthembeka. Emva kwesikhathi esithile, ngathola ukuthi sengizuze ukungena ekubeni ngumuntu othembekile. Isibonelo: Ngenkathi ngikhuleka noma ngixoxa nomuntu othile, bengiye ngikwazi ukukhuluma iqiniso elisuka enhliziyweni; bengiye futhi ngithathe ukugcwalisa izibopho zami njengokubaluleke kakhulu, futhi uma ngidalule inkohlakalo bengiye ngikwazi ukuvuleka nakwabanye abantu.

8.9.18

58. Umona, Isifo SikaMoya Esingalapheki

UHe Jiejing     IDolobha IHezou, Isifundazwe IGuangxi

  Udade kanye nami sasibhangqiwe ukuze sibuyekeze izihloko ndawonye. Njengoba sasihlangene, mina ngabona ukuthi kwakungenandaba noma ngabe kwakuwukucula, kuwukudansa, ukwamukela izwi likaNkulunkulu, noma ukuxhumanisa iqiniso, yena wayengcono kunami kunoma yisiphi isici.

6.9.18

62. Isizathu Sangempela Sokuba Buthuntu Emsebenzini

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UXinyi    edolobheni laseXi’an, esiFundazweni saseShaanxi

  Ekuvakasheleni kwami amabandla kwakamuva, ngizwe kaningi abaholi nabasebenzi bethi abanye abantu, emva kokuhlanganyela nami, baba ngabalandulayo, ababuthakathaka nabaphelelwe ugqozi lokuqhubeka nokufuna. Abanye babona sengathi kuyinselele engaphezu kwamandla ukukholwa kuNkulunkulu futhi bangamqondi kahle uNkulunkulu.

5.9.18

60. Noma Yini uNkulunkulu Ayishoyo Yisahlulelo Somuntu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UXunqiu edolobheni laseNanyang, esiFundazweni saseHenan 

  Ngangicabanga ukuthi uNkulunkulu wayehlulela futhi esola umuntu kuphela lapho esambule inkohlakalo yomuntu engaphakathi noma eveze amazwi anzima ahlulele isiphetho somuntu. Kwaba kamuva lapho isehlakalo esithile sangiholela ekuboneni ukuthi ngisho amazwi amnene kaNkulunkulu ayeyisahlulelo nokusola Kwakhe. Ngabona ukuthi izwi nezwi elishiwo nguNkulunkulu laliyisahlulelo kumuntu.

2.9.18

South African Gospel Song “Ukusola Nokwahlulela KukaNkulunkulu Kungukukhanya Kwensindiso Yomuntu”


South African Gospel Song “Ukusola Nokwahlulela KukaNkulunkulu Kungukukhanya Kwensindiso Yomuntu”
I
Ukuze uhlanzwe ekuphileni kwakho, ukuze uguqulwe isimo,
uphile impilo enenhloso, ufeze umsebenzi wakho njengesidalwa,
kufanele wamukele ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu,
akufanele uvumele ukuqondisa nokushaya kukaNkulunkulu ukuba kusuke kuwe, ukuze uzikhulule ekusetshenzisweni nguSathane,
Kufanele uvumele uNkulunkulu akushaye futhi abhekane nawe.