22.9.18

Ubukhona Baso Sonke Isintu Buncike KuNkulunkulu

Umsebenzi wokugcina kaNkulunkulu akuwona owokujezisa umuntu nje,

kodwa ukuhlela isiphetho somuntu,

nokuthi wonke umuntu abone konke lokho uNkulunkulu asekwenzile.

UNkulunkulu ufuna wonke umuntu abone ukuthi konke lokho asekwenzile kulungile,

ukuthi konke lokho asekwenzile kuwukuveza isimo Sakhe.

Akukhona neze ukwenza komuntu, futhi akuyona imvelo eyadala abantu.

Kodwa, nguNkulunkulu osekela wonke umphefumulo ophilayo phakathi kwazo zonke izinto.

UNkulunkulu uwukuphela kwensindiso, ithemba lomuntu,

futhi Nguye okuncike kuye ubukhona baso sonke isintu.

Umsebenzi osewenziwe nguNkulunkulu awukwazi ukuthathelwa indawo yinoma yimuphi umuntu.

Konke akwethembayo ukuthi umuntu uzomkhokhele ngezenzo ezinhle.

Ngaphandle kukaNkulunkulu, isintu singabhubha kuphela futhi sihlushwe yizinhlekelele kuphela;

akekho oyobona ubuhle belanga nenyanga,

noma abone umhlaba oluhlaza futhi;

isintu siyobona kuphela ukukhanya okuqandayo

nesigodi esingameleki sethunzi lokufa.

Ngaphandle kukaNkulunkulu, umuntu uyoyeka ukuqhubekela phambili;

ngaphandle kukaNkulunkulu, umuntu angahlupheka kuphela

futhi anyathelwe yilo lonke uhlobo lwezipoki,

noma kungekho muntu omlalelayo.

UNkulunkulu uwukuphela kwensindiso, ithemba lomuntu,

futhi Nguye okuncike kuye ubukhona baso sonke isintu.

Umsebenzi osewenziwe nguNkulunkulu awukwazi ukuthathelwa indawo yinoma yimuphi umuntu.

Konke akwethembayo ukuthi umuntu uzomkhokhele ngezenzo ezinhle.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana