4.5.19

2. Yingani kuthiwa abefundisi bezenkolo nabadala bonke bahamba umgudu wobuFarisi? Yini umongo wabo?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Futhi waqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso ethi. Umuntu othile watshala isivini, futhi wasibiyela ngothango, futhi wemba isikhamo, wase akha isiqongo sokulinda, wabe esesiqashisa kubalimi, wase eya ezweni elikude. Futhi ngenkathi efanele wayesethuma inceku kubalimi, ukuba ithathe kubalimi izithelo zesivini. Bayibamba, futhi bayishaya, base beyimukisa ze. Waphinda futhi wathumela kubo enye inceku; futhi yona bayikhanda ngamatshe, futhi bayilimaza ekhanda, futhi bayithuka bayixosha beyiphathe ngokuyihlazo.

2.5.19

1. Kungani iNkosi UJesu eqalekisa AbaFarisi? Yini ngempela umongo WobuFarisi?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Kungani nani neqa umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu? Ngoba uNkulunkulu wayala, wathi, Hlonipha uyihlo nonyoko: nokuthi, Lowo oqalekisa uyise noma unina, makafe nokufa. Kodwa nithi, Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi, Kuyisipho, lokho ongabe usizwe yimi ngakho; Futhi angahloniphi uyise noma unina, uyakukhululeka. Kanjalo nenze umyalo kaNkulunkulu waba yize ngesiko lenu.

1.5.19

2. Kungani uNkulunkulu ebusisa ibandla elamukela nelithobela umsebenzi Wakhe? Kungani eqalekisa izinhlangano zezenkolo?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngoba labo abakwezenkolo bayehluleka ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu omusha, futhi babambelela emsebenzini wakudala, ngakho uNkulunkulu ubalahlile labo bantu, futhi wenza umsebenzi Wakhe omusha kubantu abamukela lo msebenzi omusha. Laba ngabantu abasebenzisana nomsebenzi Wakhe omusha, futhi umsebenzi wokuphatha ungafezeka ngale ndlela kuphela.

30.4.19

1. Yini ibandla likaNkulunkulu? Yini inhlangano yezenkolo?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi Ebhayibheli:

“Futhi uJesu wangena ethempelini likaNkulunkulu, futhi waxosha bonke ababethengisa nababethenga ethempelini, futhi wagumbuqela amatafula abashintshelana imali, nezihlalo zalabo ababethengisa amajuba, Futhi wathi kubo, Kulotshiwe ukuthi, Indlu yami iyobizwa ngokuthi yindlu yomthandazo; kodwa seniyenze yaba umhume wabaphangi” (UMathewu 21:12-13).

28.4.19

2. Yini injongo nokubaluleka kokuthatha kukaNkulunkulu isimo somuntu eShayina ukuze asebenze ngezinsuku zokugcina?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,uNkulunkulu esimweni somuntu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Sonke isigaba somsebenzi kaNkulunkulu senzelwe sonke isintu, futhi siqondiswe kuso sonke isintu. Ngisho noma kungumsebenzi Wakhe enyameni, usaqondiswe kuso sonke isintu; unguNkulunkulu waso sonke isintu, futhi unguNkulunkulu wakho konke okudaliwe nokungadaliwe. Nakuba umsebenzi Wakhe enyameni unomthamo onomkhawulo, futhi nomgomo walo msebenzi nawo unomkhawulo, isikhathi ngasinye lapho eba inyama khona ukuze enze umsebenzi Wakhe, ukhetha injongo yomsebenzi wakhe enokumela okuphakeme; akakhethi nje ukusebenza neqembu labantu abangavelele, kunalokho ukhetha ukusebenza neqembu elikwaziyo ukumela umsebenzi Wakhe wenyama. 

26.4.19

1. UNkulunkulu usesimweni somuntu eShayina ngezinsuku zokugcina; yini isisekelo salokhu eBhayibhelini kanye nasemazwini kaNkulunkulu?

Isiprofetho sebhayibheli,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga ngisho nasekushoneni kwalo igama lami liyoba likhulu phakathikwaBezizwe”(UMalaki 1:11).

Njengoba nje umbani uvela empumalanga, futhi ukhanya ngisho nasentshonalanga; kuyoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu” (Math 24:27).

22.4.19

3. Yini umehluko phakathi kwamazwi kaNkulunkulu edluliswa ngabaphrofethi Ngenkathi Yomthetho kanye namazwi kaNkulunkulu echazwa nguNkulunkulu esenyameni?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

ENkathini Yomusa, uJesu wakhuluma futhi wenza umsebenzi omkhulu. Wayehluke kangakanani kuno-Isaya? Wayehluke kangakanani noDaniyeli? Ngabe wayengumprofethi? Kungani kuthiwa unguKristu? Yini umehluko phakathi kwabo? Bonke babengamadoda ayekhulume amazwi, futhi amazwi abo ayefuna ukufana kumuntu. Bonke babekhuluma futhi benze umsebenzi. Abaprofethi bakwiTestamente Elidala baprofetha, futhi ngokufanayo, noJesu wayengakwazi ukwenza lokho.