27.1.19

2. Umuntu kufanele aqonde ukuthi lonke iqiniso elichazwe nguNkulunkulu ezinsukwini zokugcina yindlela yokuphila okungunaphakade

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Ngisenezinto eziningi engingazisho kini, kodwa ningekwazi ukuzithwala manje. Noma kunjalo, uma esefikile yena, uMoya weqiniso, uzoniholela kulo lonke iqiniso: ngoba akazukuzikhulumela, kodwa lokho azokuzwa, uzokusho: futhi uzonikhombisa okuzayo” (Johane 16:12-13).

Lowo onendlebe, makezwe lokho uMoya okusho emabandleni; Lowo onqobayo akasoze oniwa ukufa kwesibili” (IsAmbulo 2:11).

25.1.19

2. Yini umehluko obalulekile phakathi kokusindiswa nensindiso?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Akubona bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi abazongena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini” (Mathewu 7:21).

... kufanele nibe ngcwele, ngoba Mina ngingcwele” (Lev 11: 45).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu.

23.1.19

Inhloso Engemuva Kokuba Sesimweni Somuntu KukaNkulunkulu Ezinsukwini Zokugcina

Amahubo Amazwi KaNkulunkulu | “Inhloso Engemuva Kokuba Sesimweni Somuntu KukaNkulunkulu Ezinsukwini Zokugcina”

I

Kusukela ekudalweni kuze kube manje, ezinsukwini zokugcina kuphela,

uNkulunkulu ube senyameni ukuzokwenza umsebenzi omkhulu kakhulu.

21.1.19

Lowo Ongukuba Sesimweni Somuntu KukaNkulunkulu Uyophatha Ingqikithi KaNkulunkulu

Amahubo Amazwi KaNkulunkulu | Lowo Ongukuba Sesimweni Somuntu KukaNkulunkulu Uyophatha Ingqikithi KaNkulunkulu

I

Ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu kuyomela ingqikithi nokuvezwa kukaNkulunkulu.

Futhi lapho esenziwe inyama uyoletha umsebenzi awunikeziwe

ukuveza lokhu ayikho, alethe iqiniso kubo bonke abantu,

abanike ukuphila futhi abakhombise indlela.

19.1.19

Igunya Nokubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu KukaNkulunkulu

 Amahubo Amazwi KaNkulunkulu | “Igunya Nokubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu KukaNkulunkulu”

I

Isiqu somuntu, ulwazi, uthando, nokwethembeka, ukulalela, nakho konke umuntu akubonayo

kusuke ekwahluleleni kwezwi.

Ukukholwa kwakho kumi ngenxa yezwi Lakhe.

17.1.19

Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso

Labo phakathi kwabafowethu nodadewethu, abahlale beveza ububi babo bayizinceku zikaSathane futhi bayaliphazamisa ibandla. Laba bantu ngelinye ilanga kumele baxoshwe futhi basuswe. Ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, uma abantu ngaphakathi kubo bengabi nenhliziyo ehlonipha uNkulunkulu, uma bengabi nenhliziyo elalela uNkulunkulu, ngeke bagcine nje ngokungakwazi ukwenzela uNkulunkulu noma yimuphi umsebenzi, kodwa kunalokho bayoba abantu abaphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu futhi abedelela uNkulunkulu.

15.1.19

Ezinyathelweni Zomsebenzi KaNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Ngaphandle, kubukeka sengathi izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu kulesi sigaba seziphelile, nokuthi isintu sesisitholile kakade isahlulelo, ukusola, ukushaywa, nokucwengwa kwamazwi Akhe, futhi sesidlule ezinyathelweni ezifana nokulingwa kwabenzi benkonzo, ukucwengwa kwangezikhathi zokusola, ukulingwa ngokufa, ukulingwa ngokunqotshwa, kanye nezikhathi[a] zokuthanda uNkulunkulu.