14.12.18

UnguNkulunkulu Wethu

Amahubo Ezwi LikaNkulunkulu | "UnguNkulunkulu Wethu"

I

Akekho ngaphandle Kwakhe owazi esikucabangayo.

Akekho omunye owazi ingqikithi nemvelo yethu njengentende yesandla sakhe.

Akekho omunye ongahlulela ukuhlubuka komuntu noma izindlela zakhe ezonakele.

Akekho ongakhuluma nathi noma asebenze kithi kanje egameni likaNkulunkulu osezulwini.

Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba nokuhlakanipha negunya likaNkulunkulu.

13.12.18

Zulu Gospel Music "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"


Zulu Gospel Music "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"

I
UNkulunkulu akanandaba nokuthi umuntu uthobekile noma mkhulu.
Uma nje ezwa uNkulunkulu,
elalela lokho uNkulunkulu akuyalayo nakunikezayo,
ekwazi ukubambisana nomsebenzi Wakhe, nohlelo Lwakhe nentando Yakhe,
ukuze intando nohlelo Lwakhe kungaqhubeka ngaphandle kokuphazanyiswa,
lokhu kwenza kukufanele, kukufanele ukukhunjulwa nguNkulunkulu,
futhi kufanele ukuthola, ukuthola isibusiso Sakhe.
UNkulunkulu uyabazisa abantu abanjalo, futhi uyazazisa izenzo zabo,
nezinhliziyo kanye nokumthanda kwabo.
Yilesi isimo sengqondo sikaNkulunkulu.

12.12.18

Best Gospel Movie Clip “Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke” – Ukubhubhisa Umhlaba KukaNkulunkulu Ngozamcolo


Best  Gospel Movie Clip “Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke” – Ukubhubhisa Umhlaba KukaNkulunkulu Ngozamcolo

Lapho ubuka isiqephu esimangalisayo sebhayisikobho yobuKristu esithi Ukubhubhisa KukaNkulunkulu Umhlaba Ngozamcolo, uzothola isimo sikaNkulunkulu esingcwele esinokulunga nokunakekela nobubele Bakhe esintwini, futhi uzothola indlela eya ensindisweni kaNkulunkulu phakathi kwezinhlekelele.

11.12.18

UNkulunkulu Ufika Ngokuthula Phakathi Kwethu

Amahubo Ezwi LikaNkulunkulu | "UNkulunkulu Ufika Ngokuthula Phakathi Kwethu"

UNkulunkulu uthule, futhi akaze abonakale kithi,

nokho umsebenzi Wakhe awukaze ume.

Ubheka wonke amazwe, futhi ulawula zonke izinto,

aphinde abheke onke amazwi kanye nezenzo zomuntu.

10.12.18

Zulu Gospel Song “Uphawu Lwesimo SikaNkulunkulu” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu


Zulu Gospel Song “Uphawu Lwesimo SikaNkulunkulu” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
Isimo sikaNkulunkulu sihlanganisa uthando Lwakhe nokududuza Kwakhe isintu,
sihlanganisa ukuzonda Kwakhe nokuqonda Kwakhe ngokugcwele isintu.
Isimo sikaNkulunkulu,
isimo sikaNkulunkulu siyinto uMbusi wazo zonke izinto eziphilayo
noma iNkosi yayo yonke indalo enayo.

9.12.18

Gospel Movie Clip "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - Ukubhujiswa KweSodoma neGomora NguNkulunkulu


Gospel Movie Clip "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - Ukubhujiswa KweSodoma neGomora NguNkulunkulu

Egcwele ububi nokuphinga, amadolobha amabili amakhulu aseSodoma naseGomora achukuluza isimo sikaNkulunkulu. UNkulunkulu wadedela isibabuli nomlilo kuvela emazulwini, kwangqongqisa amadolobha nabantu ababephakathi kuwo baba ngumlotha, futhi wabashabalalisa ngaphakathi kolaka Lwakhe…. Buka isiqephu sebhayisikobho esithi Ukubhujiswa KweSodoma neGomora NguNkulunkulu ukuze uthole okwengeziwe ngesimo sikaNkulunkulu esinolaka, esingoniwa nesexwayiso Sakhe ezizukulwaneni ezizayo.

8.12.18

Gospel Movie Clip "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - UNkulunkulu Unikeza Umthetho


Gospel Movie Clip "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - UNkulunkulu Unikeza Umthetho

Emuva kokuba uMose ehole ama-Israyeli aphuma eGibhithe, uNkulunkulu wamemezela imithetho nemiyalelo, eyaqondisa impilo yama-Israyeli emhlabeni futhi yafundisa abantu indlela yokukhonza uNkulunkulu. Le mithetho nemiyalelo ayiqondisanga ama-Israyeli kuphela, kodwa yafundisa futhi yanikeza indinganiso yokwakha imithethosisekelo yezizukulwane ezilandelayo, ibeka isisekelo sezinhlelo zomthetho zesintu sesikhathi esizayo.