22.10.18

UNkulunkulu Wenza Umsebenzi Omusha Kuzo Zonke Izinkathi

 I

Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu akuguquki, ukumangalisa kukaNkulunkulu akuguquki,

Ukulunga kukaNkulunkulu akuguquki, ubukhosi bukaNkulunkulu abuguquki.

Ingqikithi kaNkulunkulu ayiguquki,

futhi lokho anakho nalokho ayikho akusoze kwaguquka.

20.10.18

Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)

  Imvelo yomuntu yehluke ngokuphelele ebuntwini Bami; lokhu kungenxa yokuthi imvelo yomuntu eyonakele ivela kuSathane ngokuphelele nemvelo yomuntu yenziwe futhi yonakaliswa uSathane. Okuwukuthi, umuntu uphila ngaphansi kwethonya elibi kanye nobubi bayo. Umuntu akakhuleli ezweni leqiniso noma endaweni engcwele, futhi ngaphezu kwalokho akaphili ekukhanyeni. Ngakho-ke, akunakwenzeka ukuthi iqiniso litholwe ngokofuzo phakathi emvelweni yomuntu ngamunye, futhi ngaphezu kwalokho angeke bazalwe benobuntu obesaba uNkulunkulu, obulalela uNkulunkulu.

18.10.18

70. Umsebenzi KaNkulunkulu Uhlakaniphe Kakhulu!

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,umsebenzi kaNkulunkulu

UShiji    Edolobheni LaseMa’anshan Esifundazweni saseAnhui

  Ngesikhathi ngisebenza njengomholi ebandleni, umholi wami wayevame ukwabelana nathi ngezibonelo zokuhluleka kwabanye ukuze afundise thina isifundo. Isibonelo: Abanye abaholi babekhuluma kuphela ngezincwadi nezimfundiso kodwa behluleka ukubala okwabo ukonakala noma ukuxoxa mayelana nokuqonda kwabo ukuthi iqiniso lisebenza kanjani empilweni yangokoqobo.

16.10.18

66. Ubambiswano Lweqiniso

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UFang Li    edolobheni lase-Anyang, esiFundazweni saseHenan

  Kamuva nje ngangicabanga ukuthi ngangingene ebudlelwaneni obunokubambisana. Mina nomlingani engangisebenza naye sasikwazi ukukhuluma nganoma yini, kwesinye isikhathi ngangiye ngimcele ukuba angitshele izinto engangisasilele kuzona, futhi sasingakaze sixabane, ngakho ngangicabanga ukuthi sasifinyelele ebudlelwaneni obunokuzwana. Kodwa njengoba amaqiniso ayevezile, ubudlelwane obunobambiswano kwakungeyona le nto engangiyicabanga.

14.10.18

12.10.18

Ngamazwi KaKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Angahlanza Nangaguqula Umuntu

 I

Umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina ngukuhambisa amazwi Akhe,

azoveza inguquko enkulu kumuntu,

izinguquko ezinkulu kakhulu kunalezo ezavezwa yizibonakalisoeziyisimangaliso nezimanga

ezazikhonjiswa nguNkulunkulu kumuntu ngesikhathi seNkathi Yomusa eyayandulela.

11.10.18

South African Gospel Song "Umthelela ongenziwa ukwahlulela kukaNkulunkulu"


South African Gospel Song "Umthelela ongenziwa ukwahlulela kukaNkulunkulu"

I
Umsebenzi kaNkulunkulu ekwahluleleni awuwona,
amagama amabili namathathu, ukucacisa indalo yomuntu,
kodw’uyembula, ukusebenza ngaye kancane kancane.
Le ndlela yokuphathwa ngeke iguqulwe ngamazwi nje,
kodwa ngeqiniso, elidlul’ububanzi bomuntu.
Umsebenzi onje kuphela osho ukwahlulela;
yilokhu kwahlulela okungenza umuntu alalele uNkulunkulu ngobuyena obuphelele,
bese efinyelela ekumazini Yena.