22.9.18

Qaphelani isiphetho sesintu

 I

UNkulunkulu ukhuthaza izinhlanga zonke, amazwe kanye nezimboni:

Zilale’iphimbo Lakhe zibon’umsebenzi Wakhe;

zinak’isiphetho sesintu;

zimenz’uNkulunkulu abe ongcwele,

ophakeme kakhulu ohlonishwayo;

zivumele isintu siphile esibusisweni sikaNkulunkulu,

njengalokh’isizukulwane

sika-Abraham saphil’esibusisweni sikaJehova,

njengendalo kaNkulunkulu u-Adamu noEva baphil’engadini yase-Edeni.

Ubukhona Baso Sonke Isintu Buncike KuNkulunkulu

Umsebenzi wokugcina kaNkulunkulu akuwona owokujezisa umuntu nje,

kodwa ukuhlela isiphetho somuntu,

nokuthi wonke umuntu abone konke lokho uNkulunkulu asekwenzile.

21.9.18

UNkulunkulu Wethu Ubusa NjengeNkosi

Kwaze kwakuhle! Izinyawo Zakhe ziseNtabeni Yeminqumo.

Lalelani, thina balindi sihlabelela kakhulu ndawonye, ngoba uNkulunkulu usebuyele eSiyoni.

Sesikubonile ukuba yincithakalo kweJerusalema!

20.9.18

Impela UNkulunkulu Usefikile Phakathi kwaBantu

UNkulunkulu uletha isiphetho sesintu emhlabeni wabantu.

Emva kwalokho, Ubeka obala phambi kwesintu isimo Sakhe sonke,

ukuze kuthi bonke abantu abamaziyo uNkulunkulu nalabo abangamazi

“bezobhekisa amehlo abo” babone ukuthi impela uNkulunkulu usefikile phakathi kwabantu,

emhlabeni lapho zonke izinto zikhula khona.

19.9.18

Izwi Lamashumi Amane Nesishiyagalombili

  Ngikhathazekile, kodwa bangaki phakathi kwenu abakwazi ukuba nomqondo owodwa nomcabango owodwa Nami? Aninandaba nje namazwi Ami, niwaziba ngokuphelele futhi nehluleka ukugxila kuwona, kunalokho nigxila kuphela ezintweni zenu ezikha phezulu.

18.9.18

South African Gospel Music 2018 “Ngabantu Abaqotho Kuphela Abanomfanekiso Wobuntu”


South African Gospel Music 2018 “Ngabantu Abaqotho Kuphela Abanomfanekiso Wobuntu”

I
Ngenxa yenzuzo ngalahla zonke izindinganiso zokuziphatha,
futhi ngesibindi ngasebenzisa inkohliso ukuziphilisa.
Angibanga nandaba nonembeza noma isimilo, lutho ngobuqotho noma isithunzi.
Ngaphilela kuphela ukwanelisa inkanuko nobugovu bami obukhula njalo.

17.9.18

UNkulunkulu UnguMbusi Wohlelo Lokuphatha Lweminyaka Eyizinkulungwane Eziyisithupha

I

Umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa nguNkulunkulu uqobo Lwakhe.

Nguye oqala umsebenzi Wakhe, futhi Nguye owuphethayo.

Nguye ohlela umsebenzi.

Nguye owuphathayo, ngaphezu kwalokho afikise umsebenzi ekuphumeleleni.