23.5.18

Ibika Ledokhumentari ethi “Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke” | Ukuphakama Nokuwa Kwamazwe




 Ngabe ukuphakama nokuwa kwezwe noma isizwe kungenxa yezenzo zomuntu? Ngabe kungumthetho wemvelo? Luhlobo luni lwemfihlakalo oluqukethwe? Ngempela ngubani olawula ukuphakama nokuwa kwezwe noma isizwe? Idokhumentari yobuKristu enomculo Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke izokwembula imfihlakalo masinyane!

#6 The CCP Never Abandons Its Desire to Enact Article 23 of the Basic Law of HK - Massimo Introvigne


On November 20–21, 2017, in just two days, seventeen reports attacking The Church of Almighty God (CAG) were published intensively on Ta Kung Pao and Wen Wei Po, the mouthpiece media of the Chinese Communist Party (CCP) in Hong Kong (HK), citing the rumors and fallacies consistently fabricated by the CCP to discredit and condemn the CAG.

22.5.18

Ibika Ledokhumentari "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" | Ubufakazi Bamandla KaNkulunkulu




Ngaso sonke isikhathi endaweni yonke, zonke izinto ezisemkhathini zihamba ngokunembile phakathi kwemizila yazo. Ngaphansi kwamazulu, izintaba, imifula, namachibi konke kunemingcele yakho, futhi zonke izidalwa ziphila futhi zizalane kuzo zonke izinkathi zonyaka ezine ngokuvumelana nemithetho yokuphila…. Lokhu konke kuklanywe ngokumangalisayo—ingabe ukhona Onamandla obusa futhi ahlele konke lokhu? Selokhu safika sikhala kulo mhlaba saqala ukufuna ukudlala izindima ezahlukene ekuphileni.

21.5.18

Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu ungehlukaniswe nomuntu uqobo, ngoba umuntu uyinjongo yomsebenzi Wakhe, futhi nguye kuphela isidalwa esenziwe uNkulunkulu esingafakaza kuNkulunkulu. Impilo yomuntu kanye nayo yonke imisebenzi yomuntu akunakwehlukaniswa noNkulunkulu, futhi konke kulawulwa izandla zikaNkulunkulu, futhi kungaze kuthiwe akekho umuntu ophila engancikanga kuNkulunkulu.

20.5.18

Isahluko 22

IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Umuntu uphila phakathi kokukhanya, kodwa akabuboni ubugugu bokukhanya. Akasinaki isimo sokukhanya, nesomthombo wokukhanya, futhi ngaphezu kwalokho, kulowo okungokwakhe. Lapho ngethula ukukhanya phakathi kwabantu, ngokushesha ngihlola izimo phakathi kwabo: Ngenxa yokukhanya, bonke abantu bayaguquka, bayakhula futhi babushiyile ubumnyama. Ngiye ngabheka wonke amagumbi omhlaba, futhi ngabona ukuthi izintaba zihaqwe yinkungu, ukuthi amanzi ayiqhwa ngenxa yamakhaza, nokuthi ngenxa yokufika kokukhanya, abantu babheka eMpumalanga ukuze bathole okuthile okuyigugu kakhulu—kodwa umuntu uhlala engakwazi ukwehlukanisa indlela ecacile phakathi kwenkungu.

South African Best Gospel Music Video "Yiza Phambi KukaNkulunkulu Njalo"



South African Best Gospel Music Video "Yiza Phambi KukaNkulunkulu Njalo"


Thatha ithuba lapho unesikhathi, hlala uthule phambi kukaNkulunkulu.
Funda izwi Lakhe, yazi amaqiniso Akhe, lungisa iziphambeko ezikuwe.
Izilingo ziyafika, bhekana nazo; yazi intando kaNkulunkulu futhi uzoba namandla.
Mtshele ukuthi yiziphi izinto ozintulayo, khuluma iqiniso Lakhe njalo.
Uyajabula umphefumulo wakho lapho ukhonza Yena.
Yiza phambi kukaNkulunkulu njalo, ungabe usamnqaba.
Ukunaka kwakho inyama, kuyamlimaza kakhulu.
Funda izwi Lakhe, uqonde iqiniso Lakhe.

South African Latest Gospel Music "Lapho Uvulela UNkulunkulu Inhliziyo Yakho"




South African Latest Gospel Music "Lapho Uvulela UNkulunkulu Inhliziyo Yakho" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

I
Lapho ungamqondi uNkulunkulu futhi ungayazi imvelo Yakhe,
izinhliziyo zenu azisoze zavuleka ngokweqiniso, zivulekela uNkulunkulu.
Lapho usumqonda uNkulunkulu wakho,
uzokuqonda okusenhliziyweni Yakhe,
bese ujabulela okukuye ngakho konke ukukholwa nokunaka kwakho.
Lapho ujabulela okusenhliziyweni kaNkulunkulu, kancane kancane, usuku nosuku,
lapho ujabulela okusenhliziyweni kaNkulunkulu,
inhliziyo yakho izovulekela Yena.