19.2.18

Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu kulezi zikhathi, esikhathini esiningi, ukwazi ukuthi iyini inkonzo esemqoka kaNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina, nokuthi uzokwenzani emhlabeni. Ngishilo ngaphambili emazwini ami ukuthi uNkulunkulu ufike emhlabeni (ngezinsuku zokugcina) ukuzokwenza isiboniso ngaphambi kokuthi ahambe. UNkulunkulu usenza kanjani lesi siboniso? Ngokukhuluma amazwi, ngokusebenza nokukhuluma ezweni lonke.

Kuyini Ukuqonda Kwakho “Izibusiso”?

Nakuba labo abazalwe kule nkathi bebhekene nezimo zokukhohlakala kukaSathane nokungcola kwamadimoni, kuyiqiniso futhi ukuthi bayakwazi ukuzuza insindiso enkulu ngenxa yalokhu kukhohlakala, ngisho nokungaphezulu kwemfuyo egcwele izintaba namathafa kanye nempahla yomndeni enkulu eyazuzwa uJobe, futhi ingaphezu kwesibusiso esatholwa uJobe sokubona uJehova ngemva kwezilingo zakhe.

18.2.18

South African Gospel Music "Umphumela Ofezeka Ngokumazi uNkulunkulu" You Are My Lord and My God



Kube olunye usuku,
lapho uyozwa khona ukuthi uMdali akaseyona impicabadala, ukuthi uMdali akakaze afihleke kuwe, ukuthi uMdali akakaze abufihle ubuso Bakhe kuwe, ukuthi uMdali akakude neze nawe, ukuthi uMdali akaseyena Lona ohlale umlangazelela emicabangweni yakho kodwa ongakwazi ukufinyelela Kuye ngemizwa yakho, ukuthi Yena ngokoqobo futhi ngeqiniso uhlale ekubhekile kwesokunxele nesokudla sakho, esekela ukuphila kwakho, futhi elawula okudalelwe, elawula okudalelwe.
Akakude noma akazifihlile Yena phezulu emafini. Useceleni kwakho, engamele phezu kwakho konke okwakho, Uyikho konke onako, futhi Uwukuphela kwento onayo.

17.2.18

“Indaba kaXiaozhen” (1) – Idwala, Iphepha, Izikelo | Musical Drama



Iqoqo lezingane ezithandekao neziphapheme zazizidlalela nje umdlalo ngenkathi zibuza umbuzo ngaphandle kokucabanga othi, “Isintu sivelaphi?” Uyayazi yini impendulo yalo mbuzo?

Zulu Christian Music – “Ukuthanda uNkulunkulu Ongokoqobo Ngazo Zonke Izinhliziyo Zethu” (A Cappella)



I
La … la la la … la la la….
La … la la la … la la la … la….
Ilanga lokulunga liphuma eMpumalanga.
O Nkulunkulu! Inkazimulo yaKho igcwalisa izulu nomhlaba.
Sithandwa sami esihle, uthando lwaKho luzungeza inhliziyo yami.
Abantu abaphishekela iqiniso bonke bathanda uNkulunkulu.
Nakuba ngivuka ngedwa ekuseni ngovivi, ngizizwa ngijabula lapho ngizindla ngezwi likaNkulunkulu.

16.2.18

“Indaba kaXiaozhen” (2) – Belwela Igolide | Musical Drama



Ngenkathi uXiaozhen ethola iqhezu elikhulu legolide, wabiza abangani bakhe ukuthi beze bezohlephulelana lona. Angakucabanganga ukuthi uma nje abantu bebona igolide, ubuhle nobubi bemvelo yomuntu buvela obala …

Umsebenzi Nokungena (7)

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

  Sekuthathe umuntu kwaze kwaba yilolu suku ukuba aqaphele ukuthi lokho umuntu akuntulayo akukhona nje kuphela ukuphila ngokomoya kanye nolwazi lokwazi uNkulunkulu, kodwa, okubaluleke kakhulu, izinguquko esimweni sabo.Ngenxa yokungabi nalwazi okuphelele ngomlando nesiko lasendulo lesintu, abanalo nolwazi oluncane ngomsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu wethemba ukuthi ekujuleni kwenhliziyo, umuntu anganamathela kuNkulunkulu, kodwa ngenxa yokonakala okwedlulele kwenyama yomuntu, kanye nokuba ndikindiki nokuthatha kancane kwengqondo, umuntu akanalo noluncane ulwazi ngoNkulunkulu.