3.2.18

Ngizothanda UNkulunkulu Kuze Kube Phakade

 
 I
O Nkulunkulu! Amazwi aKho angibuyisele Kuwe.
Ngiyakwamukela ukuqeqeshwa embusweni waKho imini nobusuku.
Ngokuvivinywa kaningi nangezinhlungu,
ngezinsizi eziningi.
Izikhathi eziningi ngichiphiza izinyembezi
futhi ngizizwa ngihlabekile enhliziyweni,
futhi izikhathi eziningi ngiye ngawela esicuphweni sikaSathane.
Kodwa awukaze ungishiye.

2.2.18

Ngilubonile Uthando LukaNkulunkulu

unkulunkulu uthando,IBandla LikaNkulunkulu USomandla
 
 1
Ngizwa izwi elijwayelekile lilokhu lingibiza.
Ngaphaphama ukuze ngibone,
ukuthi ubani lo okhulumayo.
Izwi laKhe lipholile kodwa linohlonze,
isithombe saKhe sihle!
Uyahlushwa futhi ubekezelela ubuhlungu obukhulu,
egonwa yisandla saKhe esinothando.
Ngase ngiqaphela ukuthi uMninimandla onke engilwa naye.

Kulowo Abantu Okumele Bamphilele

funa uNkulunkulu,IBandla LikaNkulunkulu USomandla

 
 I
Bekungacacile ukuthi abantu kumele baphilele bani.
Manje sengiyitholile impendulo.
Bengijwayele ukuziphilela mina,
ngifuna kuphela isithunzi nodumo.
Ukuthandaza kuNkulunkulu kugcwalise amazwi amahle,
kuyilapho ngibambelele endleleni yami yokuphila yangempela.
Ukholo olusekelwe ekusaseni nasekudalelweni,
anginalo iqiniso noma ubuqiniso.

1.2.18

Umsebenzi Nokungena (1)

 Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokuphila, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze.

31.1.18

Gospel Choir "UNkulunkulu Uyisiqalo futhi Uyisiphetho" UNkulunkulu Ufikile uNkulunkulu Ubusile


UNkulunkulu Uyisiqalo futhi Uyisiphetho

UNkulunkulu uyiSiqalo,
UNkulunkulu uyiSiqalo,
UNkulunkulu uyiSiqalo,
neSiphetho,
neSiphetho,
neSiphetho,
UNkulunkulu Otshalayo,
UNkulunkulu Otshalayo,
UNkulunkulu Otshalayo,
Futhi Ungumvuni (Umvuni).

Isahluko 17

Eqinisweni, onke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu ayizinto abantu abangazazi; onke awulimi abantu abangakaze baluzwe, ngakho kungabekwa kanje: amazwi kaNkulunkulu kwawona ayimfihlakalo. Abantu abaningi bakholwa ngokuyiphutha ukuthi izinto kuphela abantu abangeke bazithole ngokomqondo, izindaba zasezulwini uNkulunkulu avumela abantu ukuthi bazi ngazo manje, noma iqiniso ngalokho uNkulunkulu akwenzayo endaweni yomoya kuyizimfihlakalo.

30.1.18

Khona Lapha, Khona Manje, Siyahlangana


I
Siyathandana, siwumndeni. Ah … ah …
Khona lapha, khona manje, siyahlangana;
kuhlangana abantu abathanda uNkulunkulu.
Ngaphandle kokuchema, sinamathelene,
injabulo nobumnandi kugcwalisa izinhliziyo zethu.
Izolo sishiye ihlazo nomuzwa wecala;
namuhla siqonda omunye nomunye,
sihlala othandweni lukaNkulunkulu.
Sindawonye, sijabule, sikhululekile enyameni.