Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uziqu zintathu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uziqu zintathu. Bonisa konke okuthunyelwe

18.5.19

3. Ukuchaza uNkulunkulu oyedwa weqiniso “njengoNkulunkulu Wobuthathu” kungukudelela nokuhlambalaza uNkulunkulu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ukwambula iqiniso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Niyazi ukuthini, eqinisweni, uZiqu Zintathu uyinto engekho. UNkulunkulu akanaye uYise noma iNdodana, ingasaphathwa eyokuthi kunethuluzi elisetshenziswa nguYise neNdodana ngokubambisana: uMoya oNgcwele. Wonke lawa ngamanga futhi yinto engakaze ibe khona kulo mhlaba! Kodwa la manga anomsuka futhi anesisekelo esithile, nihlakaniphe kabi ukuba ningavele nikhohliseke nje kanjalo. Kodwa, la manga abonakala eyiqiniso futhi eyimvelo, kangangokuthi awanakungenwa ngisho uSathane imbala.

16.5.19

2. Kungani “UbuNkulunkulu Obuthathu” kuyisitatimende esiyinhlekisa enkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,uziqu zintathu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngemva kokuba abantu sebazi iqiniso lokuthi uJesu waba yinyama baqaphela lokhu: Ezulwini akukho kuphela uBaba, kodwa kuneNdodana, kanye noMoya imbala. Abantu bebelokhu bekholelwa, ukuthi kunalo Nkulunkulu ezulwini: uZiqu zintathu okunguYise, iNdodana, noMoya oNgcwele, bamunye. Bonke abantu banalo mbono othi: uNkulunkulu unguNkulunkulu oyedwa, kodwa owakhiwe yizingxenye ezintathu, lo mbono wabantu osugxilile uveza ukuthi kunoYise, iNdodana noMoya oNgcwele.