Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula UNowa. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula UNowa. Bonisa konke okuthunyelwe

7.7.18

1. Kungani isintu kufanele sikholwe kuNkulunkulu?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

UNkulunkulu wadala zonke izinto, ngakho wenza yonke indalo ibe ngaphansi kombuso Wakhe, izithobe kuwo; uyolawula zonke izinto, ukuze konke kube sezandleni Zakhe. Yonke indalo kaNkulunkulu, kuhlanganise nezilwane, izitshalo, abantu, izintaba, imifula, kanye namachibi—konke kufanele kube ngaphansi kokubusa Kwakhe. Konke okusesibhakabhakeni nasemhlabathini kumele kube ngaphansi kokubusa Kwakhe. Akukho okunye okungakwenza, kumele konke kuzithobe ekuhleleni Kwakhe.