11.1.19

1. Yini umehluko phakathi kwamagama akhulunywe yiNkosi uJesu Ngenkathi Yomusa kanye namagama akhulunywe uNkulunkulu uSomandla Ngenkathi Yombuso?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu uSomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Phendukani: ngoba umbuso wezulu ususondele” (UMathewu: 4:17).

Futhi ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono kufanele kushunyayelwe egameni lakhe ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema” (ULuka 24:47).

Futhi uma noma ngabe yimuphi umuntu ezwa amazwi ami, engawakholwa, angimahluleli: ngoba angizanga ukuzokwahlulela umhlaba, kodwa ukusindisa umhlaba. Lowo ongalayo, engawamukeli namazwi ami, ukhona ozomahlulela: izwi engilikhulumile, lona lizomehlulela ezinsukwini zokugcina” (Johane 12:47-48).

Ngoba sesifikile isikhathi sokuqala kwesahlulelo endlini kaNkulunkulu …” (1 Petru 4:17).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ekuqaleni uJesu wasabalalisa ivangeli washumayela indlela yokuphenduka, ngemva kwalokho wabhabhathiza, welapha izifo futhi waxosha amadimoni. Ekugcineni, wakhulula isintu esonweni futhi waqedela umsebenzi wakhe waleyo nkathi.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaJesu wawumayelana nokuhlengwa komuntu kanye nokubethelwa Kwakhe kuphela. Ngakho, sasingekho isidingo sokuba asho amazwi amaningi ukuze anqobe umuntu. Okuningi kwalokho akufundisa umuntu kwakuthathwe emiBhalweni futhi ngisho nomsebenzi Wakhe awuzange udlulele ngale kwemiBhalo, kunalokho Wakwazi ukufeza umsebenzi wokubethelwa. Umsebenzi Wakhe wawungekho mayelana nezwe, noma ukunqoba isintu, kodwa wawumayelana nokuhlenga isintu. Waba njengomnikelo wesono wesintu, futhi akazange abe njengomthombo wezwi esintwini.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaleso sikhathi, uJesu wakhuluma kubafundi Bakhe kuphela ochungechungeni lwezintshumayelo eNkathini Yomusa, ezifana nokuthi bangenza kanjani, bangahlanganyela kanjani ndawonye, bangacela kanjani ngomkhuleko, bangabaphatha kanjani abanye, nokunye. Umsebenzi awenza wawungoweNkathi Yomusa, futhi wachaza kuphela ukuthi kumele abafundi nalabo abamlandelayo benze kanjani. Wenza umsebenzi weNkathi Yomusa kuphela akenzanga lutho okwezinsuku zokugcina. … Umsebenzi kaNkulunkulu enkathini ngayinye unemingcele ecacile; wenza kuphela umsebenzi wenkathi yangaleso sikhathi futhi akawenzi umsebenzi wesigaba esilandelayo singakafiki isikhathi sawo. Yingale ndlela kuphela ezokwenza ukuba umsebenzi wesigaba ngasinye ulethwe phambili. UJesu wakhuluma kuphela ngezimpawu zezinsuku zokugcina, ngokuthi ubekezela kanjani nokuthi usindiswa kanjani, nokuthi uyophenduka kanjani uvume nezono, kanjalo nokuthi usithwala kanjani isiphambano ubekezelele ukuhlupheka; akaze akhulume ngokuthi abantu ezinsukwini zokugcina kumele bangene kanjani noma kumele bafune kanjani ukwanelisa intando kaNkulunkulu.

kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ake sibheke ingxenye ngayinye “ye Ntshumayelo yaseNtabeni” Ingabe konke lokhu kumayelana nani? Kungashiwo ngesiqiniseko ukuthi konke lokhu kuphakeme, kuliqiniso, futhi kusondelene nezimpilo zabantu uma uqhathanisa nemibandela yeNkathi Yomthetho. Uma sikhuluma ngolimi lwamanje, kuyahambisana nendlela abantu abaphila ngayo.

Ake sifunde okuqukethwe yilokhu okulandelayo: Kumele ukuqonde kanjani ukubusiseka? Yini okumele uyazi ngomthetho? Kumele ichazwe kanjani intukuthelo? Kumele senzenjani mayelana nokuphinga? Kuthiwani, futhi imithetho enjani ehambisana nesahlukaniso, ubani ongahlukanisa? Kuthiwani ngezifungo, iso ngeso, thanda izitha zakho, isifundiso ngokunikela, kanye nokunye? Zonke lezi zinto zihambisana nayo yonke ingxenye yemikhuba yenkolelo yesintu kuNkulunkulu, kanye nokulandela kwabo uNkulunkulu. Eminye yale mikhuba isenziwa nanamuhla, ayimihle futhi ayisona isidingo kubantu. Kungamaqiniso abantu abahlangabezana nawo ngenkolelo yabo kuNkulunkulu. Kusukela ngesikhathi iNkosi uJesu iqala ukusebenza, Yayisiqalile ukusebenza ngesimo sempilo yabantu, kodwa yayisuselwa esisekelweni semithetho. Ingabe izimiso kanye nokushiwo kulezi zihloko zazihambisana yini neqiniso? Impela kunjalo! Yonke lemigomo, izimiso ezidlule, kanye nentshumayelo yeNkathi Yomusa, ingabe kwakuhambisana yini nesimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu anakho nayikho, kanjalo neqiniso futhi. Noma ngabe iyiphi into uNkulunkulu ayishoyo, noma ngabe uyisho kanjani, noma ngabe usebenzisa yiphi inhlobo yolimi, isesekelo sayo, umsuka wayo, kanye nalapho iqala khona, konke kususelwa emigomeni yesimo sikaNkulunkulu kanye nalokho anakho nayikho. Lokhu akunalo iphutha. Noma ngabe lezi zinto zibonakala zingenayo injula, kodwa ngeke uthi azinalo iqiniso, ngokuba kwakuyizinto ezazisemqoka kubantu ngeNkathi Yomusa ukuze kufezwe intando kaNkulunkulu kanye nokuzuza uguquko esimweni sempilo yabo. Ungasho yini uthi ezinye izinto entshumayelweni azihambisani neqiniso? Ngeke! Konke ngakunye kuyiqiniso ngoba konke kwakuyilokhu uNkulunkulu ayekudinga esintwini; konke kwakuyimigomo kanye nesilinganiso esasinikezwe nguNkulunkulu sokuthi kumele umuntu aziphathe kanjani, futhi zimele isimo sikaNkulunkulu. Nokho, kwakuncike ezingeni lokukhula kwabo ngaleso sikhathi, babekwazi ukuzamukela nokuqonda kuphela lezi zinto. Ngokuba isono sesintu sasingakaxazululeki, iNkosi uJesu yayikwazi ukusho la mazwi kuphela, futhi wayengasebenzisa kuphela lezi zifundiso ezilula ngaphakathi kwesilinganiso sokutshela abantu bangaleso sikhathi ukuba kumele baziphathe kanjani, kumele benzeni, nokuthi kumele bakholwe kanjani kuNkulunkulu futhi bahlangabezane nezidingo Zakhe. Konke lokhu kwakunqunyiwe kususelwa esiqwini sesintu ngaleso sikhathi. Kwakungelula kubantu ababephila ngaphansi komthetho ukuba bamukele lezimfundiso, ngakho iNkosi uJesu kwakumele ifundise ngaphakathi kwaleso silinganiso.


kwesithi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, kanye NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Amagama akhulunywa uNkulunkulu kule nkathi ahlukile kunalawo akhulunywa ngeNkathi Yomthetho, ngakho-ke, nawo, ahlukile emazwini akhulunywa ngeNkathi Yomusa. NgeNkathi Yomusa, uNkulunkulu akawenzanga umsebenzi wezwi, kodwa wachaza ukubethelwa ukuze ahlenge bonke abantu. IBhayibheli lichaza kuphela ukuthi kungani uJesu kwakumele abethelwe, kanye nokuhlupheka okwakumele adlule kukho esiphambanweni, nokuthi umuntu kumele abethelwe kanjani ngenxa kaNkulunkulu. Ngale nkathi, wonke umsebenzi owenziwa uNkulunkulu wawugxile ekubethelweni. NgeNkathi Yombuso, uNkulunkulu osesimweni somuntu ukhuluma amazwi ukuze anqobe bonke abantu abakholwa kuYe. Leli “yiZwi elivela enyameni;” uNkulunkulu uze ngezinsuku zokugcina ukuze ezokwenza umsebenzi Wakhe, okungukuthi, uze ukuzoqedela ukubaluleka kweZwi elivela enyameni.

kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngenxa yokuthi umsebenzi Wami ungumsebenzi wokunqoba, futhi ubhekiswe ekungalalelini nasemvelweni yenu endala. Amazwi anomusa kaJehova noJesu akude namazwi anzima okwahlulela namuhla. Ngaphandle kwamazwi aqine kanjalo, bekungeke kwenzeke ukuba kunqotshwe nina “bochwepheshe”, ababe ngabangalaleli iminyaka eyizinkulungwane. Imithetho yeTestamente Elidala kudala yaphelelwa ngamandla kinina futhi ukwahlulelwa kwanamuhla kuyidlula kude imithetho yakudala. Into enifanele kakhulu ukwahlulelwa hhayi imingcele engatheni yemithetho, ngoba nina anisona isintu sasekuqaleni, kodwa niyisintu esesonakele iminyaka eyizinkulungwane.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Engikushoyo namuhla ukwahlulela izono zabantu kanye nokungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabantu. Ukukhohlisa nokugwegwa kwabo, kanye namazwi nezenzo zabo, zonke lezi zinto ezingahambisani nentando Yakhe kuzobhekana nokwahlulelwa, futhi ukuhlubuka kwabantu kuyalahlwa njengokuyisono. Ukhuluma ngokuvumelana nezimiso zokwahlulela, futhi uveza isimo Sakhe sokulunga ngokwahlulela ukungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabo, futhi adalule bonke ubuso babo obubi.

kwesithi “Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu kule nkathi owokuhlinzeka ikakhulukazi amazwi empilo yomuntu, ukuvezwa ingqikithi yemvelo yomuntu kanye nesimo esonakalisiwe somuntu, ukususa kwemicabango yezenkolo, ukucabanga kwasemandulo, ukucabanga osekuphelelwe isikhathi, kanye nolwazi namasiko omuntu. Konke lokhu kufanele kunekwe obala futhi kuhlanzwe ngamazwi kaNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu usebenzisa amazwi, hhayi izimpawu nezimangaliso, ukuphelelisa umuntu. Usebenzisa amazwi akhe ukudalula umuntu, ukwehlulela umuntu, ukusola umuntu futhi nokuphelelisa umuntu, ukuze emazwini kaNkulunkulu, umuntu aze abone ukuhlakanipha nobuhle bukaNkulunkulu, futhi aze abone isimo sikaNkulunkulu, ukuze ngamazwi kaNkulunkulu, umuntu abone izenzo zikaNkulunkulu.

kwesithi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma kufika egameni elithi “ukwahlulela,” uzocabanga amazwi akhulunywa nguJehova kuzo zonke izindawo futhi amazwi okusola ashiwo nguJesu kubaFarisi. Yize la mazwi ebuhlungu, akasikho ukwahlulela abantu okwenziwa uNkulunkulu;l ngamazwi kuphela akhulunywa nguNkulunkulu ezimweni ezahlukene, okusho ukuthi, ezindaweni nasezikhathini ezahlukene; futhi awafani namazwi akhulunywa nguKristu njengoba ahlulela abantu ezinsukwini zokugcina. Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Yize igama elithi “izwi” lisobala futhi livamile, izwi elivela emlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama linyakazisa lonke izulu nomhlaba; izwi Lakhe liguqula inhliziyo yomuntu, imicabango nesimo sakhe esidala nokubukeka kwakudala komhlaba wonke. Kuyo yonke iminyaka, nguNkulunkulu wanamuhla kuphela osebenza ngale ndlela, futhi NguYe kuphela okhuluma futhi asindise umuntu ngale ndlela. Emva kwalokho, umuntu uhlala ngaphansi kokuqondiswa yizwi, eluswa futhi ehlinzekwa yizwi; bahlala emhlabeni wezwi, baphila phakathi kweziqalekiso nezibusiso zezwi likaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho bahlala phansi kokwahlulela nokusola kwezwi. La mazwi nalo msebenzi kwenzelwe nje insindiso yomuntu, ukufezwa kwentando kaNkulunkulu, nokuguqula isimo semvelo somhlaba wendalo endala. UNkulunkulu wadala umhlaba ngezwi, uhola abantu emhlabeni wonke ngalo izwi, uyanqoba abuye abasindise ngezwi. Ekugcineni, uzosebenzisa izwi ukuqeda wonke umhlaba omdala. Kungaleso sikhathi-ke lapho uhlelo lokuphatha lizophelela khona.

kwesithi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi owawungaqondakali kubafundi Bakhe, futhi washo okuningi abantu abangakuqondanga. Lokhu kungenxa yokuthi, ngaleso sikhathi, wayenganiki ncazelo. …UJesu akazelanga ukuzophelelisa nokuzuza umuntu kodwa ukuzokwenza isigaba esisodwa somsebenzi: wokuzoletha ivangeli lombuso wasezulwini nokuqedela umsebenzi wokubethelwa—futhi lapho uJesu esebethelwe, umsebenzi Wakhe wafika ekugcineni. Kodwa kulesi sigaba—umsebenzi wokunqoba—maningi amazwi okumele akhulunywe, mningi umsebenzi okumele wenziwe futhi kumele kube nezinqubo eziningi. Kulindeleke okufanayo ngezimfihlakalo zomsebenzi kaJesu noJehova okumele zembulwe, ukuze bonke abantu babe nokuqonda nokucacelwa ekukholweni kwabo, ngoba lona umsebenzi wezinsuku zokugcina futhi izinsuku zokugcina ziwukuphela komsebenzi kaNkulunkulu, isikhathi sokuphela kwalo msebenzi. Lesi sigaba somsebenzi sizokukhanyisela umthetho kaJehova kanye nokuhlenga kukaJesu, futhi sibalulekile ukuze uqonde wonke umsebenzi kaNkulunkulu wohlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, nokuthi wazise konke ukubaluleka kanye nengqikithi yale minyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yohlelo lokuphatha ukuze futhi uqonde inhloso yawo wonke umsebenzi owenziwa nguJesu kanye namazwi awakhuluma, kanye ngisho nokukholwa kwakho nokuthanda kwakho iBhayibheli. Konke lokhu kuzokwenza ukuba ubone. Uzowuqonda umsebenzi owenziwe uJesu kanye nomsebenzi kaNkulunkulu namuhla; uzoliqonda futhi ulazi lonke iqiniso, ukuphila nendlela. Esigabeni somsebenzi owenziwa uJesu, kungani uJesu ahamba ngaphandle kokuqeda umsebenzi kaNkulunkulu? Kungenxa yokuthi isigaba somsebenzi kaJesu sasingewona umsebenzi wesiphetho. Lapho ebethelwa esiphambanweni, amazwi ayewakhulumile afika ekugcineni; ngemva kokubethelwa Kwakhe, umsebenzi Wakhe wawusuqedwe ngokuphelele. Isigaba esikuso manje sihlukile: Kuyoba kuphela ngemva kokuba amazwi esekhulunywe kwaze kwaba sekugcineni nomsebenzi wonke kaNkulunkulu usuphothuliwe, lapho umsebenzi Wakhe uyoqedwa khona. Phakathi nesigaba sikaJesu somsebenzi, maningi amazwi agcina engashiwongo noma angaphiniyiswanga ngokugcwele. Kodwa uJesu akakhathazekanga ngalokho akusho noma angakushongo, ngoba inkonzo Yakhe kwakungeyona inkonzo yamazwi ngakho ngemva kokubethelwa esiphambanweni wahamba. Leso sigaba somsebenzi ikakhulu sasingenxa yokubethelwa, futhi asifani nhlobo nesigaba sanamuhla. Lesi sigaba somsebenzi ikakhulu simayelana nokuqedwa, ukucaciswa kanye nokufinyelelisa wonke umsebenzi esiphethweni. Uma amazwi engakhulunywanga kwaze kwaba sekupheleni kwawo, ngeke ibe khona indlela yokuphetha lo msebenzi ngoba kulesi sigaba somsebenzi wonke umsebenzi ufikiswa ekugcineni futhi ufezwa ngokusebenzisa amazwi. Ngaleso sikhathi, uJesu wenza umsebenzi omningi ongaqondakali kumuntu. Wahamba ngokuthula futhi namuhla baningi abangawaqondi amazwi Akhe, labo abanokuqonda okuyiphutha kodwa ababesakholwa ukuthi baneqiniso, abangazi ukuthi baphambukile. Ekugcineni, lesi sigaba sanamuhla sizofikisa umsebenzi kaNkulunkulu ekugcineni okuphelele, futhi silethe isiphetho sawo. Bonke bayoluqonda futhi balwazi kahle uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Imibono ekumuntu, izinhloso zakhe, ukuqonda kwakhe okuyiphutha, imicabango yakhe ngomsebenzi kaJehova noJesu, imibono yakhe ngokuqondene nabeZizwe, nakho konke ukuphambuka namaphutha akhe kuyolungiswa. Umuntu uyoziqonda zonke izindlela ezifanele zokuphila nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu nalo lonke iqiniso. Lapho lokhu kwenzeka, lesi sigaba somsebenzi sizophela.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana