27.12.17

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X

ukwazi uNkulunkulu,unkulunkulu uthando,igunya likaNkulunkulu
 

       UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto (IV)

  Namuhla sidlulisa umlayezo onesihloko esikhethekile. Kinina ninonke, zimbili kuphela izinto okumele nizazi, nizibandakanye nazo niphinde niziqonde—yiziphi-ke lezo zinto? Eyokuqala yindlela umuntu angena ngayo empilweni, eyesibili ukwazi uNkulunkuluNamuhla ngikupha ithuba lokukhetha: Khetha okukodwa. Ngabe ungathanda ukuzwa ngesihloko esimayelana nezinto abantu abahlangabezana nazo empilweni, noma ungathanda ukuzwa esimayelana nokwazi uNkulunkulu uqobo Lwakhe? Ngabe uyazi ukuthi kungani ngifuna ukukunika ithuba lokukhetha? Kungoba namhlanje nginomlayezo wakho omayelana nezinto ezintsha ezimayelana nokwazi uNkulunkulu. Noma kunjalo nokho, ngizoqala ngokukukhethisa phakathi kwezinto ezimbili kulezi engisanda kukhuluma ngazo. (Ngikhetha lesi esimayelana nokwazi uNkulunkulu.) (Nathi sicabanga ukuthi ukwazi uNkulunkulu kungcono.) Ucabanga ukuthi lokhu osekuchaziwe ngokwazi uNkulunkulu yinto enokwenzeka? (Ngenkathi uNkulunkulu enza ubuhlobo bokuqala, asizange sikuzwe kahle lokho. Emva kwalokho, uNkulunkulu wabengeza ubuhlobo, kwathi uma sihlehlela ebuhlotsheni bokuqala, ezimeni ezakhiwa nguNkulunkulu, abafowethu nawodadewethu kwaba yikhona benakisisa.) Kubalulekile ukusho ukuthi le nto ingaphezulu komuntu. Kungenzeka ukuthi ungawakholwa la mazwi. Kungani ngisho kanje? Kungoba ngenkathi ulalele engikusho ekuqaleni, sikubeka eceleni ukuthi ngikusho kanjani, noma ngamaphi amazwi, ngesikhathi ukuzwa, wakuzwa kwacaca engikushoyo, kodwa into eye yajula ngawe ngaleso sikhathi ukuthi, awuqondanga ukuthi ngikusho ngasizathu sini, nokuthi kungani ngakhuluma ngaleziya zihloko. Yiwo-ke umongo wendaba lona. Ngakho-ke, nakuba uzwa ngalezi zinto ezengeziwe nezikhulisa ukuqonda kwakho uNkulunkulu kanye nezenzo Zakhe, kungani kuseyinkinga kuwe ukwazi uNkulunkulu? Isizathu yilesi: Emva kokuzwa engikushilo, abaningi benu abazange baqonde ukuthi kungasizathu sini ngikushilo engikushilo kanye nokuthi kuhlangana kanjani nokwazi uNkulunkulu. Akunjalo? Ngabe kuholela kuphi ukungaqondi kwakho ukuxhumana kwalokho nokwazi uNkulunkulu? Wake wayicabanga into enjengale? Mhlawumbe awukaze. Isizathu sokuthi ungaziqondi lezi zinto ukuthi amava akho empilo awajulile neze. Uma ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu lungahlala luluncane njalo, ukumazi uNkulunkulu kuyohlala kungacacile kukuncane futhi—kuyoba ngokudlulelwe yisikhathi, okulawulwa wumthetho kuphinde kube yinto egcina ezincwadini kuphela. Ngokujwayelekile, kuzwakala kumi kahle futhi kwamukeleka, kodwa ulwazi oluphuma emilonyeni yabantu abaningi ngoNkulunkulu aluqukethe lutho. Kungani ngithi wulwazi olungaqukethe lutho? Kungoba eqinisweni, enhliziyweni yakho awucacelwa ukuthi amazwi athinta ukwazi uNkulunkulu aqhamuka emlonyeni wakho afanelekile yini noma cha, ashaya emhlolweni yini noma cha. Ngalokho-ke, nakuba abaningi abantu sebeye bathola ulwazi oluningi kanye nezindikimba ezithinta ukwazi uNkulunkulu, ulwazi lwabo ngoNkulunkulu kumele ludlule kulolo olubhaliwe nolungacacile futhi nolubukeka luqhelile.

  Ingalungiswa kanjani-ke le nkinga? Nike nakucabanga nje lokhu? Uma abantu bengalithungathi iqiniso, bangaba nalo? (Ngeke.) Yebo. Nakanjani ngeke. Uma umuntu engalithungathi iqiniso, akwazi ngempela ukulithola, ngaleyo ndlela abanalo ulwazi kanye nokuqonda amazwi kaNkulunkulu. Bangamazi-ke uNkulunkulu labo abangazi amazwi Akhe? Ngempela ngeke! Lokhu kokubili kuyahambisana. Ngakho-ke abantu abaningi bathi, “Kungani ukwazi uNkulunkulu kulukhuni kangaka? Yini kunzima kangaka? Kungani kungekho esingakusho ngokwazi uNkulunkulu?” Uma nizokhuluma ngezinto enizaziyo ngani ningakhuluma amahora ngamahora, kodwa uma senibhekene nokwazi uNkulunkulu niphelelwa ngamazwi. Kuze kuthi noma kukhonyana okuncane eningakusho, kudinge nikuphoqelele, ngaleyo ndlela bese kuzwakala kuyindavundavu—kube yindavundavu nakinina uma nizizwa nikusho. Nawu umthombo. Uma ubona ukuthi ukwazi uNkulunkulu kulukhuni, kusho ukuthi uzokhathazeka ukuthi akukho ongakusho—akukho eningakudlulisela kwabanye, kanye nakinina imbala—lokho bese kufakazela ukuthi awuyena umuntu oseke wawabona amazwi kaNkulunkulu. Ayini amazwi kaNkulunkulu? Ngabe amazwi kaNkulunkulu awakhona okushiwo nguNkulunkulu nalokhu ayikho Yena? Uma ngabe awukaze uhlangane namazwi kaNkulunkulu, ungaba nalo ulwazi lokuthi uNkulunkulu unani futhi ungubani? Ngokuqinisekileyo, cha. Lezi zinto ziyahambisana. Uma ungawazi amazwi kaNkulunkulu, awukwazi ukuqonda inhloso kaNkulunkulu, ngeke futhi usazi isimo Sakhe, lokho akuthandayo, akuzondayo, izidingo azilindele kumuntu, ukuziphatha kwakhe kulabo abahle, kanye nakulabo ababi—konke lokhu kungaba nemiqondo eminingi kunganicaceli. Uma umkholwa uNkulunkulu kukho konke lokhu kudideka, uma uthi ungomunye walabo abalilandelayo iqiniso nabamlandelayo uNkulunkulu, ngabe la mazwi ayiqiniso? Awalona! Ngakho manje, kuhle ukhethe: Yisiphi isihloko osikhethayo namuhla? (Ukungena empilweni kanye nalokho umuntu ahlangabezana nakho kuyo.) (Sikhetha ukungena empilweni.) Iyiphi ingxenye yesihloko eningenalo ulwazi olwanele kuyo ngempilo? Kukhona enikuzwa kushiwo yizinhliziyo zenu kinina ngalokhu? Namanje anazi, akunjalo? Yisiphi isihloko esikhethwa ngabanye abazalwane? Niyafisa ukuchazelwa ngokwazi uNkulunkulu, noma ngezimo zempilo? (Sifisa ukuchazelwa ngokwazi uNkulunkulu.) (Ukwazi uNkulunkulu.) Kulungile, abaningi benu bakhethe ukwazi uNkulunkulu. Masiqhubeke sikhulumengokwazi uNkulunkulu.
  Ninentshisekelo yokuzwa isihloko engizokhuluma ngaso namuhla, angithi? Isihloko esizokhuluma ngaso namuhla sithinta amazwi esihloko esithi “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto” kulezi esikhulume ngazo kungekudala. Sesixoxe kaningana mayelana namazwi athi “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto,” inhloso kwakungukusebenzisa izindlela eziningi ezahlukahlukene nemibono eminingi ukuchazela abantu ukuthi uNkulunkulu ubusa kanjani phezu kwazo zonke izinto, unazindlela zini zokubusa phezu kwazo zonke izinto, futhi unamiphi imigomo alawula ngayo zonke izinto, ukuze zikwazi ukuzimela kule mbulunga yomhlaba ayakha Yena uNkulunkulu. Sikhulume kakhulu futhi ngokuthi uNkulunkulu umupha kanjani umuntu izinto: usebenzisani ukuhlinzekela umuntu, umenzeleni umuntu mayelana nendawo yokuhlala, nokuthi usebenzisani ukuthi umuntu abe nendawo yokuhlala engenasiyaluyalu. Nakuba ngingakhulumanga ngokuqondile ngobuhlobo bokubusa kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke, ukulawula Kwakhe zonke izinto, nokuziphatha Kwakhe zonke, ngikuthintile hhayi ngqo ukuthi kungani elawula zonke izinto ngale ndlela, nokuthi kungani ehlinzekela aphinde akhulise kahle umuntu ngale ndlela—konke kuhambelana nokuphatha kukaNkulunkulu. Ingqikithi esikhulume ngayo ibe banzi kakhulu: isukele ezintweni ezincane yayofinyelela kwezincane kakhulu ezifana nezidingo zabantu ezejwayelekile nokudla; yasukela futhi endleleni uNkulunkulu abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto kanye nokuzenza zisebenze ngendlela ehlelekile, ezimeni ezinhle nezifanelekile azidale Yena ezidalela abantu bezinhlanga zonke, njalo-njalo. Ingqikithi lena ebanzi iphathelene nokuthi umuntu uphila kanjani esenyameni. Lokhu kusho ukuthi, konke kuthintana nezinto zomhlaba ezibambekayo ezibonwa ngamehlo enyama, ezikwazi ukuthi abantu bazizwe, isibonelo, izintaba, imifula, izilwandle, amathafa… Lezi yizo zonke izinto ezibonakalayo nezithintekayo. Uma ngikhuluma ngomoya namazinga okushisa, kulula ukuthi usebenzise ukuphefumula kwakho ukuzwa ubukhona bomoya, umzimba wakho uzwe ukuthi amazinga okushisa aphezulu noma aphansi yini. Izihlahla, utshani, izinyoni nezilwane zasehlathini, izinto ezindiza esibhakabhakeni, nalezo ezihambahamba emhlabeni, kanye nezilwane ezinhlobonhlobo ezincane ezihlala emigodini, konke kubonakala ngamehlo kuphinde kuzwakale ezindlebeni. Nakuba udaba lwalezo zinto lubanzi, kukho konke nje zimele izinto ezibonakalayo emhlabeni. Kubantu, yiziphi izinto ezibonakalayo? Yizinto ezibambekayo. Izinto ezibambekayo yilezo abantu abakwazi ukuzibona nokuzizwa, okusho ukuthi, uma uzithinta, uzokwazi ukuzizwa, bese kuthi uma amehlo akho ezibona, ingqondo yakho izokwazi ukukwakhela isithombe sazo, esiwumfanekiso. Yizinto ezithintekayo nezikhona ngempela; kuwe aziwona umbono nje, kodwa zinesakhiwo nomumo; zingaba yisikwele, noma yindilinga, zibe zinde noma zibe mfushane, zibe zinkulu noma zibe ncane; ngayinye zinomfanekiso owakhekayo kuwe ngazo. Zonke lezi zinto ziyingxenye yazo zonke izinto ezibambekayo zomhlaba. Manje, ukuthi “zonke izinto” uma sikhuluma “ngazo zonke ezibuswa uNkulunkulu” kubandakanya ini kuNkulunkulu? Azibandakanyi nje kuphela izinto abantu abakwazi ukuzibona nokuzithinta, kodwa, ngaphezu kwalokho, zibandakanya okungabonakali kanye nokungathinteki. Lokhu yiyona ncazelo eyiyo yokubusa kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto. Yize lezo zinto zingabonakali futhi zingathinteki kubantu, zingamaqiniso futhi zikhona. KuNkulunkulu, inqobo nje uma zikwazi ukubonakala emehlweni Akhe zibe zisembusweni Wakhe, ziyizinto ezikhona. Nakuba, kubantu, zingabonakali futhi zingakhi mfanekiso emqondweni—nakuba futhi, ngaphezu kwalokho, zingabonakali zingathinteki—kuNkulunkulu ziyizinto ezikhona. Lezo yizona izinto emhlabeni eziyizo zonke uNkulunkulu abusa phezu kwazo, kanti futhi ziwolunye uhlangothi lwazo zonke izinto uNkulunkulu abusa phezu kwazo. Yilesi isihloko esiphezu kwaso namuhla—ukuthi uNkulunkulu ulawula futhi uluphethe kanjani uhlangothi lukamoya emhlabeni. Njengoba lesi sihloko sithinta ukuthi uNkulunkulu uzibusa kanjani futhi uzilawula kanjani izinto zonke, sithinta umhlaba ongale kwezinto ezibonakalayo nezithintekayo—umhlaba kamoya—ngaleyo ndlela kubaluleke kakhulu kithi ukuthi sikuqonde lokhu. Kusemva kokuthi abantu baqonde ngokuphelele le ngqikithi lapho abantu beyokwazi ngokuphelele khona iqiniso emazwini athi “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto.” Kanti inhloso yalesi sihloko ukuphelelisa ingqikithi ethi “UNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto, futhi uNkulunkulu wengamele zonke izinto.” Mhlawumbe, uma uzwa lesi sihloko, sinokuzwakala simangaza noma singakholakali kuwe—kodwa nangaphandle kokuthi uzizwa kanjani ngaso, ngoba umhlaba kamoya uyingxenye yazo zonke izinto ezibuswa nguNkulunkulu, kumele kube khona okufundayo kulesi sihloko. Emva kwalokho, uzowamukela kakhudlwana, uwathande, uwaqonde futhi ube nolwazi ngamazwi athi “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto.”

    1. UNkulunkulu Uwulawula futhi Uwuphatha kanjani Umhlaba kaMoya

  Ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, uma abantu kunezinto nezehlakalo abangaziqondi kudingeka nje kuphela bathole incwadi bayivule bafune ulwazi ngalezo zinto, kungenjalo kukhona nezinye izinhla abangazisebenzisa ukuthola imvelaphi kanye nezincazelo ngalezo zinto. Kodwa uma kuyiwa kulona omunye umhlaba okuyiwo esikhuluma ngawo namuhla—umhlaba kamoya otholakala ngale komhlaba wezinto ezibambekayo—abanazo abantu izinsiza noma izinhla zokubasiza ukuthi bafunde utho noma amaqiniso ngawo. Kungani ngisho kanje? Kungoba emhlabeni wabantu, yonke into ethintana nomhlaba wezinto ezibambekayo ayehlukaniseki nobukhona bomuntu, kanti ngenxa yokuthi abantu bakholwa ukuthi yonke into emhlabeni wezinto ezibambekayo ayehlukaniseki nempilo yabo ebuswa yizinto ezibambekayo, abaningi bazi leyo mpilo noma bayayibona kuphela, babona izinto ezibambekayo eziphambi kwamehlo abo kuphela, izinto ezibonakala kubo. Bese kuzothi uma kubhekiswa emhlabeni kamoya — okungukuthi, yonke into engeyomhlaba lona omunye—kuba yinto evumelekile ukuthi sithi abaningi kubantu abakholwa. Yingoba kuthinta izinto ezingabonakali kubo, kanti bakholwa ukuthi akudingeki baziqonde lezo zinto, noma bazazi, bangasho lutho futhi ngokuthi kuza kanjani ukuthi umhlaba kamoya wehluke kakhulu kangaka emhlabeni wezinto ezibambekayo. KuNkulunkulu, kuvulekile, kodwa kubantu kucashile akuvulekile, bese kwenza ukuthi kube lukhuni ukuthi abantu bathole intuba yokufinyelela ekuqondeni imigomo ehlukahlukene yalo mhlaba. Izinto engizozisho ngomhlaba kamoya zithinta ubukhulu kanye nokuphatha kukaNkulunkulu. Nempela, zithinta imiphumela yomuntu kanye nalapho eyophelela khona—kodwa angizukwembula imimangaliso, noma nginitshele ngezimfihlo enifisa ukuzithola, ngoba lokho kuthinta ubukhulu bukaNkulunkulu, indlela aphatha ngayo, kanye nendlela uNkulunkulu ahlinzekela ngayo, ngalokho ngizokhuluma ngohlangothi okubalulekile ukuthi nilwazi.
  Okokuqala, manginibuze umbuzo: Ngokwemiqondo yenu, yini umhlaba kamoya? Uma sikhuluma nje jikelele, lowo umhlaba ongale komhlaba wezinto ezibambekayo, umhlaba ongabonakali futhi ongathinteki kubantu. Kodwa ekucabangeni kwenu, ungaba luhlobo luni lomhlaba umhlaba kamoya? Mhlawumbe, ngenxa yokungakwazi ukuwubona, anikwazi ukwakha isithombe sawo emiqondweni. Kodwa uma nizwa izindaba zawo, nisangacabanga angeke nikwazi ukuzibamba. Ngikushiso yini lokhu? Ziningi izinto ezenzeka kubantu uma besebasha: uma kukhona umuntu obaxoxela indaba eyethusayo— ngezipoki, ngemiphefumulo—bethuka kakhulu. Kungani bethuka? Kungoba basuke bakubone ngamehlo engqondo lokho; nakuba bengakwazi ukukubona ngqo, bacabanga ukuthi kukhona ngaphakathi endlini, kuzifihle ndawana thile, mhlawumbe ebumnyameni, bethuke ngendlela yokuthi behluleke nokulala. Ikakhulukazi ebusuku, abakwazi nokuhlala bodwa endlini, noma babe bodwa emnyango. Lowo umhlaba kamoya uma wakheka emqondweni, umhlaba abantu abacabanga ukuthi uyesabeka. Wonke umuntu unakho ukubona ngamehlo engqondo, futhi wonke umuntu uyakwazi ukuzwa okuthile.
  Masiqale ngomhlaba kamoya. Uyini umhlaba kamoya? Mangikuphe incazelo emfishane futhi elula nje. Umhlaba kamoya uyindawo ebalulekile, uwumhlaba ohlukile emhlabeni wezinto ezibambekayo. Ngisho kanjani ukuthi ubalulekile? Sizoxoxa ngakho kabanzi lokhu. Ubukhona bomhlaba kamoya abuhlukaniseki nobukhona bomhlaba wezinto ezibambekayo kumuntu. Umhlaba kamoya udlala indawo ebalulekile empilweni kanye nasekufeni komuntu ekubuseni kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke; yiqhaza elibanjwa yiwo leli, ngesinye sezizathu ezenza ubukhona bawo bubaluleke. Kungoba uyindawo engahlukaniseki nezinzwa ezinhlanu, akekho okwazi ukunquma ukuthi lo mhlaba ukhona noma kawukho yini. Okuqhubekayo ngomhlaba kamoya kunamathelene ngqo nobukhona bomuntu, okuwumphumela wethonya elivezwa yiwo umhlaba kamoya endleleni umuntu aphila ngayo. Kungabe lokhu kuyathintana nobukhulu bukaNkulunkulu? Yebo. Ngokusho kwami lokhu, sewuyabona ukuthi kungani sixoxa ngalesi sihloko: Kungoba sithinta ubukhulu bukaNkulunkulu, nokuphatha Kwakhe. Emhlabeni ofana nalona,—ongabonakali emehlweni abantu—ukufuza kwawo izulu, imiyalelo, izinhla zokuphatha zingaphezulu kakhulu kunemithetho nezinhlelo zanoma yiliphi izwe ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, kanti akukho noyedwa kubantu abahlala kulo mhlaba abangaba nesibindi sokuwuphazamisa noma bazithathele wona. Kungabe lokhu kuyabuthinta ubukhulu bukaNkulunkulu kanye nokuphatha Kwakhe? Kulo mhlaba, kunemiyalelo yokuphatha ecacile, ukuba yizulu okucacile, kanye nemithetho ecacile. Emazingeni ehlukene kanye nasezindaweni ezahlukahlukene, kunabakhokheli ababambelela kabanzi emsebenzini kanye nasekuqapheleni imithetho nezimiso, ngoba bazi kahle ukuthi miphumela mini engalindeleka kwabephula imithetho yezulu, bazi kahle kamhlophe ukuthi uNkulunkulu ukujezisa kanjani okubi akuklomelise kanjani okuhle, kanye nokuthi uziphatha kanjani zonke izinto, indlela abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto, kanye, ngaphezu kwalokho, nokubona ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uyenza kanjani imisebenzi nemithetho yasezulwini. Kungabe lokhu kwehlukile kulokho komhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo abantu? Kwehluke kakhulu. Umhlaba ongafani nhlobo nomhlaba wezinto ezibambekayo. Njengoba kunemigomo nemithetho ezulwini, ithintana nobukhulu bukaNkulunkulu, ukuphatha, kanye, ngaphezu kwalokho, nesimo sikaNkulunkulu nalokho anakho kanye nayikho. Lokhu njengoba sekuzwakele, anicabangi ukuthi kuyisidingo kimi ukuthi ngikhulume ngalesi sihloko? Kungabe aninaso isifiso sokufunda izimfihlo zangaphakathi? Leso yisimo somhlaba kamoya. Nakuba ukhona kanye nomhlaba wezinto ezibambekayo, ngokulingana futhi ukuphathwa nguNkulunkulu ngobukhulu Bakhe, ukuphatha kanye nobukhulu bukaNkulunkulu kulo mhlaba kunqala kakhudlwana kunokomhlaba wezinto ezibambekayo. Ngokwemininingwane, kumele siqale ngokuthi umhlaba kamoya yiwo onomsebenzi wokuphila nokufa komuntu, ngoba lo msebenzi uyingxenye enqala yomsebenzi wabantu bomhlaba kamoya.
 Abantu bomhlaba, ngingabehlukanisa izigaba ezintathu ngokwezinhlobo. Uhlobo lokuqala ngabangakholwa, okuyilabo abangenayo inkolo. Babizwa ngabangakholwa. Abaningi balabo abangakholwa bakholelwa emalini, balandela izinhloso zabo, bangabantu bezinto ezibambekayo, bakholelwa emhlabeni wezinto ezibambekayo, hhayi ekuphileni kanye nasekufeni, noma ekukhulumeni ngemimoya nezipoki. Ngibafaka esigabeni sabangakholwa, kanti bona-ke bawuhlobo lokuqala. Uhlobo lwesibili ngabantu abambalwa abakholwayo ngaphandle kwabangakholwa. Kulabo bantu, laba abakholwayo ngibehlukanisa ngezinhlobo ezimbalwa ezinkulu: uhlobo lokuqala ngamaJuda, olwesibili amaKhatholika, olwesithathu ngamaKrestu, olwesine ngamaMuslim, olwesihlanu amaBuddha—kunezinhlobo ezinhlanu. Yizo lezi izinhlobo ezahlukahlukene zamakholwa. Uhlobo lwesithathu yilabo abakholelwa kuNkulunkulu, labo bayakuthinta nawe. Lolu hlobo lwamakholwa ngolukholelwa kuNkulunkulu namuhla. Laba bantu bahlukaniseka izinhlobo ezimbili: yilabo abakhethwe uNkulunkulu kanye nezisebenzi Zakhe. Kulungile-ke! Lezi zinhlobo ezibalulekile zihlukaniswe ngokucacile. Manje, emqondweni yenu seniyakwazi ukuhlukanisa ngokucacile izinhlobo kanye namazinga abantu. Abokuqala ngabangakholwa—sengishilo ukuthi abangakholwa ngabanjani. Abaningi kwabangakholwa bakholelwa eNdodeni Endala Esesibhakabhakeni; bakholwa ukuthi umoya, imvula, ukuduma kwezulu yizinto ezilawulwa yile Ndoda Endala Esesibhakabhakeni, yiyo abethembele kuyo uma belima izitshalo bevuna—kodwa uma kukhulunywa ngokukholelwa kuNkulunkulu abavumi. Singakubiza lokho ngokukholwa wuNkulunkulu? Abantu abanjalo bawela ngaphansi kwabangakholwa. Labo abangakholelwa kuNkulunkulu kodwa abakholelwa eNdodeni Endala Esesibhakabhakeni bangabangakholwayo; bonke labo abangakholwa wuNkulunkulu, noma abangamlandeli uNkulunkulu, bangabangakholwayo. Uhlobo lwesibili yilaba abawela ngaphansi kwezinhlobo ezinhlanu zenkolo, abakholelwa kuNkulunkulu ongaqondakali. Uhlobo lwesithathu yilabo abakholwa wuNkulunkulu owenzayoobesenyameni ngezinsuku zokugcina—labo ngabalandela uNkulunkulu namhlanje. Kungani ngehlukanise abantu ngabafaka kulezi zinhlobo? (Kungoba isiphetho sabo nalapho beya khona akuzufana ekugcineni.) Wuhlangothi olulodwa lolo. Kungoba, kuyothi lapho lezi zinhlobo ezahlukene zabantu zibuyela emhlabeni kamoya, uhlobo ngalunye luyoba nendawo ehlukile oluyoya kuyo, ziyobhekana nemithetho engafani kwethinta ukuphila nokufa, kanti yiso isizathu lesi esenza ukuthi ngibehlukanise izinhlobo ezibalulekile ezahlukahlukene.
   1) Ukufa nokuphila kwabangakholwayo
  Masiqale ngokufa nokuphila kwabangakholwayo. Emva kokuthi umuntu afe, uthathwa asuswe ahanjiswe yisithunywa esivela emhlabeni kamoya. Sizothi yini yakhe esuswayo? Akuyona inyama, kodwa umphefumulo. Uma ususwa umphefumulo wakhe, ufikela endaweni esebenzela umhlaba kamoya, okuyindawo eyamukela imiphefumulo yabantu abafile. (Qaphela lokhu: Indawo yokuqala afikela kuyo umuntu ofile awuyazi umphefumulo.) Uma efika kule ndawo, kunesisebenzi esimhlolayo, esiqinisekisa igama lakhe, ikheli, iminyaka yobudala, kanye nokuthi wenzeni ngempilo yakhe. Konke akwenzile ngempilo yakhe kubhalwa phansi encwadini kuqinisekiswe ukuthi kushaya emhlolweni. Uma sekuhloliwe konke, ukuziphatha kwakhe lowo muntu kanye nezenzo zakhe empilweni yakhe yonke kusetshenziselwa ukuthola ukuthi kumele ajeziswe noma aqhubeke nokuvuselelwa njengomuntu, okuyisigaba sokuqala. Ngabe siyethusa lesi sigaba sokuqala? Asethusi kakhulu, ngoba into yokuqala eseyenzekile ukuthi lo muntu usefikile endaweni emnyama nengajwayelekile. Akwethusi kakhulu lokho.
  Esigabeni sesibili, uma lo muntu enze izinto ezimbi eziningi empilweni yakhe yonke, enze izenzo ezingezinhle, uzobe eseyiswa endaweni yesijeziso ayojeziswa. Yiyona ndawo azoyiswa kuyo, indawo ebekelwe ukujezisa abantu. Imininingwane yokujeziswa kwakhe incike ezonweni azenzile, nokuthi zingaki izinto ezimbi azenzile ngaphambi kokuthi afe—okuyisimo sokuqala esifika uma usesigabeni sesibili. Ngenxa yezinto azenzile nobubi abenzile ngaphambi kokufa, uma ebuyiselwa enyameni emva kokujeziswa—uma ephinda futhi ezalelwa emhlabeni wezinto ezibambekayo—abanye abantu bazoqhubeka babe ngabantu, abanye babe yizilwane. Lokho kusho ukuthi, emva kokuba umuntu ebuyele emhlabeni kamoya, uyajeziswa ejeziselwa ububi abenzile; ngaphezu kwalokho, ngenxa yezinto ezimbi azenzile, ukubuyiselwa enyameni okulandelayo akabi ngumuntu, kodwa uba yisilwane. Izilwane abangaba yizo abanjengaye zibandakanya izinkomo, amahhashi, izingulube, kanye nezinja. Abanye abantu bangaba yizinyoni esibhakabhakeni, noma amadada noma amahansi…. Emva kokubuyiselwa enyameni babe yizilwane, uma sebefa babuyela emhlabeni kamoya, bese, njengakuqala, ngokokuziphatha kwabo kokuqala uma sebefa manje umhlaba kamoya uzokhetha ukuthi babuyiselwa enyameni babe ngabantu yini noma cha.
  Abaningi abantu benza ububi obukhulu, izono zabo zimbi kakhulu, ngalokho uma bebuyiselwa enyameni baba yizilwane izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili. Izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili—akwesabisi lokho? Yini oyesabayo wena? Ukuthi umuntu abe yisilwane, kuyesabisa lokho. Kumuntu, yini esingathi ibuhlungu ngokuphenduka isilwane? Ukungabi nalulimi ozolukhuluma, ukuba nemicabango elula, ukukwazi kuphela ukwenza izinto ezenziwa yizilwane nokudla izinto ezidliwa yizilwane, ukuba nomqondo ongajulile kanye nokusebenzisa umzimba ukudlulisa imilayezo njengesilwane, ukungakwazi ukuhamba uqondile, ukungakwazi ukukhuluma nabantu, nokuthi akukho ukuziphatha kwabantu nezinto abazenzayo ezibahlanganisa nezilwane. Okusho ukuthi, kuzo zonke izinto, ukuba yisilwane kukwenza umuntu osezingeni eliphansi kunazo zonke izinto eziphilayo, futhi kubuhlungu kakhulu kunokuphila njengomuntu phaqa. Eyodwa lena yezinto zomhlaba kamoya eziyisijeziso kulabo abenze ububi benza nezono ezinkulu. Uma kubhekiswa ebunzimeni besijeziso, lokho kuya nokuthi silwane sini umuntu aphenduka abe yiso. Isibonelo, ngabe ukuba yingulube kungcono kunokuba yinja? Ngabe ingulube iphila impilo engcono kuneyenja? Embi kakhulu, noma kanjani. Uma umuntu eba yinkomo noma yihhashi, ngabe uphila kangcono kunengulube? (Kangcono.) Kubukeka sengathi, uma ithuba ulinikiwe, kuba khona okuzwayo. Ngabe umuntu uphila kangcono uma eyikati? Nempela kungcono kunokuba yihhashi noma yinkomo. Uma bewukhethiswa ezilwaneni ongaba yizo, ungakukhetha ukuba yikati, kungakuphatha kangcono, ngoba ungaba yivila esikhathini esiningi uzilalele nje. Ukuba yinkomo noma yihhashi kunomsebenzi omkhulu, ngakho uma abantu bebuyiselwa enyameni ngokuphendulwa inkomo noma ihhashi, kumele basebenze kanzima—okubukeka kuyisijeziso esisindayo. Ukuba yinja kuthe ukuba ngcono kunokuba yinkomo noma yihhashi ngoba inja inobuhlobo obuhle nomniniyo. Okunye ngaphezu kwalokho, namhlanje, abantu abaningi banezinja, kanti emva kweminyaka emithathu emihlanu inja ibe seyikuzwa okuningi abakushoyo! Kungoba inja iyamuzwa umniniyo uma ekhipha amazwi, imqonda kangcono umniniyo, futhi iyakwazi nokumelana nendlela azizwa ngayo kanye nezidingo zakhe, ngakho umniniyo uyiphatha kahle, bese idla kahle iphuza kahle, futhi uma igula inakekelwa kakhulu—ngabe inja ayiphili impilo emnandi? Ngaleyo ndlela ukuba yinja kungcono kunenkomo noma ihhashi. Kulokhu, ubunzima besijeziso somuntu buvezwa ukuthi ubuyiselwa izikhathi ezingaki enyameni babe yizilwane, nokuthi yiziphi izinhlobo zezilwane ababuyiselwa enyameni babe yizo. Uyakuzwa lokho, yebo?
  Kungoba benze izono eziningi besaphila, abanye abantu bazojeziswa ngokubuyiselwa enyameni ngokuba yizilwane izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili. Uma isijeziso sesithathe izikhathi eziningi ngokwanele, uma umuntu ebuyela emhlabeni kamoya udluliselwa kwenye indawo. Imiphefumulo eyahlukahlukene kule ndawo seyisitholile isijeziso, manje izobe seyiba sezingeni lokubuyiselwa enyameni ibe ngabantu. Le ndawo ihlukanisa imiphefumulo ngokwezinhlobo ukuthi izoya kuluphi uhlobo lomndeni uma izalwa, ukuthi izobamba liqhaza lini uma seyibuyiselwe enyameni, kanjalo kanjalo. Isibonelo, abanye abantu baba ngabaculi uma befika kulo mhlaba, bese bebekwa eqeqebeni labaculi; abanye bazoba ngosomabhizinisi uma befika kulo mhlaba, bese babekwe eqeqebeni losomabhizinisi, kuthi uma umuntu ezoba ngumcwaningi owusosayensi uma eba ngumuntu, abekwe eqeqebeni labacwaningi bezesayensi. Uma sebefakiwe emikhakheni yabo, umuntu ngamunye uthunyelwa ngesikhathi esihlukile nangosuku olukhethiwe, kufane nendlela abantu abathumela ngayo ama-imeyili namhlanje. Ngalokhu umuntu useqede umzuliswano owodwa wokuphila nokufa, kanti kuba nomnyakazo omkhulu. Kusukela ngosuku afika ngalo umuntu emhlabeni kamoya kuze kube kuphela isijeziso sakhe, angaphendulwa isilwane izikhathi eziningi, bese ebuyiselwa ekuphendulweni abe ngumuntu futhi; wumjikelezo ophelele lona.
  Ngabe labo abaqede izijeziso zabo, abangasezubuyiselwa enyameni ngokuba yizilwane, banokuthunyelwa masinya emhlabeni wezinto ezibambekayo njengabantu? Noma kuthatha isikhathi esingakanani ukuthi babuye babe ngabantu? Laba bantu baba ngabantu izikhathi ezimi kanjani?[a] Kunemikhawulo yesikhashana kulokhu. Konke okwenzeka emhlabeni kamoya kulawulwa imikhawulo nemithetho efanele—uma ngingachaza ngokusebenzisa izinombolo, nizoqonda. Kulabo ababuyiselwa enyameni ngokuthatha isikhathi esincane, uma befa ukuphinda bazalwe njengabantu kuyalungiselelwa. Isikhathi esifushane kunazo zonke kuba yizinsuku ezintathu. Kwabanye abantu, kuba yizinyanga ezintathu, kwabanye kube yiminyaka emithathu, kuthi kwabanye kube yiminyaka engamashumi amathathu, kanti kwabanye kuba ngamakhulu amathathu eminyaka, kuze kuthi kwabanye kube yizinkulungwane ezintathu zeminyaka, njalo-njalo. Yini-ke engaphawulwa ngale mithetho yesikhashana, yini eyiqukethe ngempela? Ukufika komphefumulo emhlabeni wezinto ezibambekayo, okuwumhlaba wabantu, kuncike esidingweni: Kuya ngokuthi qhaza lini elizobanjwa yilo muntu emhlabeni. Uma abantu bebuyiselwa enyameni njengabantu abejwayelekile, abaningi babo babuyiselwa enyameni masinya, ngoba umhlaba wabantu unesidingo esikhulu sabantu abanjalo, bese bebuyiselwa ezinsukwini ezintathu ezilandelayo emindenini ehlukile kunale abebekuyo ngaphambi kokufa. Kodwa kukhona labo okufanele badlale indima ekhethekile kulo mhlaba. “Ekhethekile” kusho ukuthi asikho isidingo esikhulu salaba bantu emhlabeni wabantu; ababaningi okudingeka badlale leyo ndima, ngakho bangathatha iminyaka engamakhulu amathathu ngaphambi kokuthi babuyiselwe enyameni. [b]Lokho kusho ukuthi, lowo mphefumulo uzobuya kanye njalo emva kweminyaka engamakhulu amathathu, noma kube kanye emva kweminyaka eyizinkulungwane ezintathu. Kungani kunjalo? Kungoba eminyakeni engamakhulu amathathu noma eyizinkulungwane ezintathu aludingeki lolo hlobo lomuntu emhlabeni wabantu, ngalokho bagcinwa endaweni ethile emhlabeni kamoya. Masibheke umuntu onjengoConfucius, njengesibonelo. Wayenethonya elijulile emasikweni omdabu eChina. Cishe niyamazi nonke; ukufika kwakhe kwaba nomphumela omkhulu emasikweni, olwazini, kokomdabu, kanye nasekucabangeni kwabantu bangaleso sikhathi. Kodwa umuntu onjengalona akadingeki minyaka yonke, kwabe sekudingeka ukuthi ahlale emhlabeni kamoya, walinda khona iminyaka engamakhulu amathathu noma eyizinkulungwane ezintathu ngaphambi kokuthi abuyiselwe enyameni. Kungoba umhlaba wabantu wawungamdingi umuntu onjengalona, kwadingeka alinde engenzi lutho, ngokuthi kwakunesidingo esincane somuntu onjengaye, kwabe kukuncane okwakumele akwenze, ngakho kwadingeka agcinwe ndawana thile emhlabeni kamoya isikhathi esithile, engenzi lutho, ukuze akhishelwe emhlabeni wabantu uma sewumdinga. Lena yimithetho yokomoya yesikhashana eholela ekuthini abantu babuyiselwe enyameni. Noma bangaba ngabantu abejwayelekile noma abakhethekile, umhlaba kamoya unemithetho efanele nezindlela ezinembayo ukwenza umsebenzi wokubuyisela enyameni abantu, kanti le mithetho kanye nezindlela kuphuma kuNkulunkulu, yehlika ivela kuNkulunkulu, ayinqunywa noma ilawulwe yisithunywa noma ibe semhlabeni kamoya. Manje seniyaqonda, yebo?
  Umphefumulo noma yimuphi, iqhaza olibamba emva kokubuyiselwa enyameni—ukuthi yiliphi iqhaza lawo kule mpilo—ukuthi uzalelwa kumuphi umndeni, nokuthi impilo yawo injani kuncike empilweni yawo edlule. Zonke izinhlobo zabantu ezifika kulo mhlaba wabantu, iqhaza ezilibambayo kalifani, njengemisebenzi eziyenzayo lezi zinhlobo. Yimiphi leyo misebenzi? Abanye abantu bafikela ukuzokhokha izikweletu: Uma bebekweleta abanye izimali eziningi empilweni yabo edlule, bayazikhokha lezo zikweletu. Abanye abantu, ngaleyo nkathi, babuyela ukuzoqoqa izikweletu: Babeqolwe izinto eziningi, nemali eningi empilweni yabo edlule, emva kokufika emhlabeni kamoya banikwa ubulungiswa bavunyelwe ukuzoqoqa izikweletu kule mpilo. Abanye abantu babuyela ukuzokhokha izikweletu zokubonga: Empilweni yabo edlule—ngaphambi kokuthi bafe—kunomuntu osuke eye waba nomusa kubo, kuthi empilweni yabo yamanje banikwe ithuba elikhulu lokubuyiselwa enyameni bazalwe futhi ukuba bazokhokha isikweletu sokubonga. Abanye, ngaleyo nkathi, baphinde bazalwa kulesi sikhathi samanje ukuba bathole ukuphila nje. Iyiphi impilo abayitholayo? Kusuke kunomuntu obabulele empilweni yabo edlule. Uma sihlanganisa, wonke umuntu ophilayo manje impilo yakhe ihlobene nempilo yakhe edlule, ihlobene ngokungehlukaniswe. Okusho ukuthi, impilo yomuntu wonke ophila manje ithola ithonya empilweni yakhe eyedlule. Isibonelo, ngaphambi kokuthi afe uZhang wenza inkohlakalo ngemali kaLi eningi kakhulu. Ngabe uZhang unesikwelethu esikhulu kuLi? Uma kunjalo, ngabe kuyimvelo ukuthi uLi aqoqe isikweletu sakhe kuZhang? Ngakho, emva kokufa kwabo, kunesikweletu okufanele sikhokhwe phakathi kwabo, uma bebuyiselwa enyameni uZhang bese eba ngumuntu, ngabe uLi usiqoqa kanjani isikweletu sakhe kuye? Kokunye okungenzeka ukuthi uLi azalwe njengendodana kaZhang bese siqoqeka isikweletu, ingani uZhang usenguyise. Yilokho okunokwenzeka kule mpilo, empilweni yanamuhla. Uyise kaLi okunguZhang uthola imali eningi, ilokhu idliwa nguLi nje. Noma angathola malini uZhang, uLi indodana yakhe “umsiza” ngokuyisebenzisa. Noma angathola malini uZhang, ayeneli, umfana wakhe, ngaleso sikhathi, ngasizathu sithile uzithola edla imali kayise ngezindlela eziningi ezahlukene. UZhang udidekile nje: “Kwenzekani? Kungani indodana yami imosha nje? Kungani amadodana abanye abantu eziphethe kahle kangaka? Kungani indodana yami ingenanhloso enhle empilweni, kungani ingento yalutho ingakwazi ukuzenzela imali ngokwayo, kungani kudingeka njalo ngiyixhase? Ngoba kudingeka ngiyixhase, ngizoyixhasa-ke, kungani kodwa ukuthi noma ngingayinika malini, idinga enye eningi futhi? Kungani ingenzi umsebenzi wosuku nje onokwethembeka? Kungani iwulova nje, iyadla, iyaphuza, iyafeba, iyabheja—ikwenza konke? Kwenzekani nje kimi?” UZhang athi ukucabanga kancane: “Ngabe kungoba ngamkweleta kakhulu empilweni yakhe edlule? Kungenzeka kambe ukuthi kungoba bengimkweleta imali empilweni edlule. O, kuhle-ke, ngizosikhokha isikweletu! Ngeke kuphele lokhu ngize ngisikhokhe sonke ngokuphelele!” Lungafika usuku lapho uLi esithola khona sonke isikweletu sakhe, kuthi ngenkathi efika eminyakeni engamashumi amane noma amahlanu, kufike usuku lapho efikelwa khona wumcabango ophusile: “Angenzanga lutho oluhle kuwo wonke uhhafu wokuqala wempilo yami! Ngiyidle yonke imali ubaba ayisebenzile—kumele ngiziphathe kahle! Ngizolungisa isimo sami: Ngizokwethembeka, ngiphile impilo efanele, ngingaphindi ngimkhubekise ubaba futhi!” Kungani ecabanga ngale nto? Kungani eseguquka manje eba ngumuntu okahle? Ngabe sikhona isizathu salokhu? Siyini sona leso sizathu? Eqinisweni, kungoba esesiqoqe sonke isikweletu sakhe; sikhokhiwe isikweletu. Kulokhu, kukhona imbangela nomphumela. Indaba yaqala kudaladala, ngaphambi kokuthi bazalwe bobabili, ngakho le ndaba yabo yempilo edlule ibuyiselwe empilweni yamanje, akekho kubo ozolahla omunye ngecala. Lokhu nalokhuya uZhang ayifundise khona indodana yakhe, ayizange ikulalele, ayizange yenze nomncane umsebenzi noma ngowosuku nje—kodwa kuthe ngosuku isikweletu esaphela ngalo, akubanga khona sidingo sokuthi ayifundise indodana yakhe; yavele yaqonda izinto ngokwemvelo. Yisibonelo esilula njena lesi, kukhona, ngaphandle kokuthandabuza, eziningi ezinye izibonelo ezifana nalezi. Kusho ukuthini kubantu lokhu? (Ukuthi kumele baziphathe kahle.) Ukuthi akumele benze okubi, kuzoba khona imiphumela engemihle kubo ngokwenza okubi! Abaningi abangakholwa, uyababona, benza okubi, kanti ububi ababenzile sebube nayo imiphumela engemihle kubo, angithi kunjalo? Kungabe-ke imiphumela engemihle kubo ayibafanele? Konke okuholele emiphumeleni engemihle kubo kunesizathu. Ucabanga ukuthi akukho okuzokwenzeka kuwe uma wenze inkohlakalo kumuntu ngemali yakhe? Ucabanga ukuthi, emva kokuqola umuntu imali, akukho miphumela kuwe emva kokuthatha imali yakhe? Ngeke kungenzeki lutho: Isondo liyajika—kuliqiniso lokhu! Okusho ukuthi noma ngabe bangobani, noma bayakholwa noma cha ukuthi uNkulunkulu ukhona, wonke umuntu kumele azithwalele yena imiphumela yokuziphatha kwakhe, amukele okulandela emva kwezenzo zakhe. Mayelana nalesi sibonelo esilula—uZhang esejezisiwe, noLi esekhokhelekile—kwamukelekile lokhu? Kwamukelekile. Uma abantu benza izinto ezinjena, kukhona imiphumela enjalo emelwe ukuba khona. Ingabe ikhishiwe ekuphathweni komhlaba kamoya? Akuhlukaniseki nokuphathwa komhlaba kamoya. Phezu kokuba bengabangakholwayo, labo abangakholwa uNkulunkulu, ubukhona babo buyayithinta inqubo yezulu nemiyalelo yalo akekho noyedwa ongayibalekela; noma ngabe unesikhundla esiphakeme kangakanani emhlabeni wabantu, akekho okwazi ukuvika leli qiniso.
   Labo abangenakho ukukholwa bavame ukukholwa ukuthi yonke into ebonakalayo ikhona, kanti konke okungabonwa, noma okukude kakhulu nabantu, akukho. Bakhetha ukukholwa ukuthi ayikho into okuthiwa “yisikhathi sokuphila nokufa,” futhi asikho “isijeziso,” ngakho bayona benze isono ngaphandle kokuzisola—emva kwalokho bajeziswe, noma babuyiselwe enyameni ngokwenziwa izilwane. Iningi kulabo abangakholwayo bawela kulo mzuliswano onzima. Kungani kunjalo? Kungoba abazi ukuthi umhlaba kamoya uyakumela ukulawula kwawo konke okuphilayo. Noma ngabe uyakholwa noma awukholwa, leli qiniso limile, ngokuthi akukho noyedwa umuntu noma into ekwazi ukuvika lokho uNkulunkulu akubonayo ngamehlo Akhe, akekho futhi noyedwa umuntu noma into ekwazi ukuphunyula emithethweni kanye nasemikhawulweni yezulu nemiyalelo kaNkulunkulu. Kanjalo futhi ngiyasho ukuthi bonke kinina ngamunye ngamunye lesi sibonelo esilula; noma uyakholwa noma kawukholwa uNkulunkulu, akwamukelekile ukwenza isono nokwenza okubi, kunemiphumela, lokhu kuliqiniso eliphelele. Uma kungukuthi umuntu oqole omunye imali uthola isijeziso esinje, leso sijeziso simfanele simlingene, silungile. Ngokujwayelekile kwesikubonayo okufana nalokhu okuthola isijeziso emhlabeni kamoya, kungukujeziswa okuvela ngemiyalelo kanye nemigomo kaNkulunkulu, ngakho ukuziphatha okunobugcwelegcwele nobubi—ukudlwengula nokuqola, ukukhwabanisa nokukhohlisa, ukweba nokubamba inkunzi ukubulala nokuthungela ngomlilo, kanjalo kanjalo—kuholela ezijezisweni eziningi ezinamazinga angalingani ngobunzima. Zibandakanya ini nani lezi zijeziso ezehlukene ngamazinga obunzima? Ezinye zazo zithatha isikhathi ukufinyelela ezingeni lobunzima, ezinye zikwenza lokho ngezindlela ezahlukahlukene, kuthi ezinye zikwenze ngendawo lapho abantu beya khona uma bebuyiselwa enyameni. Isibonelo, abanye abantu banokukhuluma kabi. Kusho ukuthini “ukukhuluma kabi”? Kusho ukukhipha inhlamba wethuke abanye kanye nokusebenzisa ulimi olunendelelo, ulimi oluqalekisa abantu. Yini ebalulwa wulimi olubi? Lubalula ukuthi lowo muntu unenhliziyo embi. Ulimi olubi oluqalekisa abanye abantu luvame ukuvela emilonyeni yabantu abanjalo, kanti lolo lulimi olubi luhambisana nemiphumela enzima. Emva kokuthi laba bantu bafe bathola isijeziso esifanele, bangazalwa futhi kodwa bazalwe beyizimungulu. Abanye abantu bathanda ukucubungula kakhulu uma besaphila, bavame ukuqinela abanye, amaqhinga abo avama ukuhlelwa kahle, okuningi abakwenzayo kuyabalimaza abanye. Uma bezalwa futhi, bangazalwa bengaphelele engqondweni kungenjalo babe yizinhlanya. Abanye bavama ukuzinikela ekucingeni babone ingasese labanye abantu; amehlo abo abona okuningi abangafanele ukukubona, bazi okuningi abangafanele ukukwazi, bese bezalwa beyizimpumputhe. Abanye abantu bashesha kakhulu uma besaphila, bayalwa, benza okuningi okubi, bese kuthi uma bezalwa futhi babe nokukhubazeka, babe yizinyonga noma ngabangenaso isitho esithile mhlawumbe bangabi nangalo, kungenjalo babe yizifumbu, baxhwale ngemiqala, baxhuge, noma babe nomlenze omfushane kunomunye, njalo-njalo. Ngalokhu bawela ezijezisweni eziningi ezahlukahlukene eziya nokuthi benze ububi obungakanani ngenkathi besaphila. Bese wena uthi, kungani abanye abantu beyinsanga? Kungabe baningi abantu abanjalo? Bakhona baningi kulezi zinsuku. Abanye abantu bayinsanga ngoba empilweni yabo edlule bawasebenzise kakhulu amehlo abo, benze izinto eziningi ezimbi ngawo, uma bezalwa futhi kulo mhlaba amehlo abo aba yinsanga, ezimeni ezimbi kakhulu baba yizimpumputhe. Ngokwakho abantu abayinsanga ngabe kumnandi ukubabuka? Bayasenza isimo sibe sihle? Bheka nje ukuthi banobuso obumi kahle kanjani, isikhumba sabo sicacile siyakhanya, banamehlo amakhulu nezinkophe ezingathi zihamba ngambili—kodwa ngeshwa amehlo abo ayinsanga. Babukeka kanjani? Ngabe lokhu akuvezi ithonya lemikhuba yabo emibi? Ngalelo thonya, impilo yabo injani? Uma behlangana nabanye abantu, bacabanga bathi: “O, ngiyinsanga! Akufanele ngibuke abantu kakhulu, angifuni ukuthi babone amehlo ami. Kumele njalo uma ngikhuluma ngibheke phansi, angikwazi ukubabheka ebusweni.” Amehlo abo ayinsanga enza ukuthi ukubheka kwabo kube nendlela ethile, kuthikameza nendlela ababheka ngayo abantu ebusweni. Kulokhu, singethi balahlekelwe yindlela yokusebenzisa amehlo? Ngakho-ke, ngabe ukusebenzisa kwabo amehlo ngokweqile empilweni yabo eyedlule akulungisiwe? Ngakho, empilweni yabo elandelayo, ngeke balokothe benze into embi njengale. Ukuphindiselela lokhu!
  Abanye abantu bazwana kahle nabanye ngaphambi kokuthi bafe, bebenzela okuningi okuhle labo abahlalisene nabo, abathandiweyo babo, abangani, ozakwabo, noma abantu abaxhumene nabo. Basiza abanye abantu, bayaphana futhi bayabanakekela abanye abantu, mhlawumbe babasize ngemali, abanye bayabahlonipha laba bantu, kuthi uma abantu abanjalo bebuyela emhlabeni kamoya bangakutholi ukujeziswa. Ukuze umuntu ongakholwa angajeziswa kumele abe ngumuntu oziphethe kahle kakhulu. Esikhundleni sokukholwa nguNkulunkulu, bakholwa kuphela yiNdoda Endala Yasesibhakabhakeni. Bakholwa kuphela ukuthi kunomoya ongaphezu kwabo obona konke abakwenzayo—ukuphela kwento abakholwa yiyo. Umphumela wabo yini? Baziphethe kahle. Labo bantu banezinhliziyo ezinomusa bayaphana, ekugcineni sebebuyela emhlabeni kamoya, wona umhlaba kamoya bese ubaphatha kahle baphinde babuyiselwe enyameni bazalwe futhi masinya. Luhlobo luni lomndeni abazofikela kuwo? Nakuba ungeke ube yizigwili, impilo yalowo mndeni nokho kuzoba ngenokuthula, kuzoba noxolo emalungwini awo, awuzuba namsindo, izinsuku zawo zinenjabulo, wonke umuntu kuwo uthakasile, unempilo enhle. Uma lowo muntu eba mdala, uzozala amadodana namadodakazi amaningi, abe nomndeni omkhulu, izingane zakhe zibe neziphiwo zithokozele impumelelo, kuthi zona nemindeni yazo zibe nenhlanhla ejabulisayo—umphumela onjalo usukela kakhulu empilweni yakhe edlule. Okusho ukuthi, impilo yonke yomuntu, kuze kube semva kokufa afike lapho eyiswa khona uma ebuyiselwa enyameni, noma kungowesilisa noma ngowesifazane, noma ngabe yimuphi umsebenzi wakhe, noma ngabe udlule kukuphi nakukuphi empilweni, izinkinga zakhe, izibusiso azithokozele, noma ngubani azohlangana naye, kuzokwenzekani kuye—akekho okwazi ukwenza umhlahlo walokhu, ukukuvika, noma ukuzifihla kukho. Lokho kusho ukuthi, emva kokuthi impilo yakho seyihleliwe, okuzokwenzeka kuwe, noma ungazama kanjani ukukuvika, noma yingani ozama ukuvika ngayo, awunayo indlela yokugwema uhlelo lwempilo olubekelwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya. Kungoba uma ubuyiselwa enyameni, impilo yakho isuke isihleliwe. Noma ingaba yimbi noma ingaba yinhle, wonke umuntu kumele abhekane nalokhu, aqhubekele phambili; yinto lena angekho kwabaphila kulo mhlaba ongayivika, akukho futhi kulokhu okuliqiniso kakhulu kunokunye. Kulungile-ke, uyakuqonda konke lokhu, yebo?
  Uma sewukuqonda-ke lokhu, ngabe uyabona ukuthi uNkulunkulu unezindlela ezinembayo zokuqaphela kanye nokulawula impilo yokuphila nokufa kwabantu abangakholwa? Okokuqala, uNkulunkulu wenze imithetho yezulu eminingi, imiyalelo, nezinhlelo ngokomoya, emva kokwethulwa kwale mithetho, imiyalelo, kanye nezinhlelo, konke kulandelwa ngokuqinisileyo, njengokusho kukaNkulunkulu, ngabantu abasezikhundleni ezahlukahlukene emhlabeni kamoya, akekho onesibindi sokuyephula. Ngakho-ke, empilweni yabantu yokuphila nokufa emhlabeni wabantu, noma ngabe umuntu ubuyiselwe enyameni waba yisilwane noma wabangumuntu , kunemithetho kukho kokubili. Kungoba le mithetho ivela kuNkulunkulu, akekho onesibindi sokuyephula, futhi akekho nokwazi ukuyephula. Ngenxa yobukhulu bukaNkulunkulu, ngoba-ke kunale mithetho, ethi umhlaba wezinto ezibambekayo ubonwa ngabantu njengohlelekile noqondile; kungenxa yalobu bukhulu bukaNkulunkulu ukuthi umuntu akwazi ukuphila ngokuthula nomunye umhlaba ongabonakali nhlobo kumuntu, akwazi ukuphila ngoxolo nawo—kanti konke ongeke ukwehlukanise nobukhulu bukaNkulunkulu. Emva kokufa komphefumulo wenyama, umphefumulo usuke usaphila, ngakho bekuzokwenzekani uma ubungaphethwe uNkulunkulu? Lo mphefumulo bewuzozulazula yonke indawo, ungene le nale, uze ulimaze izinto eziphila emhlabeni wabantu. Lokho kulimala bekungeke kugcine kubantu, bekuzofinyelela nasezitshalweni nasezilwaneni—kodwa okokuqala okungalimala ngabantu. Uma bekungenzeka lokhu—ukuba lowo mphefumulo bewungangalawulwa, wase ulimaza abantu, wenza izinto ezimbi—bekuyoze ulawulwe emhlabeni kamoya: Uma izinto bezinqala, lowo mphefumulo bewuyoshabalala masinya, bewuyolimala uphele; uma kwenzeka, bewuyobekwa ndawana thile uze ubuyiselwe enyameni. Lokho kusho ukuthi, ukulawula komhlaba kamoya okwenzeka emiphefumulweni enhlobonhlobo kuhlelekile, kwenziwa kulandelwa izinyathelo nemithetho efanele. Kungenxa yalokhu kulawulwa ukuthi umhlaba wezinto ezibambekayo wabantu awusona isiphithiphithi, ukuthi isintu emhlabeni wezinto ezibambekayo siziphethe ngendlela eyamukelekayo, indlela enokuhlakanipha, nempilo yenyama ehlelekile. Kusemva kokuthi isintu sibe nempilo eyamukelekayo ukuthi labo abaphila enyameni bakwazi ukuqhubeka nokuphila bazalane ezizukulwaneni ngezizukulwane.
  Ucabangani ngamazwi oqeda kuwezwa? Ngabe masha kuwe? Uzizwa kanjani emva kokuthi sengisho la mazwi namuhla? Ngaphandle kokuthi masha, kukhona okunye okuzwayo kuwe? Ngitshele. (Abantu kumele baziphathe kahle, futhi ngiyabona ukuthi uNkulunkulu mkhulu uyesabeka.) (Ngizizwa ngimhlonipha uNkulunkulu, ngokuzayo ngizoqaphela uma kuba khona okwenzekayo kimi, ngizoziphatha kahle kakhulu kukho konke engikushoyo nengikwenzayo.) (Njengoba sengizwile okushiwo ngoNkulunkulu ukuthi Yena uNkulunkulu wenzani ngesiphelo sezinhlobo ezahlukahlukene zabantu, kanti ngiyezwa ukuthi isimo sikaNkulunkulu asikuvumeli ukona, nokuthi kumele ngimhloniphe Yena; kanti ngakolunye uhlangothi, ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu uthanda abantu abanjani, ngabanjani angabathandi, ngithanda ukuba ngomunye walabo abathandayo uNkulunkulu.) Uyabona ukuthi uNkulunkulu unemigomo ezenzweni Zakhe kulolu hlangothi lwezinto? Usebenza ngamiphi imigomo? (Uhlela isiphelo sabantu ebhekisa ekuthini benzeni.) Lokhu kumayelana nezinhlobo ezahlukene zokuphela kwabangakholwayo esesikhulume ngakho. Uma sibhekisa kwabangakholwayo, kungabe umgomo uthi izenzo zikaNkulunkulu zivuza abahle zijezise ababi? Uyabona ukuthi kunomgomo ezenzweni zikaNkulunkulu? Kumele ukwazi ukubona ukuthi ukhona umgomo. Abangakholwayo abakholwa kuNkulunkulu, abazigcini izinhlelo zikaNkulunkulu, ababunakile nobukhulu bukaNkulunkulu, abamamukeli nakancane uNkulunkulu. Okukhulu kakhulu, bayamhlaza uNkulunkulu, bayamqalekisa futhi, benjalo nje bavukela labo abakholwa wuNkulunkulu. Nakuba laba bantu beziphethe kanjalo kuNkulunkulu, ukulawula kukaNkulunkulu kubo akusuki emigomeni Yakhe; ubaphatha ngokuhlelekile elandela imigomo Yakhe kanye nokuziphatha Kwakhe. Ngabe uyithatha kanjani indlela abamelana ngayo Naye? Uyithatha njengeyokungazi! Kubehlele laba bantu—iningi labo okungabangakholwayo—ukuthi babuyiselwe enyameni kanye ngokuba yizilwane. Manje uthini, ngabe abangakholwayo basemehlweni kaNkulunkulu? (Imfuyo.) Emehlweni kaNkulunkulu, bayilolu hlobo, bayimfuyo. UNkulunkulu uyayelusa imfuyo, uyabelusa abantu, unemigomo efanayo nakulolu hlobo lwabantu. Nasekubeluseni laba bantu ukubalawula Kwakhe kanye nezenzo Zakhe ezibhekiswe kubo, kusabonakala isimo sikaNkulunkulu kanye nemithetho Yakhe ezintweni zonke. Kulokho, niyabubona na ubukhulu bukaNkulunkulu emigomeni Yakhe aphatha ngayo labo abangakholwayo engikhulume ngabo?Niyasibona isimo sokulunga kukaNkulunkulu? (Siyasibona.) Niyabubona ubukhulu bukaNkulunkulu, niyasibona isimo Sakhe? Okusho ukuthi, noma ngabe yiziphi izinto asebenza ngazo, uNkulunkulu ulandela imigomo Yakhe kanye nesimo Sakhe. Lobu ubuqu bukaNkulunkulu. Akaveli ayephule kalula nje imiyalelo noma kungaba yimithetho yasezulwini ayibeka Yena ngoba ethatha lolu hlobo lwabantu njengemfuyo; uNkulunkulu wenza izinto elandela imigomo, akagudluki nakancane, izenzo Zakhe azithonywa nakancane okunye, noma ngabe wenzani, konke ukwenza elandela imigomo Yakhe. Lokhu kufakazela ukuthi uNkulunkulu unobuNkulunkulu Kuye Uqobo, okuyinto engajwayelekile engekho kunoma yini edaliwe. UNkulunkulu uyazinikela akubeke emahlombe Akhe konke akwenzayo, indlela enza ngayo, indlela akuphethe ngayo, indlela akusebenza ngayo, nendlela abusa ngayo yonke into, abantu, kanye nezinto eziphilayo kuzo zonke izinto azidala, akakaze futhi abe nobudedengu kulokhu. Kulabo abaziphethe kahle, unomusa nobubele; kulabo ababi, ubanika isijeziso angazisoli neze ngaso; kubantu abehlukahlukene abaphilayo, wenza izinhlelo ezifanele ngesikhathi esifanele ngendlela efanele ngokulandela izidingo ezahlukahlukene zabantu emhlabeni ngezikhathi ezahlukahlukene, ukuze abantu abaphilayo babuyiselwe enyameni kulandelwa iqhaza abalibambe ngendlela ehlelekile, bahambahambe phakathi komhlaba wezinto ezibambekayo nomhlaba kamoya ngendlela ehlelekile. Lokhu kumele kuqondwe futhi kwaziwe yisintu.
  Ukufa komuntu ophilayo—ukumiswa kwempilo yomzimba—kusho ukuthi umuntu useye wahamba emhlabeni wezinto ezibambekayo waya emhlabeni kamoya, kanti ukuzalwa kwempilo yenyama entsha kusho ukuthi umuntu ophilayo ufikile evela emhlabeni kamoya efika emhlabeni wezinto ezibambekayo wayeseqala indima yakhe, yokubamba iqhaza lakhe. Noma ngabe ukuhamba noma ukufika kwento ephilayo, kokubili akuhlukaniseki emsebenzini womhlaba kamoya. Uma kufika umuntu emhlabeni wezinto ezibambekayo, amalungiselelo kanye nezidingo zakhe kusuke sekwenziwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya kwenzelwa umndeni aya kuwo, inkathi afika ngaso, ihora afika ngalo, iqhaza azolibamba. Impilo yonke yalo muntu—izinto azenzayo, izindlela azithathayo— ziqhubeka ngokwamalungiselelo akhe enziwe emhlabeni kamoya, ngaphandle kwephutha noma ngabe lincane kangakanani. Isikhathi lapho impilo yenyama iphela khona, okwesikhashana, nangendlela nendawo lapho iphelela khona, kucacisiwe kwafakazelwa futhi emhlabeni kamoya. UNkulunkulu ubusa umhlaba wezinto ezibambekayo, aphinde abuse emhlabeni kamoya, kanti akawubambezeli umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa, akenzi phutha futhi ekulungiseleleni umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa. Isithunywa ngasinye ezikhundleni ezisemthethweni emhlabeni kamoya siqala umsebenzi waso, senze njengoba kufanele, silandele imiyalelo nemithetho kaNkulunkulu. Ngakho, emhlabeni wesintu, yonke into eyenganyelwe ngumuntu ihlelekile, ayinasiphithiphithi. Konke lokhu kungenxa yohlelo lwemithetho ehleliwe kaNkulunkulu abusa ngayo zonke izinto, kuphinde kube ngegunya likaNkulunkulu elibusa phezu kwakho konke, kanti konke lokho abusa phezu kwakho kubandakanya umhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo umuntu, kuphinde futhi, phezu kwakho lokho, kube umhlaba kamoya ongabonakali kumuntu. Ngakho, uma isintu sifisa impilo enhle, sifisa futhi ukuhlala ezindaweni ezinhle, phezu kokuphiwa umhlaba wezinto ezibambekayo ophelele obonakalayo, umuntu uyadinga ukuphiwa umhlaba kamoya, ongabonakali kumuntu, obusa phezu kwakho konke okuphilayo egameni lesintu, ophinda ube ngohlelekile. Ngalokho, uma kuthiwa uNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto, akwengezwanga lutho ekuqapheleni nasekuqondeni “zonke izinto”?
  2) Ukujikeleza Kokuphila Nokufa Kwabantu Abehlukahlukene Benkolo
  Siqeda kuxoxa ngokujikeleza kokuphila nokufa esigabeni sokuqala, sabangakholwayo. Manje, make sixoxe ngesigaba sesibili, sabantu abahlukahlukene benkolo. “Ukujikeleza kokuphila nokufa kwabantu abehlukahlukene benkolo” naso yisihloko esibalulekile, futhi kunilungele ukuthi nibe nokuqonda ngakho. Okokuqala, masikhulume ngokuthi ezinkolweni iyiphi “inkolo” esibhekise kuyo lapho sithi khona “abantu benkolo”: Kusho Inkolo yamaJuda, eyamaKrestu, eyamaKhatholika, eyama-Islam, nobuBuddha, okuyizinkolo ezinkulu ezinhlanu. Phezu kwabangakholwayo, abantu abakholwa kulezi zinkolo ezinhlanu bayingxenye enkulu yenani labantu emhlabeni. Kulezi zinkolo ezinhlanu, labo asebekwenze umsebenzi wabo ukukholwa—abalandeli abasebenzela inkolo ngokugcwele—bambalwa, kodwa lezi zinkolo zinamakholwa amaningi. Amakholwa azo aya endaweni ehlukile uma efa. “Ehlukile” ehluke kunekabani? Ehlukile kweyabangakholwayo, kweyabangenankolo, ebesikhuluma ngabo khona manje. Emva kokufa, abakholwa kulezi zinkolo ezinhlanu baya kwenye indawo, endaweni ehlukile kweyabangakholwayo. Umhlaba kamoya uzokhipha isahlulelo ngabo ulandela lokho abakwenzile ngaphambi kokufa, kulandele ukuthi benziwe izinto ezifanele. Kungani-ke kodwa laba bantu bebekwa endaweni ehlukile lapho bezohlungwa khona? Kunesizathu esibalulekile salokhu. Siyini leso sizathu? Ngizonichazela ngokwenza isibonelo.
  Masibhekise enkolweni yamaBuddha: Make nginitshele iqiniso. Umuntu ongumBuddha, okokuqala, lowo ngumuntu ophendukele enkolweni yamaBuddha, futhi ngumuntu owaziyo ukuthi inkolo yakhe iyini empeleni. Uma umBuddha egunda izinwele bese eba yindela noma yindelakazi, lokho kusho ukuthi uziqhelelanisile nomhlaba wezinto ezibambekayo washiya izinto zomhlaba womuntu kude le. Zonke izinsuku bahaya imibhalo yakhona badle ukudla okuyimifino kodwa, baphila impilo yokuzithiba, izinsuku zabo zidlula zihambisana nelambu elishisa ibhotela elibandayo nelikhanya okulufifi. Abenkolo yamaBuddha baphila impilo yabo ngale ndlela. Uma impilo yabo yomzimba wenyama iphela, benza isifinyezo sempilo yabo, kodwa ezinhliziyweni zabo abazi ukuthi bazoya kuphi emva kokufa, bazohlangana nobani, futhi bazoba nesiphelo esinjani—ezinhliziyweni zabo abacacelwa yilezi zinto. Ayikho into abayenzile ngaphandle kokuphila impilo yabo yonke ngokunganaki bephelekezelwa yinkolo, emva kwalokho bayawushiya umhlaba bephelekezelwa ngamathemba nemibono engasho lutho. Leso yisiphetho sempilo yabo yenyama okuthi lapho beshiya khona emhlabeni wabaphilayo, nalapho impilo yabo iphela, babuyele endaweni yabo yakuqala emhlabeni kamoya. Ukuthi labo bantu babuyiselwe enyameni ukuba babuyele emhlabeni bayoqhubeka nempilo yokuzifundisa kuncika ekuthini ukuziphatha kwabo nakho ukuzifundisa lokho ngaphambi kokuthi bafe. Uma bengenzanga lutho olungafanele ngesikhathi besaphila, bazobuyiselwa enyameni masinya babuyiselwe emhlabeni futhi, lapho bezofika bagunde khona izinwele ekhanda babe yizindela noma izindelakazi. Baba yizindela noma izindelakazi kathathu noma kasikhombisa: Ngokwenqubo yokuqala, imizimba yabo yenyama iyazifundisa, emva kwalokho bayafa babuyele emhlabeni kamoya, lapho befika bahlolwe khona, emva kwalokho—uma kungenazinkinga—bangabuyela futhi emhlabeni wabantu, baqhubeke nokuzifundisa, okusho ukuthi bangaphinda futhi baphendukele enkolweni yamaBuddha baqhubeke nokuzifundisa. Uma sebebuyiselwe enyameni izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, bazophinda babuyele emhlabeni kamoya, okuyilapho beya khona njalo uma impilo yabo yenyama iphela. Uma okubenza bemukeleke nezindlela zokuziphatha emhlabeni wabantu kuhambisana nemithetho yasezulwini ngokomhlaba kamoya, kusukela lapho bayohlala khona okokuphela; ngeke besabuyiselwa enyameni njengabantu, ngeke futhi besangena engcupheni yokujeziselwa ukwenza okubi. Ngeke baphinde babhekane nale nqubo. Esikhundleni salokho, ngokwezimo zabo, bazohlala endaweni kamoya, okuyindawo amaBuddha ayibiza ngenzuzo yokungafi. Uyaqonda manje, yebo? Kusho ukuthini ukuthi “inzuzo yokungafi” ngokwenkolo yamaBuddha? Kusho ukuba yisithunywa somhlaba kamoya, lapho kungekho khona ukubuyiselwa enyameni noma ukujeziswa. Ngaphezu kwalokho, kusho ukungabe kusaba nenhlupheko okuyinkinga yokuba ngumuntu emva kokubuyiselwa enyameni. Ngakho lisekhona yini elinye ithuba lokuthi babuyiselwe enyameni ngokwenziwa izilwane? Alikho nhlobo. Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi bahlalele ukubamba iqhaza emhlabeni kamoya kanti abasezubuyiselwa enyameni njengabantu. Yisibonelo esisodwa lesi sokungena kulokhu abakubiza ngokuthi ukuzuza ukungafi.
  Kwenzekani ngalabo abangakuzuzanga ukungafi? Uma bebuyela emhlabeni kamoya, bayahlolwa baqinisekiswe yisithunywa, uma betholakala bengazange bazifundise ngokukhuthala noma bazi imibhalo ngokukhuthala njengoba kubalula inkolo yamaBuddha; esikhundleni salokho, benza okubi kakhulu, bakwenza kakhulu okubi lokho. Uma bebuyela emhlabeni kamoya, bayehlulelwa ngokwenza okubi, kulandele ukujeziswa. Kulokhu, akukho ukukhetha abathile. Umuntu onje ukuzuza nini ukungafi? Uma empilweni yakhe engakwenzi okubi—uma, emva kokubuyela emhlabeni kamoya, kubonakala ukuthi akenzanga lutho olungafanele ngaphambi kokuthi afe. KULUNGILE! Bona bayaqhubeka nokubuyiselwa enyameni, baqhubeke basho imibhalo, badluliseizinsuku zelambu elishisa ibhotela elibandayo, elikhanya kalufifi, bengabulali noma yini ephilayo, bengadli inyama, futhi bengahlanganyeli ezintweni ezenziwa emhlabeni wabantu, beshiya izinkathazo emuva futhi kude, bengaxabani namuntu. Ngenkathi kwenzeka lokho, bangenzi bubi, kuba sekulandela ukuthi babuyele emhlabeni kamoya, kuthi emva kwazo zonke izenzo zabo nokuziphatha sekuhloliwe, babe sebephindiselwa emhlabeni wabantu futhi, ekujikelezeni ozokwenzeka izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa. Uma kungabi khona okuphoxayo ngalesi sikhathi, ukuzuza kwabo ukungafi kuzobe sekuhlala kungathintekile ngokungafanele, futhi bazophumelela. Lena indaba yokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabo bonke abantu benkolo: Bayakwazi-ke lapha ukuzuza ukungafi, bathathe indawo emhlabeni kamoya. Lokhu yikhona okubenza behluke kwabangakholwayo. Okokuqala, ngenkathi besaphila emhlabeni, kumele baziphathe kanjani labo abakwazi ukuthatha indawo emhlabeni kamoya? Kumele bangenzi nobuncane ububi: Akumele babulale, bashise abantu, badlwengule, noma baphange izimpahla zabantu; kodwa uma bekhwabanisa, bekhohlisa, bentshontsha, beqola, ngeke bakuzuze ukungafi. Okusho ukuthi, uma behlobana noma besondelana nokwenza okubi, ngeke baphunyule ekujezisweni emhlabeni kamoya. Umhlaba kamoya wenza amalungiselelo amaBuddha azuze ukungafi: Anganikwa umsebenzi wokulawula labo ababonakala bekholwa enkolweni yamaBuddha, kanye naseNdodeni Endala Esesibhakabhakeni, amaBuddha azonikwa igunya lokuphatha, angaphatha abangakholwayo, noma abe yizithunywa esisezingeni eliphansi. Lokhu kubekwa kuhambisana nobunjalo bale miphefumulo. Yisibonelo senkolo yamaBuddha lesi.
  Ezinkolweni ezinhlanu esikhulume ngazo, ubuKrestu bukhethekile ngandlela thile. Yini ekhetheke kangako ngobuKrestu? Laba ngabantu abakholwa kuNkulunkulu weqiniso. Singabafaka kanjani kulolu hla abantu abakholwa wuNkulunkulu weqiniso? Kungoba ubuKrestu buyemukela kuphela ukuthi ukhona uNkulunkulu, kodwa futhi bayamphikisa uNkulunkulu abanabo ubungane Naye. Ingani babethela uKrestu esiphambanweni, bazifaka bona esimeni sokuba yizitha kuNkulunkulu nomsebenzi Wakhe wezinsuku zokugcina, imiphumela yalokho yabenza baba yiqeqebana lenkolo. UbuKrestu buwuhlobo lwenkolo, buyiyo, ngaphandle kokungabaza, buhlobene nenkolo—buwumsebenzi othile, buyibandla, bungukukholwa, buthe ukwehluka enkolweni yalabo abalandela uNkulunkulu ngokweqiniso. Isizathu sokuthi ngibufake kulolu hlu lwezinkolo ezinhlanu ezinkulu ukuthi ubuKrestu busezingeni elilodwa nobuJuda, inkolo yamaBuddha, kanye ne-Islam. AmaKrestu amaningi awakholwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, nokuthi ubusa phezu kwezinto zonke, awakholwa futhi ukuthi ukhona. Esikhundleni salokho, azinikela ekukhulumeni ngobukholwa ebhekisa emibhalweni yeBhayibheli, asebenzisa isifundo sobukholwa ukufundisa abantu ukuthi babe nomusa, babekezelele ukuhlushwa, nokwenza izinto ezinhle. Buyilolo hlobo lwenkolo ubuKrestu: Bunamathela kuphela emibhalweni yezinkolo, abubhekisi nakancane emsebenzini kaNkulunkulu wokulawula aphinde asindise umuntu, yinkolo yalabo kuphela abalandela uNkulunkulu bebe bengemukelwa wuNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu unawo umgomo awubhekise kubona. Akabaphathi nje noma ikanjani ngokuzibonela Kwakhe, ngendlela efanayo nabangakholwayo. Indlela asebenza ngayo udaba lwabo iyafana neyamaBuddha: Uma, ngenkathi besaphila, umKrestu eziqoqile ngokwakhe, ehlala ngempela Emithethweni Elishumi kanye nakweminye imithetho, ehlala emithethweni yalokho okuthinta ukuziphatha kwakhe – nokuthi uma engakwenza empilweni yakhe yonke—bazophinda badinge ukuchitha isikhathi esifanayo ekujikelezeni wokuphila nokufa ngaphambi kokuthi bazuze ngokweqiniso lokho okubizwa ngokuhlwithwa. Emva kokuzuza lokhu “kuhlwithwa,” babe sebehlala emhlabeni kamoya, lapho benikwa khona isikhundla sokuba ngesinye sezithunywa. Ngokufanayo, uma benza okubi emhlabeni, uma bona futhi benza izono eziningi, akube kusavikeka ukuthi bajeziswe bagotshwe ngobunzima obehlukahlukene. Enkolweni yamaBuddha, ukuzuza “ukungafi” kusho ukungena eNirvana, kubizwa ngokuthini-ke lokho enkolweni yobuKrestu? Kubizwa “ngokungena ezulwini” kanye “nokuhlwithwa.” Labo “abahlwithwe” ngokweqiniso bayaphinda nabo bangene ekujikelezeni kwempilo yokuphila nokufa izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, okuzothi emva kwakho, emva kokufa, bafike emhlabeni kamoya, kungathithi balele basebuthongweni. Uma bephelelisekile bayakwazi ukusala bebamba iqhaza, kanti, kungafani nabantu abesemhlabeni, ababuyiselwa enyameni ngendlela elula, noma ngokwesivumelwano.
  Kuzo zonke lezi zinkolo, isiphelo okukhulunywa ngaso nesilwela ukusizuza siyafana nokuzuza ukungafi kwabenkolo yamaBuddha—ukuthi kubantu abangamaKrestu lokhu kutholakala ngezindlela ezahlukile. Bawuhlobo olulodwa. Ngokuba ngabantu balezi zinkolo abakwazi ukuhlala ngeqiniso emithethweni yayo inkolo ekuziphatheni kwabo, lolu hlobo lwabantu, uNkulunkulu ubapha indawo efanele abayise kuyo, indawo abafanelwe ukuba kuyo, abaphathe ngendlela efanelekile. Konke lokhu kungokwamukelekayo, kodwa akufani nendlela abantu abakucabanga ngayo. Manje, senikuzwile konke okwenzeka ngabantu abangamaKrestu, nizizwa kanjani nina? Niyakhathazeka ngabo? Niyabezwela? (Kancane.) Akukho okungenziwa—kumele bazilahle bona ngecala. Kungani ngisho kanje? Umsebenzi kaNkulunkulu uliqiniso, uNkulunkulu uyaphila futhi ukhona, umsebenzi Wakhe uhloselwe abantu bonke ungowawo wonke umuntu—kungani amaKrestu engakwemukeli lokhu? Kungani bemphikisa futhi bemelana noNkulunkulu? Banenhlanhla ukuthi banesiphelo esikanje, kungani-ke nibazwela? Ukuthi baphathwe kanje kukhombisa ukubabekezelela okukhulu. Ngendlela abaphikisa ngayo uNkulunkulu, kumele babhujiswe—kodwa uNkulunkulu akakwenzi lokho, uphethe ubuKrestu njengenkolo ejwayelekile. Esimeni esinje, ngabe sikhona isidingo sokuthi sijule nangalezi ezinye izinkolo? Yini ewumongo walezi ezinye izinkolo zizonke? Ukuthi abantu babe nomusa, bangenzi okubi. Bathole ubunzima obukhulu, bangenzi okubi, basho izinto ezinhle, benze izenzo ezinhle, bangethuki abanye, bangafinyeleli ezinqumeni ngabanye abantu, bazehlukanise nezingxabano, benze izinto ezinhle, babe ngabantu abahle—eziningi izimfundiso zezinkolo zisho lokhu. Ngakho, uma laba bantu benkolo—laba bantu bezinkolo eziningi namahlelo—bekwazi ukuhlala ngokweqiniso emithethweni yenkolo, ngeke benze amaphutha amakhulu noma izono ngesikhathi besaphila emhlabeni, kanye nasemva kokuba bebuyiselwe enyameni izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, kakhulu-ke laba bantu, abantu abakwazi ukuhlala ngokweqiniso emithethweni yenkolo, bazokwazi ukubamba iqhaza emhlabeni kamoya. Ngabe baningi abantu abanjalo? Akulula ukwenza okuhle, noma ukuhlala emithethweni. Inkolo yamaBuddha ayibavumeli abantu badle inyama—ungakwenza lokho? Uma kungathiwa gqoka izingubo ezimpunga usho imibhalo ngendlela yamaBuddha ethempelini usuku lonke, ungakwenza lokho? Ngeke kube lula. UbuKrestu buneMithetho Elishumi kanye neminye imithetho, ngabe le miyalelo nemithetho kulula ukuhlala kuyo? Akunjalo! Bheka ukungethuki abanye: Abantu abakwazi ukuhlala kulo mthetho, yebo? Abakwazi ukuzivimba, bayethukana—emva kwalokho abakwazi ukukwesula lokho, benzanjani-ke? Ebusuku bavuma izono zabo! Abakwazi ukuvika ukwethuka abanye abantu, emva kwalokho babe nenzondo futhi ezinhliziyweni zabo, baphinde bedlulele ekuzilungiseleleni isikhathi abazobalimaza ngaso. Uma sihlanganisa, kulabo abaphila ngale nkolo efile, akulula ukungoni nokungenzi okubi. Ngakho, kuyo yonke inkolo, bambalwa abantu abakwazi ukuzuza ukungafi. Ucabanga ukuthi njengoba abantu abaningi belandela lezi zinkolo, baningi abazothola ithuba lokubamba iqhaza emhlabeni kamoya! Ababaningi kangako nokho, bambalwa abakwazi ukufinyelela kulokhu. Kungako esingakhuluma ngakho ngokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa kwabantu benkolo. Okubehlukanisayo ukuthi bayakwazi ukuzuza ukungafi, okuyiwona mahluko abanawo kwabangakholwayo.
  3) Ukujikeleza kwempilo Yokuphila Nokufa Kwabantu Abalandela uNkulunkulu
  Okulandelayo, masikhulume ngokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa kwalabo abalandela uNkulunkulu. Lokhu kuthinta nina, ngakho lalelani. Okokuqala, cabangani ngezigaba abantu abakholwa wuNkulunkulu esingabehlukanisa ngazo. Zimbili: kunabakhethwa nguNkulunkulu kanye nezisebenzi Zakhe. Okokuqala sizokhuluma ngabakhethwa nguNkulunkulu, abambalwa-ke nokho. Kusho ukuthini ukuthi “abakhethwa nguNkulunkulu”? emva kokuthi uNkulunkulu edale zonke izinto kwabe sekuba nesintu, uNkulunkulu wakhetha iqeqebana labantu abamlandela, wayesebabiza “ngabakhethwa nguNkulunkulu.” Kunokuhlola kanye nokubaluleka endleleni uNkulunkulu akhetha ngayo laba bantu. Ukuhlola ukuthi sonke isikhathi uNkulunkulu enza umsebenzi obalulekile kumele beze—okuba yinto yokuqala ezintweni ezibenza babe ngabakhethekile. Kuyini ukubaluleka kwabo? Ukukhethwa kwabo nguNkulunkulu kusho ukuthi babaluleke kakhulu. Okuchaza ukuthi, uNkulunkulu ufisa ukubaphelelisa laba bantu, abenze bagcwaliseke, emva kokuphetha umsebenzi Wakhe wokuphatha, uzobazuza laba bantu. Akukukhulu lokhu kubaluleka? Ngalokho, laba bantu abakhethiwe bangababalulekile kakhulu kuNkulunkulu, ngokuba bayilabo uNkulunkulu afuna ukubazuza. Kanti izisebenzi Zakhe —khona-ke, masithi ukusuka ekumiselweni kusengaphambili kukaNkulunkulu, siqale ngokukhuluma ngemvelaphi. Incazelo esobala “yezisebenzi” isho lowo osebenzayo. Labo abasebenzayo bangabesikhashana; abakwenzi lokhu isikhathi eside, noma okokuphela, kodwa baqashwa noma batholwe okwesikhashana. Abaningi babo bakhethwa kulabo abangakholwayo. Uma befika emhlabeni kuba yisikhathi bekhonjwa njengabazothatha indima yokuba yizisebenzi emsebenzi kaNkulunkulu. Kungaba ukuthi bebekade beyizilwane empilweni yabo edlule, kodwa kungenzeka ukuthi bebekade bengabanye balabo abangakholwayo. Bavela lapho abasebenzela uNkulunkulu.
  Make sibuyele kwabakhethwa nguNkulunkulu. Uma befa, abakhethwa nguNkulunkulu baya endaweni ehlukile kunaleyo okuya kuyo abangakholwayo kanye nabanye benkolo. Yindawo abaphelekezelwa kuyo yizingelosi kanye nezithunywa zikaNkulunkulu, futhi elawulwa nguNkulunkulu ngoKwakhe. Nakuba, bekule ndawo, abakhethwa nguNkulunkulu abakwazi ukubheka uNkulunkulu ngamehlo abo, akufani nakwezinye izindawo emhlabeni kamoya; yindawo lapho le ngxenye yabantu iya khona emva kokufa. Uma befa, nabo bayahlolwa kabanzi yizithunywa zikaNkulunkulu. Yini ehlolwayo? Izithunywa zikaNkulunkulu ziphenya izindlela ezathathwa yilaba bantu empilweni yabo yonke yokukholwa kuNkulunkulu, noma ngabe, ngesikhathi sabo, bamphikisile uNkulunkulu, noma bamqalekisile, noma benze izono ezimbi nobubi noma cha. Lokhu kuhlolwa kubheka uhlangothi lokuthi laba bantu bayahamba noma bayahlala yini. Kusho ukuthini ukuthi “bayahamba”? Futhi kusho ukuthini ukuthi “bayahlala”? “Ukuhamba” kusho ukuthi, ngokokuziphatha kwabo, bahlala ezikhundleni zalabo abakhethwe nguNkulunkulu. “Ukuhlala” kusho ukuthi bangahlala nabantu abapheleliswe nguNkulunkulu ngesikhathi sezinsuku zokugcina. Kulabo abahlalayo, uNkulunkulu unezinhlelo ezikhethekile. Ngesikhathi ngasinye somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu uzothumela labo bantu ukuthi babe ngabafundi noma benze umsebenzi wokuvuselela amasonto, noma bawanakekele. Kodwa abantu abakwazi ukwenza lowo msebenzi ababuyiselwa enyameni kaningi njengabangakholwayo, abaphinda bazalwe njalo-njalo; esikhundleni salokho, babuyiselwa emhlabeni ngokwezidingo kanye nezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, kanti ababona abanye balabo ababuyiselwa njalo enyameni. Ngabe ngalokho ikhona yini imithetho ebhekele ukuthi uma sebebuyiseliwe enyameni? Ngabe bafika kanye eminyakeni embalwa? Ngabe beza kaningi kanjalo? Akunjalo. Kuncike kuphi lokhu? Kuncike emsebenzini kaNkulunkulu, ezinyathelweni zomsebenzi Wakhe, nasezidingweni Zakhe, futhi akukho mithetho. Yimuphi umthetho okungukuphela kwawo? Ngukuthi uma uNkulunkulu enza isinyathelo sokugcina somsebenzi Wakhe ezinsukwini zokugcina, abantu Bakhe abakhethiweyo laba babuya beze kubantu. Uma befika bonke, kuzoba yisikhathi sokugcina lesi sokuthi babuyiselwe enyameni. Kungani kunjalo? Lokhu kuncike emiphumeleni ezotholakala ngesikhathi uNkulunkulu enza isinyathelo sokugcina somsebenzi Wakhe—ngokuthi ngalesi sikhathi sesinyathelo sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu uzobaphelelisa ngokugcwele laba bantu abakhethiweyo. Kusho ukuthini lokhu? Uma, ngesikhathi sesinyathelo sokugcina, bepheleliswa laba bantu, futhi benziwa abangenasici, ngeke ngaleso sikhathi babuyiselwe enyameni njengakuqala; isikhathi sabo sokuba ngabantu sizofika ekuphelelisweni kokugcina, njengoba kuzokwenzeka ekubuyiselweni enyameni. Lokhu kukhuluma ngalabo abazosala. Bayaphi-ke labo abangakwazi ukuhlala? Labo abangakwazi ukuhlala banendawo efanele abaya kuyo. Okokuqala—kufana nakwabanye—njengomphumela wokwenza kwabo okubi, amaphutha abawenzile, kanye nezono abazenzile, nabo futhi bayajeziswa. Emva kokujeziswa, uNkulunkulu ubakhipha abathumele ukuba babe nabangakholwayo; njengokufanele izimo, uzolungisela ukuthi babe nabangakholwayo, kungenjalo babe nabantu abehlukahlukene benkolo. Okusho ukuthi, bamelwe ukukhetha kokubili: Okokuqala ukuthi mhlawumbe bahlale nabantu benkolo ethile kulandela ukujeziswa, okunye kube mhlawumbe ukuba ngabangakholwa. Uma beba ngabangakholwa, bazowalahla wonke amathuba. Kanti uma beba ngabantu benkolo—uma, isibonelo nje, beba ngamaKrestu—basenethuba lokubuyela ezikhundleni zokuba ngabakhethwa nguNkulunkulu; kuhlobene ngendlela eyinxakanxaka lokhu. Kafushane nje, uma oyedwa wabakhethwa nguNkulunkulu edelela uNkulunkulu, uzojeza njengawo wonke omunye umuntu. Bheka uPawulu, njengesibonelo, okukhulunyiwe ngaye ekuqaleni. UPawulu uyisibonelo salabo abajeziswayo. Uyawuthola kodwa umqondo walokhu engikhuluma ngakho? Ngabe ukuhlola abakhethwa nguNkulunkulu kuyalungiseka? (Yebo kabanzana.) Ingxenye enkulu iyalungiseka, kodwa ingxenye encane ayilungiseki. Kungani kunjalo? Kungoba benze okubi. Lapha, ngibhekise esibonelweni esisobala: ukwenza okubi. Uma benza okubi, uNkulunkulu akabafuni, kanti uma uNkulunkulu engabafuni, ubaphonsa ezinhlangeni nezinhlobo ezahlukahlukene zabantu, okubashiya bengenathemba, kuphinde kwenze kube lukhuni ukubuya. Konke lokhu yizinto zokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabakhethwa nguNkulunkulu.
  Okulandelayo ukujikeleza kwempilo yokufa nokuphila kwezisebenzi. Sikhulume ngezisebenzi; iyini imvelaphi yazo? (Abanye bazo ngababengakholwayo, abanye bebeyizilwane.) Lezi zisebenzi zabuyiselwa enyameni kade zingabangakholwayo ezinye kade ziyizilwane. Ukufika kwesinyathelo sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhethe kwabangakholwayo iqeqebana labantu abanjalo, kanti yiqeqebana elikhethekile. Inhloso kaNkulunkulu yokukhetha abantu abanje ukuthi benze umsebenzi Wakhe. “Umsebenzi” akulona igama elihle nelizwakalayo, noma into noma ngubani angangena alingane kahle kuyo, kodwa kumele sibheke ukuthi libhekiswe kubani. Kunokubaluleka okukhethekile ebukhoneni bezisebenzi zikaNkulunkulu. Akekho omunye ongenza umsebenzi wazo, ngoba zakhethwa nguNkulunkulu, kanti yilapho-ke lapho kukhona ukubaluleka kobukhona bazo. Yini iqhaza elibanjwa yilezi zisebenzi? Ukusebenzela abakhethwa nguNkulunkulu. Ikakhulu, iqhaza lazo ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, ukubambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nokubambisana ekupheleliseni kukaNkulunkulu abakhethwa Bakhe. Ngaphandle kokuthi bayasebenza, benza umsebenzi othile, noma banikwe okuthile kokwenziwa, siyini isidingo sikaNkulunkulu kulaba bantu? Ngabe uNkulunkulu ufuna okungaphezu kokwenza kubo? (Ucela kuphela ukuthi bethembeke.) Izisebenzi kumele zethembeke. Akubhekwa ukuthi imvelaphi yakho iyiphi, noma kungani uNkulunkulu ekhethe wena, kumele wethembeke: kumele wethembeke kuNkulunkulu, kulokho uNkulunkulu akwethwese khona, nasemsebenzini osemahlombe akho kulokho obekelwe ukuthi ukwenze. Uma izisebenzi zikwazi ukwethembeka, zimenelisa uNkulunkulu, isiphelo sazo sizoba yini? Zizokwazi ukusala. Ngabe kuyisibusiso ukuba yisisebenzi esisalayo? Kusho ukuthini ukusala? Sisho ukuthini lesi sibusiso? Ngokwezinga, zibukeka zingafani nabakhethwa nguNkulunkulu, zibukeka zehlukile. Eqinisweni, nokho, ngabe lokho ezikuzuza zikujabulele kule mpilo akufani nokwabakhethwa nguNkulunkulu? Ezingeni eliphansi kulokhu, kule mpilo kuyafana. Awukuphiki lokhu, yebo? Amazwi kaNkulunkulu, umhawu kaNkulunkulu, ukuhlinzekela kukaNkulunkulu, izibusiso zikaNkulunkulu—ngubani ongekujabulele lokhu? Wonke umuntu uyayijabulela inala engaka. Okuchaza kabanzi isisebenzi ukuthi yisisebenzi, kodwa kuNkulunkulu, bonke abayizisebenzi bangenye yezinto azidalile—ukuthi nje iqhaza lazo ngelokuthi yizisebenzi. Manje uthini, njengesinye sezidalwa zikaNkulunkulu, ukhona umahluko phakathi kwesisebenzi sikaNkulunkulu nokhethwe nguNkulunkulu? Ngokucacile, awukho. Uma sikhuluma ngegama, kunomahluko, ngokwengqikithi futhi ukhona impela umahluko, eqhazeni elibanjwayo ukhona umahluko, kodwa uNkulunkulu akabehlukanisi laba bantu. Kungani pho laba bantu bechazwa njengezisebenzi? Kumele uqonde lokhu. Izisebenzi ziphuma kwabangakholwayo. Ukuphathwa kwegama elithi abangakholwayo kusitshela ukuthi imuva labo libi: Bonke bangabangakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, empilweni yabo edlule bebengabangakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, abakholwanga kuNkulunkulu, bamelene noNkulunkulu, neqiniso, kanye nezinto ezamukelekayo. Abakholwanga kuNkulunkulu futhi abakholwanga ukuthi ukhona uNkulunkulu, ngakho-ke ngabe bamelwe ukukwazi ukuqonda amazwi kaNkulunkulu? Kuyemukeleka ukusho ukuthi, ngokwezinga elikhulu, abaqondi. Njengoba izilwane zingawaqondi amazwi omuntu, izisebenzi aziqondi ukuthi uNkulunkulu uthini, udingani, kungani akha izidingo ezinjengalezo—lezo zinto aziqondakali ezisebenzini, zihlezi zingakhanyiselekile. Ngalesi sizathu, laba bantu abanalo uhlobo lwempilo esesikhulume ngalo. Ngaphandle kwempilo, bangaliqonda abantu iqiniso? Kungabe bahlomile ngeqiniso? Kungabe bahlomile ngamava kanye nolwazi lwamazwi kaNkulunkulu? Eqinisweni cha. Injalo imvelaphi yezisebenzi. Kodwa ngoba uNkulunkulu wenza laba bantu babe yizisebenzi, kusekhona imigomo ezidingweni Zakhe ngabo; akababukeli phansi, akabi ngongabacabangeli. Nakuba bengawaqondi amazwi Akhe, bengenayo nempilo futhi, uNkulunkulu usenawo umusa kubo, isekhona nemigomo yezidingo Zakhe kubo. Ukhulume ngale migomo: Ukwethembeka kuNkulunkulu, kanye nokwenza lokho akushoyo. Emsebenzini wakho kumele usebenze lapho kudingeka khona, futhi usebenze kuze kube sekugcineni. Uma usebenza kuze kube sekugcineni, uma ungaba yisisebenzi esethembekile, ukwazi ukusebenza kuze kube sekugcineni, futhi ukwazi ukuphetha ngokuphelele owethweswe khona nguNkulunkulu, kusho ukuthi uzophila impilo ebalulekile, futhi uzokwazi ukusala. Uma uthi ukwengeza kancane ngaphezulu kwalokho okwenzayo, uma uzama kakhudlwana, ukwazi ukuphinda kabili okwenzayo ukuze umazi uNkulunkulu, ukwazi ukukhuluma kancane ngolwazi lukaNkulunkulu, ukwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, kuthi nangaphezulu, ukwazi ukuqonda okuthile okuyintando kaNkulunkulu, ubambisana emsebenzini kaNkulunkulu, ubhekisisa ngandlela thile intando kaNkulunkulu, wena lapho, njengesisebenzi, izoguquka inhlanhla yakho. Luyini lolo shintsho enhlanhleni yakho? Awuzusala nje kuphela. Ngokokuziphatha kwakho kanye nentshisekelo yakho ukulandela lokhu, uNkulunkulu uzokwenza omunye wabakhethwa Bakhe. Lokhu yikho okuzoba wushintsho enhlanhleni yakho. Ezisebenzini, yini enhle ngalokhu? Ukuthi zizoba ngabanye babakhethwa nguNkulunkulu. Kusho ukuthini-ke ukuthi babe ngabakhethwa nguNkulunkulu? Kusho ukuthi abbuyiselwa enyameni njengezilwane bafane nabangakholwayo. Ngabe kuhle lokho? Kuhle, futhi kuyizindaba ezimnandi. Okusho ukuthi, izisebenzi sezingakwazi ukulungiseka. Akusho ukuthi njengesisebenzi, uma uNkulunkulu ekunika umthwalo wokuba yisisebenzi, uzowenza okokuphela; akunasidingo esinjalo. Ngokokuziphatha kwakho, uNkulunkulu uzokuphatha ngendlela ehlukile, akuphendule ngokuhlukile.
  Kodwa zikhona izisebenzi ezingakwazi ukusebenza kuze kube sekugcineni; ngesikhathi zisebenza, kukhona eziphela amandla phakathi nesikhathi zimshiye uNkulunkulu, kukhona ezenza izinto ezimbi eziningi, kube khona nalezo ezenza umonakalo omkhulu kakhulu ziwenze umonakalo omkhulu nasemsebenzini kaNkulunkulu, kukhona nezisebenzi ezimqalekisayo uNkulunkulu, njalo-njalo—isho ukuthini le miphumela engalungiseki? Noma yisiphi isenzo esibi sisho ukumiswa emsebenzini. Okusho ukuthi, ngoba ukuziphatha kwakho ngesikhathi somsebenzi kube kubi, ngoba udlulile lapho kufanele khona, uma uNkulunkulu ebona ukuthi umsebenzi wakho awanelisi uyasisusa kuwe isidingo sokuthi usebenze, akakuvumeli ukuthi usebenze, uyakususa emehlweni Akhe, nasendlini kaNkulunkulu. Akukhona ukuthi awufuni ukusebenza? Awufisi njalo-njalo ukwenza okubi? Awuyena ongethembekile njalo? Lapho-ke, kunesixazululo esilula: Uzothathelwa ukufaneleka kokusebenza. NgokukaNkulunkulu, ukuthatha Kwakhe esisebenzini ukufaneleka kokusebenza kwaso kusho ukuthi isiphelo saleso sisebenzi sesinqunyiwe, ngakho, asisafanele ukusebenzela uNkulunkulu, uNkulunkulu akasenaso isidingo somsebenzi waso, noma singakhuluma amazwi amahle kangakanani awasasho lutho. Uma izinto sezifika kuleli zinga, lesi simo sizoba ngesingalungiseki; izisebenzi ezifana nalesi azinakho ukubuyela emuva. UNkulunkulu ululungisa kanjani udaba olunjengalolu ezisebenzini ezinjengalesi? Kungabe uvele azimise nje emsebenzini? Cha. Kungabe uyazivimba zingasali? Noma mhlawumbe uzibeka eceleni, ame elinde ukuthi ziguquke? Akakwenzi lokho. UNkulunkulu akazithandi kangako izisebenzi, ngokweqiniso. Ngakho uma umuntu eziphethe ngale ndlela emsebenzini kaNkulunkulu, uNkulunkulu, ngesizathu salokhu kuziphatha, uzemuka ukufaneleka ukusebenza, aphinde futhi aziphonse emuva kwabangakholwayo. Siyini isiphetho somuntu oyisisebenzi ophindiselwe emuva kwabangakholwayo? Siyafana nesalabo abangakholwayo: kuba ukubuyiselwa enyameni abe yisilwane athole isijeziso sabangakholwayo emhlabeni kamoya. Kanti uNkulunkulu akazibandakanyi Yena Uqobo ekujezisweni kwabo, ngoba abasawulungele umsebenzi kaNkulunkulu. Akubi ukuphela kwesiphetho sempilo yabo yokukholwa kuNkulunkulu, kodwa isigcino sesiphetho sabo, ukunqunywa kwesiphetho sabo, ngakho uma izisebenzi sizebenza kabi, ziyothwala imiphumela ngokwazo. Uma isisebenzi singakwazi ukusebena kuze kube sekugcineni, noma sephucwa ukufaneleka kokusebenza phakathi nesikhathi, siphonswa kwabangakholwayo—kuthi uma siphonswa kwabangakholwayo siphathwe ngendlela efanayo nokuphathwa ngayo imfuyo, ngendlela efanayo nokuphathwa ngayo abantu abangenakho ukuhlakanipha nokucabanga. Uma ngiyibeka kanje uyaqonda, yebo?
  Lokho yindlela uNkulunkulu aphatha ngayo ukujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabakhethwa Nguye kanye nezisebenzi Zakhe. Uzizwa kanjani emva kokuzwa lokhu? Ngake ngakhuluma ngalesi sihloko engikhulume ngaso, isihloko sabakhethwa nguNkulunkulu kanye nezisebenzi? Ngike ngakhuluma ngaso, kodwa anisakhumbuli. UNkulunkulu ulungile kwabakhethwa Nguye kanye nasezisebenzini. Ulungile kukho konke, akungabazeki lokhu. Mhlawumbe, kunabantu abazothi: “Khona-ke kungani uNkulunkulu ebabekezelela kangaka abakhethwa? Yini ebekezela kancane uma kuza ezisebenzini?” Ukhona umuntu ofuna ukuzisukumela izisebenzi? “Angekwenze uNkulunkulu ukuthi azelulele isikhathi izisebenzi, athi ukuzibekezelela azimele?” Ngabe afanelekile la mazwi? (Cha, akunjalo.) Kungani engafanelekile? (Kungoba sikhonjiswe ukuthandwa ngokuthi nje siphiwe ithuba lokuba yizisebenzi.) Izisebenzi zikhonjiswe ukuthandwa ngokuthi nje ziphiwe ithuba lokuba yizisebenzi! Ngaphandle kwegama elithi “izisebenzi,” nangaphandle komsebenzi wezisebenzi, bezizoba kuphi lezi zisebenzi? Kulabo abangakholwayo, ziphila futhi zifa kanye nemfuyo. Mkhulu umhawu abawujabulela namuhla, ukuvunyelwa ukuba phambi kukaNkulunkulu, kanye nokuba sendlini kaNkulunkulu! Umhawu omkhulu lona! Uma uNkulunkulu ubengakunikanga ithuba lokumsebenzela, bewungeke ulithole ithuba lokuza phambi kukaNkulunkulu. Ukuphawula nje kancane, noma ngabe ungumBuddha futhi uzuze ukungafi, ngaphezu kwalokho uyisithunywa emhlabeni kamoya; awusoze uhlangane noNkulunkulu, noma uzwe izwi Lakhe, noma uzwe amazwi Akhe, noma uzwe izibusiso nothando Lwakhe kuwe, ngeke futhi ukwazi nangelinye ilanga ukumbona ubuso nobuso. KumaBuddha kukhona kuphela imisebenzi elula. Awakwazi ukwazi uNkulunkulu, anamathela njengabangaboni agcine imiyalelo, kanti izisebenzi zizuza okuningi kabi ngesikhathi somsebenzi! Okokuqala, zikwazi ukubonana ubuso nobuso noNkulunkulu, ukuzwa izwi Lakhe, ukuzwa amazwi Akhe, ukuhlangabezana nomhawu kanye nezibusiso Zakhe azinika abantu. Ngaphezu kwalokho, zijabulela amazwi namaqiniso eziwanikwa nguNkulunkulu. Zizuza okukhulu kakhulu! Kakhulu! Ngakho uma, njengesisebenzi, ungakwazi ukuthatha isinyathelo esifanele, uNkulunkulu angakugcina? Akaceli ngisho okungakanani kuwe! UNkulunkulu akakwazi ukukugcina; akukho akucelayo okwenza ngendlela eyiyo, awunamathelanga emsebenzini wakho—ngakho-ke, ngaphandle kokungabaza, uNkulunkulu akakwazi ukukugcina. Lokhu kuwukuziphatha kukaNkulunkulu okunokulunga. UNkulunkulu akakuvikeli ngokweqile, futhi akakukhiphi inyumbazana. Lokhu kuyimigomo enza ngayo izinto uNkulunkulu. UNkulunkulu wenza kanje kubantu bonke nezidalwa zonke.
 Ukubhekisa emhlabeni kamoya, uma abehlukahlukene kwabaphilayo benza okungafanele, uma bengawenzi umsebenzi wabo ngendlela eyiyo, uNkulunkulu unayo imithetho ehambisana nalokho emithethweni yasezulwini enemiyalelo alungisa ngayo—kuliqiniso lokhu. Ngakho esikhathini esiyiminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa yokuphatha kukaNkulunkulu imisebenzi Yakhe, ezinye izithunywa Zakhe zenze izinto ezingafanele yanqanyulwa impilo yazo, ezinye, namuhla, zisabanjwa zijeziswe. Lokhu kufanele babhekane nakho bonke abantu emhlabeni kamoya. Uma benza okungafanele noma benza okubi, bayajeziswa—okuyindlela ayisebenzisa ngokuphelele uNkulunkulu kwabakhethwa Nguye kanye nasezisebenzini. Ngakho, noma ngabe kusemhlabeni kamoya noma emhlabeni wezinto ezibambekayo, imigomo elandelwa nguNkulunkulu ayiguquki. Noma uyazibona izenzo zikaNkulunkulu noma cha, imigomo kayiguquki. Zikhathi zonke, uNkulunkulu ulokhu egcine imigomo efanayo yezinto zonke kanye nasekwenzeni Kwakhe izinto. Lokhu akunakucelwa inselele. UNkulunkulu uyoba nomusa kulabo abangakholwayo abaphila ngendlela eyamukelekayo, bese egcinela amathuba labo abasenkolweni abaziphethe kahle nabangenzi ububi, ebavumela ukuthi babambe iqhaza ezintweni zonke ezilawulwa nguNkulunkulu, benze lokho abamiselwe ukuthi bakwenze. Ngokufanayo, kulabo abalandela uNkulunkulu, abakhethwa Nguye, uNkulunkulu akabakhiphi inyumbazana ngokwemigomo Yakhe. Unomusa kubo bonke abamlandela ngokuyiqiniso, uthanda bonke abamlandela ngokuyiqiniso. Kuphela nje kulezi zinhlobo eziningi zabantu – abangakholwayo, abaningi kwabenkolo, kanye nabakhethwa nguNkulunkulu—akwethwesa bona kwehlukile. Bheka abangakholwayo: Nakuba bengakholwa uNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu ubabona benjengemfuyo, kuzo zonke izinto bona ngamunye banokudla abakudlayo, indawo yabo, kanye nokujikeleza okujwayelekile kwempilo yokuphila nokufa. Labo abenza okubi bayajeziswa, kuthi labo abenza okuhle babusiswe futhi bathole umusa kaNkulunkulu. Kunjalo nje. Kubantu benkolo, uma bekwazi ukunamathela ngokuqinisileyo emithethweni yenkolo ukuphinda bazalwe baphinde bazalwe, emva kwakho konke lokhu kuphinda bazalwe okuningi uNkulunkulu uzophetha ngokumemezela okuthile kubo. Ngokufanayo, kubo bonke abahlezi lapha namuhla, noma bangaba ngabanye babakhethwa nguNkulunkulu noma izisebenzi, uNkulunkulu uzobaqondisa abheke isiphelo sabo ngokwemithetho nemiyalelo yokulawula Kwakhe ayibekileyo. Bheka, kulezi zinhlobo eziningi zabantu—izinhlobo eziningi zabantu benkolo, nabasezinhlotsheni eziningi zokukholwa—kungabe uNkulunkulu ubaphile izindawo zokuhlala? Ikuphi inkolo yobuJuda? Ngabe uNkulunkulu uyiphazamisile inkolo yabo? Nakancane. UbuKrestu bona? Akabuphazamisanga nakancane. Ubayekela ukuthi balandele ezabo izinqubo, akakhulumi nabo, noma abakhanyisele, futhi, ngaphezu kwalokho, akabavezeli lutho: “Uma ucabanga ukuthi kulungile, kholwa ngale ndlela!” AmaKhatholika akholelwa kuMariya, nokuthi izindaba zadlula zaya kuJesu zidlula ngoMariya; lokhu kuyinkolo yabo. Ngabe uNkulunkulu uke wayilungisa inkolo yawo? UNkulunkulu uwaphe ukuzibusa okukhululekile, akawanaki, uwanike ngisho indawo yokuthi ahlale kuyo. KumaMuslim namaBuddha, kungabe unjalo nakuwo? Uwabekele imingcele, nawo, futhi awavumele ukuthi ahlale ezindaweni zawo, ngaphandle kokuphazamisa enkolweni yawo. Konke kuhlelwe kahle. Yini oyibona kukho konke lokhu? Ukuthi uNkulunkulu ugajwa yigunya lokuphatha, kodwa akalisebenzisi ngeze igunya Lakhe. UNkulunkulu uhlela zonke izinto ngokuyikho, ngendlela eyiyo, kulokhu kubonakala ubuhlakani kanye nobukhulu Bakhe.
  Namhlanje sikhulume ngesihloko esisha esikhethekile, esithinta izindaba zomhlaba kamoya, okuyingxenye eyodwa yokuphatha kukaNkulunkulu kanye nokubusa Kwakhe phezu komhlaba kamoya. Uma ungaziqondanga lezi zinto, ngabe uthe: “Zonke izinto ezibandakanya lokhu ziyimfihlakalo, azisondelene nokuqala kwethu impilo; lezi zinto kazihlangani nendlela abantu abaphila ngayo empeleni, futhi asidingi ukuziqonda, asifuni nokuzizwa. Azinalutho oluzihlanganisa nokwazi uNkulunkulu.” Manje, ucabanga ukuthi kunenkinga ukucabanga ngale ndlela? Kulungile? Ukucabanga kanje akulungile, kunezinkinga ezijulile. Kungoba, uma ufisa ukuqonda ukuthi UNkulunkulu ubusa kanjani phezu kwazo zonke izinto, awunakuqonda kalula nje izinto ozibonayo nozizuzayo ngokucabanga kwakho. Kumele uqonde nezinye zomunye emhlabeni ongabonakali kuwe, kodwa oxhumene ngokungaphikiseki nalo mhlaba owubonayo. Lokhu kumayelana nobukhulu bukaNkulunkulu, kumayelana nesihloko esithi: “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto”; wulwazi olumayelana nalokho. Ngaphandle kwalolu lwazi, bekuyoba nezinkinga namaphutha olwazini lwabantu mayelana nokuthi UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto. Ngalokho, esikhulume ngakho namuhla kungashiwo ukuthi kuqoqa konke esikhulume ngakho ngaphambi kwalokhu, kanye nengqikithi ethi “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto.” Uma sesikuqonda lokhu, uyakwazi manje ukumazi uNkulunkulu ngenxa yale ngqikithi? Yikuphi okubalulekile? Namuhla, ngidlulise ulwazi olubaluleke kakhulu kinina: imfihlo yezisebenzi. Ngiyazi ukuthi niyathanda ukuzwa ngezihloko ezifana nalesi, ukuthi niyazikhathalela lezi zinto, ngakho nanelisiwe ngengikhulume ngakho namuhla? (Yebo, sanelisiwe.) Ningangazazi kahle ezinye izinto, kodwa ningaba nalo ulwazi ngokushiwo ngezisebenzi, ngokuthi lesi sihloko sithinta umphefumulo wawo wonke umuntu kini.
        2. Izidingo ZikaNkulunkulu Esintwini
   1) Ubunjalo Kanye Nesimo SikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe
   Sesifike ekugcineni kwesihloko esithi “UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto,” nesithi “UNkulunkulu Uqobo unguNkulunkulu Ohlukile.” Ngoba sesikwenzile lokho, sekudingeka senze isifinyezo. Luhlobo luni lwesifinyezo? Isifinyezo esimayelana noNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ngokuthi simayelana noNkulunkulu Uqobo Lwakhe, kuzofuneka sithinte yonke into ngoNkulunkulu, sihambisane nendlela abantu abakholwa ngayo nguNkulunkulu. Ngakho, okokuqala kufuneka nginibuze: Njengoba seniyizwile intshumayelo, ungubani uNkulunkulu ngokubona kwemiqondo yenu? (NguMdali.) UNkulunkulu ngokubona kwemiqondo yenu unguMdali. Kukhona okunye? UNkulunkulu uyiNkosi yezinto zonke; uNkulunkulu Nguye obuse phezu kwazo zonke izinto, futhi olawula zonke izinto. Wadala konke okukhona, uphinda abuse phezu kwakho konke okukhona ahlinzekele konke okukhona. Lesi yisimo sikaNkulunkulu, ubunjalo bukaNkulunkulu lobo. Ngoba zonke izinto kanye nakho konke okukhona, uNkulunkulu Nguye onguMdali, futhi Nguye uMbusi wazo zonke izinto. Lobo wubunjalo ayibo uNkulunkulu, futhi wehlukile kuzo zonke izinto. Asikho isidalwa sikaNkulunkulu—singaba kubantu, noma emhlabeni kamoya—esingasebenzisa noma ini ukuzenza noma ukuthatha indawo kaNkulunkulu nobunjalo kanye nesimo Sakhe, ngokuthi ukhona munye kuphela ezintweni zonke onobunjalo Bakhe, amandla, igunya, kanye nekhono lokubusa phezu kwazo zonke izinto: uNkulunkulu wethu Uqobo ohlukile. Uhlala aphinde ahambele zonke izinto; ukwazi ukukhuphukela ezindaweni eziphakeme, ngaphezu kwazo zonke izinto; ukwazi ukuzithoba ngokuthi abe ngumuntu, abe ngoyedwa wethu esisenyameni negazi, ahlangabezane nabantu ubuso nobuso ehlanganyela ubuhlungu nathi ebubula; ngasikhathi sinye, eyala konke okukhona, enquma isiphelo sakho konke okukhona, enika inkombandlela okumele kuyithathe; ngaphezu kwalokho, uhlahla indlela yesiphelo somuntu, nenkombandlela yomuntu. UNkulunkulu ofana nalona udinga ukudunyiswa, ukulalelwa, kanye nokwaziwa yikho konke okuphilayo. Ngakho, ngaphandle kokunaka ukuthi umuntu ukuliphi iqembu noma uhlobo, ukukholwa nguNkulunkulu, ukumlandela uNkulunkulu, ukumesaba uNkulunkulu, ukwamukela umthetho kukaNkulunkulu, nokwamukela izinhlelo zikaNkulunkulu ezithinta isiphelo sakho ukuphela kwento edinga ukukhethwa, ukukhetha okunesidingo, kunoma yimuphi umuntu, kunoma yini ephilayo. Ekubeni ngohlukile kukaNkulunkulu, abantu bayabona ukuthi igunya Lakhe, ukulunga nokuziphatha Kwakhe, ubuYena, kanye nendlela ahlinzekela ngayo ezintweni zonke kwehlukile; ukwehluka Kwakhe kuveza ubunjalo Bakhe obuyiqiniso Ngaye Uqobo, futhi kuveza isimo Sakhe. Ngakho, kuzo zonke izidalwa, uma abaphila emhlabeni kamoya noma esintwini bebefise ukuma esikhundleni sikaNkulunkulu, bekungeke kwenzeke, bekuyofana nokuzama ukuzenza uNkulunkulu. Yiqiniso leli. Yiziphi izidingo zomuntu ongokaMdali noMbusi ofana nalona, onobunjalo, amandla, nesimo sikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe? Kumele kucace lokhu kinina nonke enilapha namhlanje, futhi kumele kukhunjulwe yinina, kanti kubalulekile Kuye uNkulunkulu kanye nakumuntu!
   2) Ukuhlukahlukana Kokuziphatha Kwesintu kuNkulunkulu
  Indlela abantu abaziphatha ngayo kuNkulunkulu iyona enquma isiphelo sabo, futhi iyona enquma ukuthi uNkulunkulu kumele aziphathe aphinde abaphathe kanjani. Kulesi sikhathi ngizonikeza izibonelo ezimbalwa ukuthi abantu baziphatha kanjani kuNkulunkulu. Make sizwe ukuthi ukuziphatha nemikhuba okubhekiswa kuNkulunkulu kufanelekile yini noma cha. Make sibheke ukuziphatha kwalaba bantu abayisikhombisa abalandelayo:
  a. Kunohlobo lomuntu okuziphatha kwakhe phambi kukaNkulunkulu kuyamangaza nje kakhulu. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyiBodhisattva noma ungumuntu ongcwele onobuhlakani bomuntu, udinga abantu bamkhothamele izikhathi ezintathu uma behlangana Naye bashise impepho emva kokudla. Ngalokho uma, ezinhliziyweni zabo, bebonga uNkulunkulu ngomhawu Wakhe, bebonga kuNkulunkulu, baba nesigubhugubhu ezinhliziyweni zabo. Bafisa ukuthi lo Nkulunkulu abamkhonza namuhla, njengongcwele abamfisayo ezinhliziyweni zabo, angamukela ukuziphatha kwabo Kuye ngoba bakhothama kathathu uma behlangana Naye, bashise nempepho uma beqeda ukudla.
  b. Abanye abantu babona uNkulunkulu enjengomBuddha elikwazi ukususa konke okuphilayo ekuhluphekeni, elinokubasindisa; babona uNkulunkulu engumBuddha ophilayo okwazi ukubakhipha olwandle lwezinkathazo. Laba bantu ukukholwa kwabo kuNkulunkulu ukuba bamkhonze uNkulunkulu sengathi ungumBuddha. Nakuba bengashisi mpepho, ikowtow, noma banikele iminikelo, ezinhliziyweni zabo uNkulunkulu ungumBuddha onjalo nje, futhi ufuna babe nomusa baphe, bangabulali lutho oluphilayo, bangethuki abanye abantu, baphile impilo ebonakala inokwethembeka, bangenzi lutho olubi—kube yilezi zinto kuphela. Lona nguNkulunkulu osezinhliziyweni zabo.
   c. Abanye abantu bakhonza uNkulunkulu njengomuntu omkhulu noma odumile. Isibonelo, noma ngandlelani lo muntu athanda ukukhuluma ngayo, noma yingaliphi izwi alikhulumayo, amagama olimi awasebenzisayo, izwi lakhe, iminyakazo yesandla, imibono kanye nezenzo zakhe, ukuqonda kwakhe—bayakubonela konke, kanti yizinto lezi okumele babe nazo ngenkathi behamba inkambo yokukholwa nguNkulunkulu.
   d. Abanye abantu babona uNkulunkulu engumphathi omkhulu, bezwa sengathi ungaphezu kwakho konke okunye, akekho okwazi ukumedelela—uma bekwenzile lokho, bazojeziswa. Bakholwa yilo mphathi ngoba abaphathi banendawo ethile ezinhliziyweni zabo. Imicabango, indlela yokuziphatha, igunya kanye nobunjalo babaphathi—izinto abazithandayo kanye nempilo yabo nje—konke kuba yinto laba bantu okumele bayiqonde, izindaba abazikhathalelayo, ngakho bakhonza uNkulunkulu sengathi ungumphathi. Lokhu kukholwa kuyihlaya.
  e. Abanye abantu banokukholwa okuthile ebukhoneni bukuNkulunkulu, okujulile nokunganyakaziseki. Kungoba ulwazi ngoNkulunkulu luncane kangangoba abanawo amava amazwi ngoNkulunkulu, bayamdumisa nje njengesithombe. Lesi sithombe nguNkulunkulu osezinhliziyweni zabo, yinto nje okumele bayesabe bayikhothamele, okumele bayilandele bayilingise. Babona uNkulunkulu eyisithombe, leso okumele basilandele impilo yabo yonke. Balingisa izwi akhuluma ngalo uNkulunkulu, ngaphandle balingisa labo abathandwa nguNkulunkulu. Bavame ukwenza izinto ezikhombisa ukungakhuli ngomqondo, eziyizo ngokuphelele, ezethembekile, kanti balandela lesi sithombe njengesiwumlingani noma wudobolwana abangasoze behlukana naye. Lokho yikhona kukholwa kwabo.
  f. Kunalabo bantu, nakuba befunde okuningi ngoNkulunkulu namazwi aKhe bezwa ngezintshumayelo, abezwa ezinhliziyweni zabo ukuthi umthetho okungukuphela kwawo wokuziphatha kuNkulunkulu ukuthi kumele bamkholwe sengathi abaphilile futhi abacabangi, noma kumele bamdumise uNkulunkulu bamphakamise ngendlela engaphezu kokwenza. Bakholwa ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu odinga ukuthi baziphathe ngendlela yokuthi, uma bengakwenzi lokho, noma kunini bangase bavuse ulaka Lwakhe khona noma bone Kuye, nokuthi imiphumela yokona kuyodingeka uNkulunkulu abajezise. Lowo nguNkulunkulu osezinhliziyweni zabo.
 g. Bese kuba neningi labantu, abazitholela ukunethezeka komoya kuNkulunkulu. Kungoba baphila kulo mhlaba, abanakho ukuthula nenjabulo, abakutholi ndawo ukududuzeka. Emva kokuthola uNkulunkulu, uma sebebone baphinda bezwa amazwi Akhe, ezinhliziyweni zabo bajabulela ngasese bathakase. Kungani kunjalo? Bakholwa ukuthi ekugcineni bathole indawo ezobanika injabulo, ukuthi ekugcineni bamtholile uNkulunkulu ozobapha ukuphumula emoyeni. Kungoba, emva kokwamukela uNkulunkulu baqala ukumlandela, bayajabula, impilo yabo iyapheleliseka, abasafani nabangakholwayo, abaphupha behamba empilweni njengezilwane, bezwa kukhona into abethembele kuyo empilweni. Ngalokho, bacabanga ukuthi lo Nkulunkulu wenelisa izidingo emoyeni wabo uletha futhi ukujabula okukhulu emqondweni nasemoyeni. Bengazelele, abakwazi ukushiya lo Nkulunkulu obapha ukuphumula emoyeni, obanika injabulo emoyeni wabo nasemndenini wonke. Bakholwa ukuthi ukukholwa uNkulunkulu akudingi okungaphezu kokuphumula emoyeni.



 Ngabe ukuziphatha phambi kukaNkulunkulu kwalezi zinhlobo ezahlukahlukene zabantu kukhona kinina? (Kukhona.) Uma, ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, kukhona onhliziyo yakhe inalokhu kuziphatha, bayakwazi ukuma ngeqiniso phambi kukaNkulunkulu? Uma kukhona onhliziyo yakhe inalokhu kuziphatha, bayakholwa kuNkulunkulu? Bayakholwa ukuba Kwakhe nguNkulunkulu ohlukile Uqobo Lwakhe? Njengoba ungakholwa kuNkulunkulu owehlukile Uqobo Lwakhe, ukholwa kubani? Uma lokho okholwa yikho kungeyena uNkulunkulu Uqobo owehlukile, kungenzeka ukuthi ukholwa yisithombe, noma yindoda enkulu, noma yiBodhisattva, ukuthi udumisa ubuBuddha enhliziyweni yakho. Ngale kwalokho, kungenzeka ukuthi ukholwa ngumuntu ojwayelekile nje. Uma sihlanganisa, ngenxa yokukholwa kwabantu okuhlukahlukene nokuziphatha kwabo phambi kukaNkulunkulu, abantu banoNkulunkulu wabo nje wokuzakhela ezinhliziyweni zabo, bakha isithombe emqondweni ngoNkulunkulu, babeka ukuziphatha nemicabango yabo ngoNkulunkulu ndawonye noNkunkulu Uqobo ohlukile, bese bemphakamisa ukuthi adunyiswe. Kusho ukuthini uma abantu beba nokuziphatha okungafanele kanje phambi kukaNkulunkulu? Kusho ukuthi bayamphika uNkunkulu Uqobo weqiniso ukuba bakhonze uNkulunkulu wamanga, bese kusho ukuthi ngesikhathi esifanayo bakholwa kuNkulunkulu, baphika uNkulunkulu, bamelene Naye, bayakuphika ukuba khona kukaNkulunkulu weqiniso. Uma abantu bebambelela kulolo hlobo lokukholwa, izoba yini imiphumela yabo? Uma bekholwa kanjalo, kungabe bayasondela ekweneliseni izidingo zikaNkulunkulu? Ngasohlangothini oluphikayo, ngenxa yokuqubuka kwemicabango, laba bantu bazoqhela kakhulu kuNkulunkulu nezindlela Zakhe, ngoba indlela abayifunayo yileyo engayi lapho uNkulunkulu edinga ukuthi baye khona. Uke wayizwa indaba ethi “ukuya eningizimu ushayela inqola eya enyakatho”? Lokhu kungasho ukuhamba ngenqola eya enyakatho wena uya eningizimu. Uma abantu bekholwa uNkulunkulu ngendlela ewubulima kanjalo, kusho ukuthi noma ungazama kanzima kanjani, uzoqhela kakhulu kuNkulunkulu. Ngakho-ke ngikwexwayisa ngalokhu: Ngaphambi kokuthi uqhubeke, kumele uqale ngokuhlukanisa kuqala ukuthi ulandela inkombandlela efanele yini. Qonda ukuthi uya kuphi emizameni yakho uwedwa, qiniseka ukuthi uyazibuza ukuthi, “Ngabe uNkulunkulu engimkholwayo Nguye uMbusi phezu kwezinto zonke? Ngabe lo Nkulunkulu engimkholwayo ngumuntu onginika ukudla komoya nje kuphela? Ngabe uyisithombe sami? Ucelani lo Nkulunkulu kimi? Ngabe uNkulunkulu uyakwamukela konke engikwenzayo? Ngabe konke engikufunayo kungukufuna ukwazi uNkulunkulu? Ngabe kuhambisana nokudingwa nguNkulunkulu kimi? Ngabe indlela engiyihambayo uyayibona futhi uyayamukela uNkulunkulu? Ngabe uNkulunkulu wanelisiwe ukukholwa kwami?” Kumele njalo uzibuze ngokuphindaphinda le mibuzo. Uma ufuna ukwazi uNkulunkulu, kumele ube nonembeza kanye nezinjongo ezicacile ngaphambi kokuthi ukwazi ukwanelisa uNkulunkulu.
 Kungenzeka, ngokwemiphumela yokubekezela kwakhe, uNkulunkulu unokwamukela ngokukhononda nokho lokhu kuziphatha okungekuhle esengikhulume ngakho? Angahle akuncome yini uNkulunkulu ukuziphatha kwalaba bantu? Yiziphi izidingo zikaNkulunkulu kubantu kanye nakulabo abamlandelayo? Kuyacaca ukuthi udinga kuphi ukuziphatha kubantu? Sengisho okuningi, ngikhulumile kakhulu ngesihloko sikaNkunkulu Uqobo Lwakhe, kanye nangezenzo zikaNkulunkulu nokuthi unani futh uyini. Niyazi manje ukuthi uNkulunkulu ufisa ukuzuzani kubantu? Uyazi ukuthi uNkulunkulu ufunani kuwe? Khulumani. Uma ulwazi lwenu oluvela kwenikwaziyo nezinto ezenzekile luseluncane noma lulula, ungasho okuthile ngolwazi lwala magama. Unakho okufinyeziwe okuwulwazi? UNkulunkulu ufunani kumuntu? (Ukwethembeka nokugcina imiyalelo.) Yini enye, ngaphandle kokwethembeka nokugcina imiyalelo? Abanye abafowethu nawodadewethu nabo bangakhuluma. (Ngenkathi sixoxa kaningi, uNkulunkulu ushilo ukuthi udinga simazi, sazi izenzo Zakhe, sazi ukuthi ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto, futhi ucela ukuthi sazi isimo Sakhe kanye nobunjalo Bakhe, sazi umsebenzi wethu njengezidalwa zikaNkulunkulu. Ube namazwi acacile mayelana nokuthi yini okumele sizinikele kuyo ngawo wonke amandla ethu, akudinga kithi, uhlobo lwabantu abathandayo, kanye nohlobo aluzondayo.) Okunye yini umphumela wokucela kukaNkulunkulu ukuthi abantu bamazi? (Bayazi ukuthi uNkulunkulu unguMdali, nokuthi abantu bayizidalwa eziphilayo.) Uma bethola lolo lwazi, luba yini uguquko ekuziphatheni kwabantu phambi kukaNkulunkulu, ukuziphatha kanye nendlela yokukwethula, noma isimo empilweni yabo? Uke wakucabanga lokhu? Kungashiwo ukuthi, emva kokumazi uNkulunkulu, nokumqonda, baba ngabantu abalungile? (Ukukholwa uNkulunkulu akukhona ukufuna ukuba ngumuntu omuhle.) Ngakho kumele babe luhlobo luni lwabantu? (Kumele babe ngabantu abakufanele ukuba izidalwa zikaNkulunkulu.) (Kumele bethembeke.) Ngabe kukhona okunye? (Kumele babe ngabantu abazinikele kuNkulunkulu nohlelo Lwakhe, babe ngabantu abamdumisa ngeqiniso nabathanda uNkulunkulu.) (Kumele babe nonembeza kanye nokuhlakanipha, babe ngabakwazi ukugcina ngeqiniso imiyalelo kaNkulunkulu.) Bese kuba yini enye? (Emva kokumazi ngeqiniso kanye nangokufanele uNkulunkulu, siyakwazi ukuziphatha phambi kukaNkulunkulu njengoNkulunkulu, siyohlala sazi ukuthi uNkulunkulu nguNkulunkulu, ukuthi siyizidalwa eziphilayo, kumele simdumise uNkulunkulu, bese sima endaweni yethu.) Kuhle kakhulu! Masizwe kwabanye. (Ubuhlobo bukaNkulunkulu nabantu benza ukuthi sazi igunya likaNkulunkulu ekubuseni Kwakhe phezu kwezinto zonke, kusivumela samukele ukuthi unguMbusi phezu kwezinto zonke, ukuze sizinikele ezindaweni uNkulunkulu asilungisela zona nsuku zonke, sikwazi ukuzinikela ngokweqiniso emsebenzini esiwunikwe nguNkulunkulu.) (Siyamazi uNkulunkulu, ekugcineni siyakwazi ukuba ngabantu abagcina imiyalelo kaNkulunkulu, simdumise uNkulunkulu, futhi siphebeze ububi.) Kunjalo!
   3) Ukuziphatha Okudingwa uNkulunkulu Isintu Okumele sibe nakho Kuye
  Eqinisweni, uNkulunkulu akagcinezeli muntu ngakufunayo kuye—okungenani, akagcinezeli abantu ngendlela abaningi abayicabangayo. Ngaphandle kwamazwi kaNkulunkulu, noma ukuziveza isimo Sakhe, izenzo, noma amazwi, kusho ukuthi ukwazi uNkulunkulu kungaba lukhuni kakhulu kuwe, ngoba abantu kungadingeka babe nencazelo ngobunjalo bukaNkulunkulu kanye nezinjongo Zakhe, okulukhuni kakhulu kubo. Kodwa ngokwesinyathelo sokugcina somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu ukhulume ngamazwi amaningi, wenza umsebenzi omkhulu, wenza izidingo eziningi enzela umuntu. Emazwini Akhe, nasemsebenzini Wakhe omkhulu, usebazisile abantu ukuthi uthandani, akuzondayo, nokuthi bamelwe ukuba ngabantu abanjani. Emva kokuqonda lezi zinto, ezinhliziyweni zabo abantu bekumele babe nencazelo enembayo yezidingo zikaNkulunkulu, ngoba abakholelwa kuNkulunkulu phezu kokungacaci nokuba kude naye, abasakholelwa kuNkulunkulu ongacacile, noma ukulandela uNkulunkulu kokungacaci nokuba kude, nobuze; esikhundleni salokho, abantu bayakwazi ukuzwa amazwi kaNkulunkulu, bayakwazi ukuqonda izimiso zezidingo Zakhe, bazifeze, bese uNkulunkulu esebenzisa ulimi lwesintu ukwazisa abantu ngakho konke okumele bakwazi futhi bakuqonde. Namuhla, uma abantu bangangazazi izidingo zikaNkulunkulu kubo, ukuthi uNkulunkulu uyini, kungani bekholwa kuNkulunkulu, nokuthi kumele bakholwe wuNkulunkulu baziphathe kahle phambi kwakhe, kulokhu kunenkinga. Manjena nje nina ngamunye nikhulume ngendawo eyodwa; kukhona izinto enizaziyo, noma ngabe zibaluliwe noma ngezijwayelekile—kodwa ngifisa ukunitshela okufanele, okuphelele, kanye nezidingo ezithile zikaNkulunkulu azidinga kumuntu. Ngamazwi nje ambalwa, alula kakhulu futhi. Kungenzeka ukuthi seniyawazi lawo mazwi. UNkulunkulu unezidingo ezifanelekile azilindele kumuntu kanye nakulabo abamlandelayo kanti yilezi. UNkulunkulu udinga izinto ezinhlanu kulabo abamlandelayo: ukukholwa okuliqiniso, ukumlandela ngokwethembeka, ukugcina imiyalelo Yakhe ngokuphelele, ulwazi oluyiqiniso, nokumdumisa okuphuma enhliziyweni.
   Kulezi zinto ezinhlanu, okokuqala uNkulunkulu udinga ukuthi abantu bangabi nemibuzo Ngaye, noma bamlandele besebenzisa izithombe ezisemiqondweni yabo Ngaye noma ngendlela engacacile nekude; kumele bangamlandeli uNkulunkulu begcwele imifanekiso emiqondweni yabo noma benokucabangela. UNkulunkulu udinga ukuthi wonke umuntu kwabamlandelayo akwenze ngokwethembeka lokho, hhayi ngenhliziyo engaphelele noma ngokungazinikeli. Uma uNkulunkulu enza izidingo kuwe, ukukuhlola, ukukwahlulela, ekuhluba ekucwecwa, noma ekunika iziyalo nemivimbo, kumele umthobele. Akumele ubuze imbangela, noma uzakhele imibandela, ikakhulukazi yekela ukukhuluma ngezizathu. Ukugcina kwakho imiyalelo Yakhe kumele kube ngokumiyo. Ukwazi uNkulunkulu yiphuzu abantu abangebahle neze neze kulo. Bavame ukunika uNkulunkulu izisho, izinkulumo, amazwi angahambisani Naye, bekholwa ngukuthi lawo mazwi yiwo achaza ngokunembayo ulwazi lwabo ngoNkulunkulu. Ulwazi lwabo ngalezi zisho luncane kakhulu, izisho ezivela kubantu nemicabango yabo, nemifanekiso yemiqondo yabo, kanye nokuhlakanipha kwabo, azihlobani nhlobo notho uNkulunkulu ayilo. Ngakho, engifuna ukunitshela khona ukuthi, olwazini kubantu abafiswa wuNkulunkulu, uNkulunkulu akaceli ukuthi uvele umazi nje uNkulunkulu namazwi Akhe, kodwa kumele ulwazi lwakho lukaNkulunkulu lushaye emhlolweni. Noma ungakhuluma umusho owodwa, noma ube ngowazi okuncane ngoNkulunkulu, lokho okuncane makube ngokuyikho okuliqiniso futhi, kuhambisane notho uNkunkulu Uqobo Lwakhe ayilo. UNkulunkulu uyabazonda abantu abamncoma bamphakamise ngokungekhona nokungahloliwe. Ngaphezu kwalokho, uzonda ukubona abantu bemthatha njengomoya ovunguzayo. Uyakuzonda lokho, ukuthi uma kuxoxwa ngezihloko ezithinta uNkulunkulu, abantu bakhulume budlabha, bekhuluma ngokuzethemba nokungangabazi, besho ababona kufanele bakusho; phezu kwalokho, uzonda labo abakholwa ukuthi bayamazi uNkulunkulu, bebe beziqhenya ngokwazi kwabo uNkulunkulu, bexoxa ngezihloko ezithinta uNkulunkulu ngaphandle kokuvimbeleka noma ngokuhleleka. Okokugcina ezidingweni ezinhlanu ukumdumisa okuphuma enhliziyweni. Lokhu yisidingo esinqala sikaNkulunkulu esingesokugcina ezidingweni zalabo abamlandelayo. Uma umuntu enolwazi olunembayo noluyiqiniso ngoNkulunkulu, uyakwazi ukumdumisa ngokweqiniso uNkulunkulu avike ububi. Lokho kumdumisa kuvela ekujuleni kwenhliziyo, kunokulangazelela, akusho ukuthi uNkulunkulu umphoqile. UNkulunkulu akaceli ukuthi uze ukhiphe isipho sokuziphatha kahle, noma ukuzimisa, noma ukuzibonakalisa ingaphandle lakho ngaye; esikhundleni salokho, ucela ukuthi umdumise ngokumesaba kusuka ekujuleni kwenhliziyo yakho. Lokhu kumdumisa kuvela emiphumeleni yokuguquka kwesimo sempilo yakho, ngoba unolwazi ngoNkulunkulu, ngoba unokumqonda uNkulunkulu nezenzo Zakhe, ngoba umqonda uNkulunkulu nobuYena, nangoba umqonda wamukela ukwazi ukuthi wena ungomunye wezidalwa zikaNkulunkulu. Ngakho, inhloso yami ekusebenziseni amagama “ekujuleni kwenhliziyo” ukuchaza indlela yokudumisa kungoba ngifuna umuntu aqonde ukuthi ukudumisa kwabantu uNkulunkulu kumele kusuke ekujuleni kwezinhliziyo.
  Zibhekisise manje lezi zidingo ezinhlanu: Bakhona lapha kinina abakwaziyo ukufinyelela kwezokuqala ezintathu? Ngalokhu ngiqonde ukumkholwa ngeqiniso, ukumlandela okunokwethembeka, nokugcina imiyalelo Yakhe ngokugcwele. Bakhona kini abakwazi ukukwenza konke lokhu? Ngiyazi ukuthi uma ngike ngathi kokuhlanu, kuzosho ukuthi akukho noyedwa wenu abangakwazi— kodwa nginehlisele ngabeka kokuthathu. Cabanga ukuthi ufinyelele yini kuzo zonke noma cha. Ngabe “ukukholwa ngeqiniso” kulula ukukwenza? (Cha, akulula.) Akulula, ngokuthi abantu banemibuzo ngoNkulunkulu. Ngabe “ukumlandela okunokwethembeka” kulula ukukwenza? (Cha, akulula.) Ubhekise kukuphi lo “okunokwethembeka”? (Usho ukungabi ngomlandela ngenhliziyo engaphelele kodwa ngayo yonke inhliziyo.) Yebo, hhayi ngenhliziyo engaphelele, kodwa ngayo yonke inhliziyo. Ushaye emhlolweni. Uyakwazi ngalokho ukufinyelela kulesi sidingo? Kumele uzame kakhudlwana—okwamanje kumele ukwazi ukufinyelela kulesi sidingo! Kusho ukuthini-ke ukuthi “ukugcina imiyalelo Yakhe ngokugcwele”—ufinyelele kulokho khona? (Cha.) Awukakafinyeleli kukho, nakho. Ucishe ube ngongagcini imiyalelo nhlobo, ungumhlubuki, awulaleli, noma usafisa ukugcina imiyalelo, noma usafuna ukuzwa. Lezi yizidingo ezibalulekile ezintathu ezidingeka kumuntu emva kokungena empilweni, kuwena kusadingeka ukuthi uphumelele kukho. Manje okwamanje, ubona unawo amandla okufinyelela kulokhu? Namuhla, seningizwile ngisho la mazwi, ngabe nizizwa niba nexhala? (Yebo!) Kufanelekile ukuthi nizwe ninexhala —ngizwa nginexhala nami ngani! Ngeke ngisafika kulezi ezinye ezimbili izidingo; ngaphandle kokungabaza, akekho okwazi ukufinyelela kuzo. Ninexhala. Ngakho senizibhekile izinjongo zenu? Ziphi izinjongo, ezibheke kuphi, kumele nizibheke, nizinikele kuzo? Ninazo izinjongo? (Yebo.) Yiziphi izinjongo zenu? Ngitsheleni. (Ukulandela iqiniso, ukulandela ulwazi ngoNkulunkulu emazwini Akhe, kuthi ekugcineni ufinyelele ekumdumiseni nasekuyigcineni imiyalelo Yakhe uNkulunkulu.) Ngicela ukukhuluma ngiqondise: Uma nifinyelele kulezi zidingo ezinhlanu, nizobe nimenelisile uNkulunkulu. Isidingo ngasinye siyinkomba, inkomba yabantu abangene empilweni baye bafinyelela ekukhuleni, nasesidingweni sokugcina salokhu. Noma ngingakhetha sibe sinye salezi zidingo ngakhuluma ngajula ngaso njengokuba siyisidingo kini, angeke kwaba lula ukufinyelela kuso; abantu kumele babekezelele ubunzima obuyisilinganiso esithile bafake imizamo eyisilinganiso esithile. Luhlobo luni lokucabanga okumele nibe nalo? Kumele nibe njengesiguli esinomdlavuza ngenkathi silindele ukuyohlinzwa. Kungani ngisho kanje? Uma ufisa ukukholwa wuNkulunkulu, ufisa ukumzuza uNkulunkulu uthole ukwaneliswa Nguye, uma ungeke ubekezelele ubunzima obuyisilinganiso esithile ufake imizamo eyisilinganiso esithile, angeke ukwazi ukuzizuza lezi zinto. Seniyizwile intshumayelo eningi, kodwa ukuyizwa akusho ukuthi le ntshumayelo ngeyenu; kumele uyithathe uyiguqulele entweni ezoba ngeyakho, kumele uyifake empilweni yakho, uyilethe ebukhoneni bakho, uvumele la mazwi nentshumayelo ukuthi kuhlahle indlela ophila ngayo, wenze impilo yakho ibaluleke futhi ibe nokuqonda—uzobe sewuthola ukuthi kunomphumela omuhle ukulalela la mazwi. Uma amazwi engiwakhulume kuwe engalethanga nguquko empilweni yakho, noma ukubaluleka ebukhoneni bakho, asikho isidingo sokuthi uwalalele. Uyakuqonda lokhu, yebo? Uma uzwile, okusele ukuthi sekungawe. Wuqale umsebenzi! Kumele ube uthembeke kuzo zonke izinto! Ungabi nje ngumuntu ophakathi nendawo—isikhathi siyabaleka! Abaningi lapha kini sebebe ngabakholwayo iminyaka elishumi nangaphezulu. Ake uqalaze emuva kule minyaka elishumi ukholwa; Uzuze kangakanani? Usalelwe iminyaka engamashumi amangaki? Akusona isikhathi eside leso; noma ngabe wenzani, ungazitsheli ukuthi uNkulunkulu emsebenzini wakhe ulinde wena, usabeke amathuba wawabekela wena. UNkulunkulu ngeke abuyele emuva azokwenza umsebenzi ofanayo. Uyakwazi ukubuyisela emuva iminyaka yakho elishumi? Usuku ngalunye oludlulayo nesinyathelo esisodwa osithathayo, izinsuku onazo ziyafinyela, zifinyela ngosuku olulodwa ngesikhathi, yebo? Isikhathi asilindi muntu! Uzozuza ekukholweni nguNkulunkulu kuphela uma ukuthatha njengento ebaluleke kakhulu empilweni yakho, kube yinto ephambili ngaphezu kokudla, kwezingubo, nangaphezu kwakho konke okunye! Uma ukholwa ngoba unesikhathi kuphela, ungakwazi ukunikela ubuwena bonke ekukholweni kwakho, uma uhlale uzama njalo, uphakathi naphakathi, angeke uzuze lutho. Uyakuqonda lokho, yebo? Sizophelela lapha namuhla! Ngizonibona ngesikhathi esizayo! (Sibonga uNkulunkulu!)
                                                                                            uNhlolanja 15, 2014
   Imibhalo yaphansi:
 a. Umbhalo wokuqala awunawo la mazwi “okuyikho okwenza laba bantu babe ngabantu abaphilayo.”
 b. Umbhalo wokuqala awunawo la mazwi “ngaphambi kokuthi babuyiselwe enyameni.”

Awekho amazwana:

Thumela amazwana