18.12.18

Isahluko 39

Masedlulele ngale kwamazwi kaNkulunkulu sikhulume kancane ngezindaba ezimayelana nezimpilo zethu ukuze izimpilo zethu ziqhakaze, siphile ngokwethemba uNkulunkulu analo ngathi. Ikakhulu, ngokufika kwenamuhla—isikhathi sokuthi ngakunye kuhlelwe ngohlobo nangokusola—kunesidingo esikhulu sokugxila kokubalulekile nokugxila “kokuthandwa yiningi.” Lokhu kuyintando kaNkulunkulu, futhi yilokho okufanele kuzuzwe ngabantu bonke. Singezinikele kanjani ngentando kaNkulunkulu ezulwini na?

16.12.18

UNkulunkulu Angazuza Isintu Kuphela Ngokusebenza Enyameni

 Amahubo Amazwi KaNkulunkulu | "UNkulunkulu Angazuza Isintu Kuphela Ngokusebenza Enyameni"

I

Ngezwi likaNkulunkulu elingokoqobo,

ubuthakathaka nokuhlubuka komuntu kuyahlulelwa futhi kwembulwe.

Bese umuntu ethola lokhu akudingayo.

Uyabona ukuthi uNkulunkulu usefikile kulo mhlaba wabantu.

15.12.18

UNkulunkulu Uyehla Nesahlulelo

Amahubo Amazwi KaNkulunkulu | "UNkulunkulu Uyehla Nesahlulelo"

Esehlela esizweni sikadrako omkhulu obomvu.

UNkulunkulu uyaphenduka abheke umhlaba bese uqala uzamazama.

Ngabe ikhona indawo engabhekani nokwahlulela Kwakhe?

Noma iphile esishayweni asehlisile?

14.12.18

UnguNkulunkulu Wethu

Amahubo Ezwi LikaNkulunkulu | "UnguNkulunkulu Wethu"

I

Akekho ngaphandle Kwakhe owazi esikucabangayo.

Akekho omunye owazi ingqikithi nemvelo yethu njengentende yesandla sakhe.

Akekho omunye ongahlulela ukuhlubuka komuntu noma izindlela zakhe ezonakele.

Akekho ongakhuluma nathi noma asebenze kithi kanje egameni likaNkulunkulu osezulwini.

Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba nokuhlakanipha negunya likaNkulunkulu.

13.12.18

Zulu Gospel Music "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"


Zulu Gospel Music "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"

I
UNkulunkulu akanandaba nokuthi umuntu uthobekile noma mkhulu.
Uma nje ezwa uNkulunkulu,
elalela lokho uNkulunkulu akuyalayo nakunikezayo,
ekwazi ukubambisana nomsebenzi Wakhe, nohlelo Lwakhe nentando Yakhe,
ukuze intando nohlelo Lwakhe kungaqhubeka ngaphandle kokuphazanyiswa,
lokhu kwenza kukufanele, kukufanele ukukhunjulwa nguNkulunkulu,
futhi kufanele ukuthola, ukuthola isibusiso Sakhe.
UNkulunkulu uyabazisa abantu abanjalo, futhi uyazazisa izenzo zabo,
nezinhliziyo kanye nokumthanda kwabo.
Yilesi isimo sengqondo sikaNkulunkulu.

12.12.18

Best Gospel Movie Clip “Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke” – Ukubhubhisa Umhlaba KukaNkulunkulu Ngozamcolo


Best  Gospel Movie Clip “Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke” – Ukubhubhisa Umhlaba KukaNkulunkulu Ngozamcolo

Lapho ubuka isiqephu esimangalisayo sebhayisikobho yobuKristu esithi Ukubhubhisa KukaNkulunkulu Umhlaba Ngozamcolo, uzothola isimo sikaNkulunkulu esingcwele esinokulunga nokunakekela nobubele Bakhe esintwini, futhi uzothola indlela eya ensindisweni kaNkulunkulu phakathi kwezinhlekelele.

11.12.18

UNkulunkulu Ufika Ngokuthula Phakathi Kwethu

Amahubo Ezwi LikaNkulunkulu | "UNkulunkulu Ufika Ngokuthula Phakathi Kwethu"

UNkulunkulu uthule, futhi akaze abonakale kithi,

nokho umsebenzi Wakhe awukaze ume.

Ubheka wonke amazwe, futhi ulawula zonke izinto,

aphinde abheke onke amazwi kanye nezenzo zomuntu.